Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 86

Indodana Ebilahlekile Iyabuya

Indodana Ebilahlekile Iyabuya

LUKA 15:11-32

  • UMFANEKISO WENDODANA EBILAHLEKILE

Ngesikhathi esePhereya esempumalanga yoMfula iJordani, uJesu wenza umfanekiso wemvu eyayilahlekile nowohlamvu lwemali olwalulahlekile. Yomibili le mifanekiso isifundisa ukuthi kufanele sijabule lapho isoni siphenduka futhi sibuyela kuNkulunkulu. AbaFarisi nababhali bebelokhu bemgxeka uJesu ngenxa yokuthi uyazamukela lezi zinhlobo zabantu. Kodwa kukhona yini laba bagxeki abakufundayo kule mifanekiso kaJesu emibili? Bayaqonda yini ukuthi uBaba wethu osezulwini uzizwa kanjani ngezoni eziphendukayo? UJesu manje wenza umfanekiso othinta inhliziyo ogcizelela isifundo esibalulekile asiveze emfanekisweni odlule.

Kulo mfanekiso, uJesu ukhuluma ngobaba onamadodana amabili, indodana encane ingumlingiswa oyinhloko. AbaFarisi nababhali nabanye abalalele uJesu, kufanele bafunde kulokho okushiwo ngale ndodana encane kulo mfanekiso. Nokho, akufanele kushaywe indiva lokho uJesu akushoyo ngobaba nangendodana endala ngoba singafunda okuthile esimweni sabo sengqondo. Ngakho, njengoba uJesu elandisa lo mfanekiso, cabanga ngawo womathathu la madoda:

UJesu uqala athi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili. Encane yathi kuyise, ‘Baba, nginike ingxenye yempahla okufanele ize kimi.’ Ngakho, wawahlukanisela impahla yakhe.” (Luka 15:11, 12) Phawula ukuthi le ndodana encane, ayifuni ifa layo ngoba uyise esefile kodwa usaphila. Noma kunjalo, le ndodana encane ifuna ifa layo manje ukuze izimele futhi yenze noma yini eyifunayo ngalo. Kuyini lokho?

UJesu uyachaza: “Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, indodana encane yaqoqa zonke izinto yaya ezweni elikude, yasaphaza lapho impahla yayo ngokuphila ukuphila kokuzitika ngamanyala.” (Luka 15:13) Kunokuhlala ekhaya elalivikelekile, elalinobaba onakekelayo futhi obanikeza abakudingayo, le ndodana iyahamba iye kwelinye izwe. Kulelo zwe isaphaza impahla yayo futhi izitike ngamanyala. Ibe isihlangana nezimbila zithutha, njengoba uJesu elandisa:

“Lapho isikusebenzise konke eyayinakho, kwaba khona indlala enkulu kulo lonke lelo zwe, yaqala ukuswela. Yaze yahamba yazihlanganisa nesinye sezakhamuzi zalelo zwe esayithumela emadlelweni aso ukuba yeluse izingulube. Yayifisa ukusuthiswa ukudla kwezingulube, kodwa akekho owayeyinika utho.”—Luka 15:14-16.

UMthetho kaNkulunkulu wawuthi izingulube zingcolile, noma kunjalo le ndodana kwakufanele izeluse. Ngenxa yendlala, ifuna ukudla ukudla okwakudliwa kuphela izilwane, izingulube eyayizelusa. Isakhungatheke kanjalo ‘iyasanguluka.’ Yenzenjani? Ithi: “Yeka ukuthi ziningi kangakanani izisebenzi zikababa ezinenala yesinkwa, kuyilapho mina ngifa indlala lapha! Ngizosuka ngiye kubaba ngithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu nakuwe. Akusangifanele ukubizwa ngokuthi ngiyindodana yakho. Ngenze ngibe omunye wezisebenzi zakho.’” Ngakho iyasukuma iye kuyise.—Luka 15:17-20.

Uzokwenzenjani uyise? Ingabe uzoyithukuthelela ayithethisele ukushiya ikhaya kwasekuqaleni? Ingabe ubaba uzobonisa ukungabi nandaba angayamukeli? Wawuyokwenzenjani ukuba kwakunguwe? Ukube kwakuyindodana noma indodakazi yakho, wawuyokwenzenjani?

INDODANA EBILAHLEKILE IYATHOLAKALA

UJesu uchaza indlela ubaba enza ngayo nazizwa ngayo: “Lapho [indodana] isekude, uyise wayibona wayihawukela, wagijima wayanga ngothando wayiqabula.” (Luka 15:20) Ngisho noma ngabe ubaba ubezwile ukuthi indodana yakhe ibizitika ngamanyala, kodwa uyayamukela. Abaholi bamaJuda abathi bayamazi futhi bayamkhonza uJehova, bazoyibona yini indlela uBaba wethu osezulwini azizwa ngayo ngezoni eziphendukayo? Bazokwazi yini ukubona ukuthi noJesu ubelokhu ezamukela kanjalo izoni eziphendukayo?

