Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 72

UJesu Uthuma Abafundi Abangu-70 Ukuba Bayoshumayela

UJesu Uthuma Abafundi Abangu-70 Ukuba Bayoshumayela

LUKA 10:1-24

  • UJESU UKHETHA ABAFUNDI ABANGU-70, ABATHUME UKUBA BAYOSHUMAYELA

Manje sekungasekupheleni kuka-32 CE, cishe sekuyiminyaka emithathu uJesu abhapathizwa. Yena nabafundi bakhe bebeseMkhosini wamaTabernakele eJerusalema. Kungenzeka baseseduze naseJerusalema. (Luka 10:38; Johane 11:1) Eqinisweni, uJesu uchitha izinyanga eziyisithupha ezisele zenkonzo yakhe eJudiya noma ngaphesheya koMfula iJordani esifundeni sasePhereya. Nakulezi zindawo kudingeka ukuba kushunyayelwe.

Esikhathini esidlule, ngemva kwePhasika lika-30 C.E., uJesu wachitha izinyanga ezithile eshumayela eJudiya futhi walihamba lonke elaseSamariya. Lapho sekusondele iPhasika lika-31 C.E., amaJuda eJerusalema azama ukumbulala. Ngemva kwalokho, uJesu washumayela ngokuyinhloko enyakatho, eGalile isikhathi esingangonyaka nohhafu. Ngaleso sikhathi, waba nabalandeli abaningi. EGalile, uJesu waqeqesha abaphostoli bakhe futhi wabathuma wabanikeza lesi siqondiso: “Nishumayele nithi: ‘UMbuso wamazulu ususondele.’” (Mathewu 10:5-7) Manje ube esehlela umkhankaso wokufakaza eJudiya.

Ukuze aqale lo mkhankaso, uJesu ukhetha abafundi abangu-70 bese ebathuma ngababili. Ngakho kunamaqembu angu-35 abashumayeli boMbuso kuleyo ndawo, lapho ‘umsebenzi wokuvuna umkhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa khona.’ (Luka 10:2) Bazoqala ezindaweni uJesu azoshumayela kuzo kamuva. Abangu-70 bazokwelapha abagulayo basakaze nomyalezo ofana nalowo uJesu abelokhu ewumemezela.

Laba bafundi akumelwe bagxile ekushumayeleni emasinagogeni. UJesu ubatshela ukuthi baye emizini yabantu. Uyabayala: “Nomaphi lapho ningena khona endlini, niqale nithi: ‘Kwangathi le ndlu ingaba nokuthula.’ Uma umngane wokuthula ekhona, ukuthula kwenu kuyohlala kuye.” Uzobe uthini umyalezo wabo? UJesu uyabatshela: “Nithi: ‘UMbuso kaNkulunkulu ususondele kini.’”—Luka 10:5-9.

Lezi ziqondiso uJesu azinikeza abangu-70 ziyafana nalezo ayezinikeze abaphostoli abangu-12 ngesikhathi ebathuma ngonyaka odlule. Uyabaxwayisa ngokuthi akuwona wonke umuntu ozobamukela kahle. Nokho, imizamo yabo izolungiselela labo abalalelayo ukuze lapho uJesu efika emva kwabo, abaningi bebe bekulangazelela ukuhlangana neNkosi futhi bafunde kuyo.

Kungakabiphi, abashumayeli boMbuso abangamaqembu angu-35 babuyela kuJesu. Bejabule bathi: “Nkosi, ngisho namademoni ayasithobela ngokusebenzisa igama lakho.” Ngokuqinisekile, lo mbiko omuhle uyamjabulisa uJesu bese ethi: “Ngibona uSathane esewile kakade njengombani uvela ezulwini. Bhekani! Ngininike igunya lokunyathela izinyoka nofezela.”—Luka 10:17-19.

Ngakho uJesu uqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi bayokwazi ukunqoba izinto ezilimazayo, nokunyathela izinyoka nofezela ngokomfanekiso. Ngaphezu kwalokho, bangaqiniseka ngokuthi esikhathini esizayo uSathane uyowa evela ezulwini. UJesu uphinde asize abangu-70 ukuba babone ukuthi yini ebaluleke ngempela. Uthi: “Ningajatshuliswa ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jatshuliswani ukuthi amagama enu alotshiwe emazulwini.”—Luka 10:20.

UJesu ugajwa yinjabulo bese edumisa uYise obala ngokusebenzisa lezi zinceku ezithobekile ngale ndlela enamandla. Ube esekhuluma nabafundi bakhe, athi: “Ayajabula amehlo abona izinto enizibonayo. Ngoba ngithi kini, abaprofethi abaningi namakhosi babefisa ukubona izinto enizibonayo kodwa abazibonanga, nokuzwa izinto enizizwayo kodwa abazizwanga.”—Luka 10:23, 24.