Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 80

Umalusi Omuhle Nesibaya Sezimvu

Umalusi Omuhle Nesibaya Sezimvu

JOHANE 10:1-21

  • UJESU UKHULUMA NGOMALUSI OMUHLE NESIBAYA SEZIMVU

Njengoba uJesu eqhubeka efundisa eJudiya, ukhuluma ngento izilaleli ezingayiqonda kalula—izimvu nesibaya sezimvu. Kodwa wenza umfanekiso. AmaJuda angase awakhumbule la mazwi kaDavide: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngiswele lutho. Ungilalisa emadlelweni aluhlaza.” (IHubo 23:1, 2) Kwelinye ihubo, nakhu uDavide acela isizwe ukuba sikwenze: “Masiguqe phambi kukaJehova uMenzi wethu. Ngoba unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe.” (IHubo 95:6, 7) Ngaphansi koMthetho kaMose, ama-Israyeli ayehlale efaniswa nomhlambi wezimvu.

Ngenxa yokuthi zazalelwa ngaphansi kwesivumelwano soMthetho kaMose, lezi ‘zimvu’ bezilokhu ‘zisesibayeni.’ Lo Mthetho wawunjengothango olubavikelayo emikhubeni eyayingabangcolisa eyayenziwa abantu abangekho ngaphansi koMthetho. Kodwa amanye ama-Israyeli ayewuphatha kabi umhlambi kaNkulunkulu. UJesu uthi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, ongangeni ngesango esibayeni sezimvu kodwa akhwele udonga, uyisela nomphangi. Kodwa ongena ngesango ungumalusi wezimvu.”—Johane 10:1, 2.

Abantu bangase bacabange ngamadoda athi angoMesiya noma oKristu. La madoda anjengamasela nabaphangi. Abantu akufanele balandele abantu abanjalo abakhohlisayo. Kunalokho, kufanele balandele ‘umalusi wezimvu’ uJesu athi ngaye:

“Umlindisango uyamvulela, nezimvu ziyalilalela izwi lakhe. Ubiza izimvu zakhe ngamagama aziholele ngaphandle. Lapho esezikhiphe zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngoba ziyalazi izwi lakhe. Azisoze zasilandela isihambi kodwa ziyosibalekela, ngoba azilazi izwi lezihambi.”—Johane 10:3-5.

Esikhathini esedlule, uJohane uMbhapathizi owayenjengomlindisango, wathi lezo zimvu ezingokomfanekiso ezingaphansi koMthetho kufanele zilandele uJesu. Ezinye izimvu eGalile, nalapha eJudiya, zakwazi ukulizwa izwi likaJesu. ‘Wayezoziholela’ kuphi? Yini ezaziyoyithola ngokumlandela? Abanye ababelalele lo mfanekiso babengase bazibuze le mibuzo, ngenxa yokuthi ‘babengakuqondi ayekusho kubo.’—Johane 10:6.

UJesu uyachaza: “Ngiqinisile impela ngithi kini, mina ngiyisango lezimvu. Bonke abeze esikhundleni sami bangamasela nabaphangi; kodwa izimvu azibalalelanga. Mina ngiyisango; noma ubani ongena ngami uyosindiswa, futhi uyongena aphinde aphume athole idlelo.”—Johane 10:7-9.

Kuyacaca ukuthi uJesu ukhuluma ngento entsha. Izilaleli zakhe ziyazi ukuthi akasona isivumelwano soMthetho, esaba khona kusukela kudala. Ngakho kufanele ukuba uthi izimvu ‘aziholela ngaphandle’ zizongena kwesinye isibaya. Bese kwenzekani?

Eqhubeka nokuchaza lokho azokufeza, uJesu uthi: “Mina ngizele ukuba zibe nokuphila futhi zibe nakho ngokuchichimayo. Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle unikela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.” (Johane 10:10, 11) UJesu uke wabaduduza abafundi bakhe ngokuthi: “Ungesabi mhlambi omncane, ngoba uYihlo uyakujabulela ukuninika uMbuso.” (Luka 12:32) Ngempela, labo ‘abawumhlambi omncane,’ yilabo uJesu ayobaholela esibayeni esihle, ukuze babe ‘nokuphila futhi babe nakho ngokuchichimayo.’ Kuyisibusiso ngempela ukuba ingxenye yalowo mhlambi!

Nokho, le ndaba kaJesu ayipheleli la. Uthi: “Nginezinye izimvu, ezingezona ezalesi sibaya; nazo kumelwe ngizilethe, zilalele izwi lami, futhi ziyoba mhlambi munye, nomalusi munye.” (Johane 10:16) Lezi ‘ezinye izimvu’ ‘akuzona ezalesi sibaya.’ Ngakho kufanele zibe kwesinye isibaya esihlukile ‘kwesomhlambi omncane’ oyothola ifa loMbuso. Le mihlambi emibili yezimvu, inamathemba okuphila ezindaweni ezingafani. Nakuba lezi zimvu zinamathemba angafani, ziyozuza kuJesu lapho esebusa. Uthi: “Yingakho uBaba engithanda, ngoba nginikela ukuphila kwami ukuze ngiphinde ngikwamukele.”—Johane 10:17.

Abaningi esixukwini bathi: “Unedemoni futhi uyahlanya.” Kodwa abanye balalele ngempela futhi bazimisele ukulandela uMalusi Omuhle. Bathi: “Lawa akuwona amazwi omuntu onedemoni. Idemoni alinakuwavula amehlo ezimpumputhe, akunjalo?” (Johane 10:20, 21) Kungenzeka bakhuluma ngalokho uJesu asanda kukwenza, ukwelapha indoda eyimpumputhe.