Ubaba onokuqonda ubengase aphethe ngokuthi indodana yakhe iphendukile ngokubuka ubuso bayo obudangele. Isinyathelo sikababa sokuyohlangabeza indodana, senza kube lula ukuba ivume izono zayo. UJesu uqhubeka nokulandisa, uthi: “Indodana yathi kuye, ‘Baba, ngonile kulo izulu nakuwe. Akusangifanele ukubizwa ngokuthi ngiyindodana yakho.’”—Luka 15:21.

Uyise uthi ezincekwini zakhe: “Sheshani! Khiphani ingubo enhle kunazo zonke, nimgqokise yona, nifake indandatho esandleni sakhe nezimbadada ezinyaweni zakhe. Lethani nethole elikhuluphele, nilihlabe, sidle sihalalise, ngoba le ndodana yami ibifile, manje isiyaphila; ibilahlekile, manje isitholakele.” Baqala “ukuzijabulisa.”—Luka 15:22-24.

Njengoba behalalisa, indodana endala isensimini. UJesu uthi ngendodana endala: “Njengoba ibuya futhi isondela ngasendlini, yezwa umculo nokudansa. Ngakho yabiza enye yezinceku yayibuza ukuthi kwenzekani. Yathi kuyo, ‘Umfowenu ubuyile, uyihlo umhlabele ithole elikhuluphele, ngoba umthole ephile saka.’ Kodwa yathukuthela, yenqaba ukungena ngaphakathi. Uyise waphuma wayincenga. Iphendula yathi kuyise, ‘Bheka! Sekuyiminyaka eminingi ngiyinceku yakho futhi angikaze nakanye ngeqe imiyalo yakho, kodwa awukaze nakanye unginike izinyane ukuze ngizijabulise nabangane bami. Kodwa ngokushesha nje lapho kufika le ndodana yakho eyadla izinto zakho nezifebe, uyihlabele ithole elikhuluphele.’”—Luka 15:25-30.

Njengale ndodana endala, obani abagxeka uJesu ngokunaka nokuba nomusa kubantu abavamile nezoni? Ababhali nabaFarisi. Ukugxeka uJesu ngokuthi wamukela izoni, yikhona okubangele ukuba uJesu enze lo mfanekiso. Yiqiniso, noma ubani ogxeka uNkulunkulu ngokubonisa umusa, kufanele afunde kule ndaba.

UJesu uphetha umfanekiso wakhe ngokuveza indlela ubaba ancenga ngayo indodana yakhe endala: “Ndodana yami, ubulokhu unami sonke lesi sikhathi, zonke izinto zami ezakho. Kodwa bekufanele sihalalise futhi sijabule, ngoba umfowenu ubefile manje useyaphila; ubelahlekile manje usetholakele.”—Luka 15:31, 32.

UJesu akasho ukuthi yini eyabe seyenziwa yindodana endala. Nokho, ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu, “isixuku esikhulu sabapristi saba amakholwa.” (IzEnzo 6:7) Kungenzeka phakathi kwalabo bapristi ababa amakholwa, kwakukhona labo abezwa uJesu esho lo mfanekiso onamandla wendodana yolahleko. Yiqiniso, nabo babengasanguluka baphenduke babuyele kuNkulunkulu.

Kusukela ngalolo suku kuqhubeke, abafundi bakaJesu kufanele bafunde izifundo eziyinhloko kulo mfanekiso omuhle futhi bangakwenza lokho. Isifundo esiyinhloko kulo mfanekiso, ukuthi kuwukuhlakanipha ukuhlala sivikelekile nabantu bakaNkulunkulu, sinakekelwa uBaba osithandayo futhi osinikeza lokho esikudingayo, kunokuhamba sizulazula sijaha injabulo “ezweni elikude.”

Esinye isifundo esisitholayo ukuthi uma noma ubani kithi eshiya uNkulunkulu, kumelwe azithobe abuyele kuBaba wethu ukuze aphinde ajabulele umusa wakhe.

Esinye isifundo singasithola ngokuqhathanisa indlela ubaba ayithethelela ngayo futhi ayamukela ngayo indodana yakhe encane, nendlela indodana endala eyambambela ngayo igqubu umfowabo futhi yangamamukela ngomusa. Kuyacaca ukuthi izikhonzi zikaNkulunkulu kufanele zamukele noma ubani oye walahleka kodwa waphenduka futhi wabuyela ‘endlini kababa.’ Masijabule ngokuthi umfowethu ‘obefile manje uyaphila’ nokuthi loyo ‘obelahlekile manje usetholakele.’