Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 89

Ufundisa EPhereya Esendleleni Eya EJudiya

Ufundisa EPhereya Esendleleni Eya EJudiya

LUKA 17:1-10 JOHANE 11:1-16

  • UKUKHUBEKISA OMUNYE AKUYONA INDABA ENCANE

  • THETHELELA FUTHI UBONISE UKHOLO

Sekuyisikhashana uJesu esendaweni ‘engaphesheya kweJordani’ ebizwa ngokuthi iPhereya. (Johane 10:40) Manje uya ngaseningizimu yeJerusalema.

UJesu akahambi yedwa. Uhamba nabafundi bakhe, kanye ‘nesixuku esikhulu’ okuhlanganisa nabaqoqi bentela nezoni. (Luka 14:25; 15:1) Kukhona nabaFarisi nababhali abakugxekayo lokho uJesu akushoyo nakwenzayo. Kuningi okufanele bacabange ngakho ngemva kokuzwa uJesu esho umfanekiso wemvu elahlekile, indodana yolahleko, nendoda eyisicebi noLazaru.—Luka 15:2; 16:14.

Njengoba kungenzeka ukuthi ukugxeka nokubhuqa kwabaphikisi bakhe kusankeneneza ezindlebeni zikaJesu, ube esekhuluma nabafundi bakhe. Ukhuluma ngezinto abefundise ngazo eGalile.

Ngokwesibonelo, uJesu uthi: “Akunakugwenywa ukuba kwenzeke izinto ezikhubekisa abanye. Noma kunjalo, maye kulowo owenza lezo zinto kwabanye! . . . Qaphelani. Uma umfowenu enza isono, mkhuze, uma ephenduka, mthethelele. Ngisho noma ona kuwe kasikhombisa ngosuku, abuye kuwe kasikhombisa, ethi, ‘Ngiyaphenduka,’ kumelwe umthethelele.” (Luka 17:1-4) Lokho okushiwo uJesu ekugcineni kungase kukhumbuze uPetru umbuzo awubuza mayelana nokuthethelela izikhathi eziyisikhombisa.—Mathewu 18:21.

Bazokwazi yini abafundi ukwenza lokho uJesu akushoyo? Lapho bethi kuJesu, “Siphe ukholo olwengeziwe,” uyabaqinisekisa athi: “Ukube beninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, beniyothi kulesi sihlahla sikamalibhele omnyama, ‘Siphuleka utshaleke olwandle!’ sinilalele.” (Luka 17:5, 6) Yebo, ngisho nokholo oluncane lungafeza izinto ezinkulu.

UJesu ube eseqhubeka efundisa ngendlela okubaluleke ngayo ukuthobeka nokulinganisela endleleni umuntu azibheka ngayo, uthi kubaphostoli: “Ubani kini ongathi enenceku elimayo noma eyelusayo, kuthi lapho ingena ivela ensimini athi kuyo, ‘Woza lapha khona manje udle etafuleni’? Kunalokho, ngeke yini athi kuyo, ