Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 82

Inkonzo KaJesu EPhereya

Inkonzo KaJesu EPhereya

LUKA 13:22–14:6

  • KUDINGEKA SIZIKHANDLE UKUZE SINGENE NGOMNYANGO OMNCANE

  • UJESU KUMELWE AFELE EJERUSALEMA

UJesu ubelokhu efundisa futhi elapha abantu eJudiya naseJerusalema. Ube esewela uMfula iJordani ukuze afundise emadolobheni asesifundeni sasePhereya. Nokho, ngokushesha uzobuyela eJerusalema.

Ngesikhathi uJesu esePhereya, indoda ethile imbuza lo mbuzo: “Nkosi, ingabe abasindiswayo bambalwa?” Cishe le ndoda iyazazi izimpikiswano ezikhona phakathi kwabaholi benkolo mayelana nokuthi baningi yini abayosindiswa noma bambalwa. Kunokukhuluma ngokuthi bangaki abayosindiswa, uJesu ukhuluma ngokuthi umuntu kumelwe enzeni ukuze asindiswe. Uthi: “Sebenzani ngokuzikhandla ukuze ningene ngomnyango omncane.” Yebo, kudingeka sizame kanzima futhi sizikhandle. Kungani? UJesu uyachaza: “Ngiyanitshela abaningi bayofuna ukungena kodwa ngeke bakwazi.”—Luka 13:23, 24.

Ukuze afanekise isidingo sokuzikhandla, uJesu uthi: “Lapho umninindlu evuka ekhiya umnyango, niyoma ngaphandle ningqongqoze emnyango, nithi, ‘Nkosi, sivulele.’ . . . Kodwa uyothi kini, ‘Angazi ukuthi nivelaphi. Sukani kimi, nonke nina benzi bokubi!’”—Luka 13:25-27.

Lokhu kusifanekisa kahle isimo esinzima somuntu ofika sekwephuzile—ngokusobala lapho sekulula kuye—athole ukuthi umnyango usuvaliwe wakhiywa. Bekufanele afike ngesikhathi, ngisho noma ngabe kuthiwa bekungelula ukwenza kanjalo. Kunjalo ngabaningi okufanele ngabe bazuzile lapho uJesu ebafundisa. Bahlulekile ukusebenzisa leli thuba ukuze benze ukukhulekela kweqiniso kube yinto eza kuqala ekuphileni kwabo. Labo uJesu athunywe kubo, abalamukelanga ilungiselelo likaNkulunkulu lensindiso. UJesu uthi ‘bayokhala baququde amazinyo’ lapho bephonswa ngaphandle. Kodwa abantu ‘abavela empumalanga nasentshonalanga nasenyakatho naseningizimu,’ yebo, abavela kuzo zonke izizwe, “bayohlala etafuleni eMbusweni kaNkulunkulu.”—Luka 13:28, 29.

UJesu uyachaza: “Kukhona abokugcina [njengalabo abangewona amaJuda namaJuda acindezelwe] abayoba ngabokuqala, futhi kukhona abokuqala [abaholi benkolo abaziqhenya ngokuba inzalo ka-Abrahama] abayoba ngabokugcina.” (Luka 13:30) Ukuba kwabo “abokugcina” kusho ukuthi njengoba bengabongi, ngeke nhlobo babe seMbusweni kaNkulunkulu.

Abanye abaFarisi beza kuJesu bese beyamxwayisa bathi: “Phuma uhambe lapha ngoba uHerode [Antipase] ufuna ukukubulala.” Mhlawumbe iNkosi uHerode iqale la mahemuhemu ukuze yenze uJesu ahambe kule ndawo. Kungenzeka uHerode usaba ukuthi ngandlela-thile angase ahileleke ekubulaleni omunye umprofethi, njengoba ahileleka ekubulaleni uJohane uMbhapathizi. UJesu uthi kubaFarisi: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi, ‘Bheka! Ngikhipha amademoni futhi ngelapha abantu namuhla nakusasa, ngosuku lwesithathu ngizobe sengiqedile.’” (Luka 13:31, 32) UJesu ubiza uHerode ngokuthi ‘impungushe’ mhlawumbe ebhekisela endleleni izimpungushe ezingamaqili ngayo. Kodwa uJesu ngeke adlale uHerode noma ashushwe nguye, nanoma ubani omunye umuntu. Uzokwenza isabelo uYise amnike sona, ngokwendlela kaNkulunkulu, hhayi eyomuntu.

UJesu uqhubeka nohambo lwakhe aye ngaseJerusalema ngoba, njengoba esho, “akukwazi ukuba umprofethi abulawelwe ngaphandle kweJerusalema.” (Luka 13:33) Asikho isiprofetho seBhayibheli esithi uMesiya kumelwe afele kulelo dolobha, pho kungani uJesu ekhuluma ngokubulawelwa khona? Kungenxa yokuthi iJerusalema liyinhloko-dolobha, lapho amalungu angu-71 enkantolo ephakeme iSanhedrini ehlala khona nalapho kuthethwa khona amacala alabo abamangalelwa ngokuba abaprofethi bamanga. Ngaphezu kwalokho, imihlatshelo yezilwane inikelwa khona. Ngakho uJesu uyabona ukuthi ngeke kufaneleke ukuba abulawelwe kwenye indawo.

UJesu ukhalela iJerusalema, uthi: “Jerusalema, Jerusalema, mbulali wabaprofethi nokhanda ngamatshe labo abathunyelwe kuwe—kukaningi kangakanani nje ngifuna ukubuthela abantwana bakho ndawonye ngendlela isikhukhukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso! Kodwa nina anifunanga. Bhekani! Indlu yenu ishiywa nani.” (Luka 13:34, 35) Lesi sizwe senqaba iNdodana kaNkulunkulu futhi kumelwe sibhekane nemiphumela yalokho!

Ngaphambi kokuba uJesu afike eJerusalema, umholi wabaFarisi ummemela kwakhe ukuze bazodla ngeSabatha. Labo abamenyiwe, bayabukisisa ukuze babone ukuthi yini uJesu azoyenza ngale ndoda ekhona enesifo sokuvuvukala, isikhathi esiningi okubangelwa ukunqwabelana koketshezi emilenzeni nasezinyaweni. UJesu ubuza abaFarisi lo mbuzo ngoba bayizazi zoMthetho: “Kungokomthetho yini ukwelapha ngeSabatha noma cha?”—Luka 14:3.

Inkukhu inqunywa umlomo. UJesu uyayelapha le ndoda bese eyababuza: “Ubani kini, ongathi uma indodana yakhe noma inkomo yakhe iwele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lweSabatha?” (Luka 14:5) Nalapha futhi bayehluleka ukuphendula noma ukuphikisa lo mbono wakhe onengqondo.