Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 76

UJesu Udla NomFarisi

UJesu Udla NomFarisi

LUKA 11:37-54

  • UJESU ULAHLA UBUZENZISI BABAFARISI

Ngesikhathi eseJudiya, uJesu wamukela isimemo somFarisi. Cishe ummemela esidlweni sasemini. (Luka 11:37, 38; qhathanisa noLuka 14:12.) Ngaphambi kokuba badle, abaFarisi bageza izandla zabo kuze kufike endololwaneni, njengoba kuyisiko labo. Kodwa uJesu akakwenzi lokho. (Mathewu 15:1, 2) Akuyona into uNkulunkulu ayifunayo ukuba kugezwe izandla kuze kufike endololwaneni kodwa futhi akukona ukwephula uMthetho kaNkulunkulu ukungakwenzi.

Kuyammangaza umFarisi ukuthi uJesu akalilandeli leli siko. UJesu uyakubona lokhu bese ethi: “Nina baFarisi, nigeza ingaphandle lendebe nesitsha, kodwa ngaphakathi nigcwele ukuhaha nobubi. Bantu abangenangqondo! Lowo owenza ingaphandle wenza nengaphakathi, akunjalo?”—Luka 11:39, 40.

Ukugeza izandla ngaphambi kokudla akuyona inkinga, kodwa ubuzenzisi benkolo yibo obuyinkinga. AbaFarisi nabanye abageza izandla zabo ngokwesiko, bayehluleka ukuhlanza ububi obusezinhliziyweni zabo. Ngakho uJesu uyabeluleka: “Nikelani ngezinto ezivela enhliziyweni, khona-ke, zonke izinto eziphathelene nani ziyoba ezihlanzekile.” (Luka 11:41) Aze ayiqiniso lawo mazwi! Umuntu kufanele aphe ngokusuka enhliziyweni enothando, hhayi ngoba efuna ukubukisa kwabanye noma ukuzenza olungile.

Akukhona ukuthi la madoda awaphani. UJesu uthi: “Ninikela okweshumi kweminti nokweruwe nokwazo zonke ezinye izitshalo zezithako zasengadini, kodwa anibunaki ubulungisa nothando lukaNkulunkulu! Lezi zinto benibophekile ukuba nizenze, kodwa bekungamelwe ningakunaki nalokhu okunye.” (Luka 11:42) UMthetho kaNkulunkulu wawuthi kwakufanele bakhokhe okweshumi kwazo zonke izitshalo zabo. (Duteronomi 14:22) Lokho kwakuhlanganisa iminti neruwe, noma ezinye izitshalo ezazisetshenziselwa ukunonga ukudla. AbaFarisi babeqikelela ukuthi bayakukhokha okweshumi kwalezi zitshalo, kodwa kuthiwani ngezinto ezibalulekile ezazidingwa uMthetho, njengokubonisa ubulungisa nokuba nesizotha phambi kukaNkulunkulu?—Mika 6:8.

UJesu uqhubeka athi: “Maye kini baFarisi, ngoba nithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni nokubingelelwa ezimakethe! Maye kini, ngoba ninjengalawo mathuna angabonakali kahle, abantu abahamba phezu kwawo bengazi!” (Luka 11:43, 44) Yebo, abantu bangazithola sebehamba kulawo mathuna bese beba abangahlanzekile ngokwalokho uMthetho okushoyo. UJesu usebenzisa lokho ukuze abonise ukuthi abaFarisi bangcolile ngaphakathi ezinhliziyweni zabo.—Mathewu 23:27.

Enye indoda ewazi kahle uMthetho kaNkulunkulu iyakhononda ithi: “Mfundisi, ngokusho lezi zinto uyasithuka nathi.” Kodwa amadoda anjalo kumele aqonde ukuthi ayahluleka ukusiza abantu. UJesu uthi: “Maye nakini eniyizazi zoMthetho, ngoba nithwesa abantu imithwalo okunzima ukuyithwala, kodwa nina ngokwenu aniyithinti nangowodwa weminwe yenu leyo mithwalo! Maye kini, ngoba nakha amathuna abaprofethi, kodwa okhokho benu bababulala!”—Luka 11:45-47.

Imithwalo uJesu akhuluma ngayo, amasiko angasekelwe eMthethweni nokushintsha kwabaFarisi lokho okwakushiwo uMthetho. La madoda enza ukuphila kwabantu kube nzima. Aphoqa abantu ukuba bathwale imithwalo esindayo. Okhokho bawo babulala abaprofethi bakaNkulunkulu, kusukela ku-Abela kuqhubeke. Manje, enza kubonakale sengathi adumisa abaprofethi ngokubakhela amathuna, elingisa isimo sengqondo nezenzo zokhokho bawo. Asefuna ngisho ukubulala umProfethi kaNkulunkulu omkhulu kunabo bonke. UJesu uthi uNkulunkulu uyosijezisa lesi sizukulwane. Lokho kwenzeka eminyakeni engu-38 kamuva, ngo-70 C.E.

UJesu uyaqhubeka: “Maye kini zazi zoMthetho, ngoba nisuse isihluthulelo solwazi. Nina ngokwenu aningenanga, nalabo abangenayo niyabavimba!” (Luka 11:52) La madoda kufanele ngabe afundisa abantu iZwi likaNkulunkulu, kunalokho aphuca abantu ithuba lokuba balazi futhi baliqonde.

Benzenjani abaFarisi nababhali lapho uJesu esho lokhu? Njengoba ehamba, baqala ukumgxeka ngentukuthelo nokumhlasela ngemibuzo. Ababuzi ngoba befuna ukwazi. Kunalokho, bafuna ukwenza uJesu asho into abangayisebenzisa ukuze bambophise.