Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 57

UJesu Welapha Intombazane Nendoda Eyisithulu

UJesu Welapha Intombazane Nendoda Eyisithulu

MATHEWU 15:21-31 MARKU 7:24-37

  • UJESU WELAPHA INDODAKAZI YOWESIFAZANE WASEFENIKE

  • WELAPHA INDODA EYISITHULU NENGAKWAZI UKUKHULUMA

Ngemva kokulahla abaFarisi namasiko abo abavunayo, uJesu uyahamba nabafundi bakhe. Ulibangise edolobheni laseThire nelaseSidoni eFenike.

UJesu uthola indlu azohlala kuyo kodwa akafuni abantu bazi ukuthi ulapho. Noma kunjalo, ngisho nalapho uyahluleka ukuzifihla. Owesifazane ongumGreki owazalelwa kule ndawo uyamthola uJesu bese emncenga: “Yiba nesihe kimi, Nkosi, Ndodana kaDavide. Indodakazi yami ihlushwa yidemoni kabuhlungu.”—Mathewu 15:22; Marku 7:26.

Ngemva kwesikhathi, abafundi bakaJesu bayamncenga bathi: “Mtshele ahambe, ngoba ulokhu ememeza emva kwethu.” UJesu uphendula ngokuchaza isizathu sokungamnaki kwakhe: “Angithunyelwanga kwabanye abantu kodwa ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli.” Nokho, lo wesifazane akapheli amandla. Uyasondela afike akhothame phambi kukaJesu amncenge athi: “Nkosi, ngisize!”—Mathewu 15:23-25.

Ngokusobala ukuze avivinye ukholo lwakhe, uJesu umkhumbuza ngeziphansi ngendlela engeyinhle amaJuda abheka ngayo abantu bezinye izizwe, uthi: “Akulungile ukuthatha isinkwa sabantwana usiphonsele imidlwane.” (Mathewu 15:26) Ngokukhuluma “ngemidlwane,” uJesu ubonisa ukuthi uyazwelana nabantu abangewona amaJuda. Kumelwe ukuba ubuso bakhe nephimbo lakhe elinozwela, kuyayibonisa leyo mizwa.

Kunokuba athukuthele, lo wesifazane wakhela kuyo le nkulumo yokubandlulula yamaJuda, ngokuzithoba athi: “Yebo, Nkosi, kodwa empeleni imidlwane idla izimvuthu eziwa etafuleni labanikazi bayo.” UJesu uyasiqaphela isimo sakhe esihle senhliziyo, bese ethi: “O wena wesifazane, lukhulu ukholo lwakho; makwenzeke njengoba ufisa.” (Mathewu 15:27, 28) Nangempela intombazane iyelapheka, ngisho noma ingekho lapho! Lapho lona wesifazane ebuyela ekhaya, uthola indodakazi yakhe ilele embhedeni, iluleme ngokuphelele—“idemoni lase liphumile!”—Marku 7:30.

Lapho besuka esifundeni saseFenike, uJesu nabafundi bakhe banqamula izwe balibangise enhla noMfula iJordani. Bawela iJordani ndawana thile enyakatho yoLwandle LwaseGalile, bese bengena esifundeni saseDekapholi. Uma befika lapho, banyukela entabeni, kodwa izixuku ziyabathola. Abantu baletha kuJesu izihlobo zabo ezingakwazi ukuhamba, ezigogekile, eziyizimpumputhe nezingakwazi ukukhuluma. Bababeka ezinyaweni zikaJesu laba abagulayo, yena abelaphe. Bemangele, abantu badumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.

UJesu unaka kakhulu indoda ethile engezwa ezindlebeni futhi enenkinga yokukhuluma. Ungase ucabange nje ukuthi kumelwe ukuba le ndoda izizwa kanjani njengoba ikulesi sixuku esikhulu. Mhlawumbe eqaphela ukuthi le ndoda yethukile, uJesu uyayisusa esixukwini. Lapho sebebodwa, uJesu uyayibonisa le ndoda ukuthi uzoyenzelani. Ufaka iminwe yakhe ezindlebeni zalo muntu, ngemva kokuphimisa amathe umthinta ulimi. Ngemva kwalokho, uJesu ubheka phezulu ezulwini bese esho amazwi ahunyushwa ngokuthi “Vuleka.” Izindlebe zalo muntu ziyavuleka futhi akhulume kahle. UJesu akafuni ukuthi le ndaba isakazeke, ufisa abantu bakholwe nguye ngokwalokho abazibonele kona mathupha nabazizwele kona mathupha.—Marku 7:32-36.

Amandla kaJesu okwelapha ngale ndlela abathinta ngokujulile ababukele, ngakho ‘bakhexa kakhulu.’ Bathi: “Zonke izinto uzenze kahle. Wenza ngisho nezithulu zizwe nabangakhulumi bakhulume.”—Marku 7:37.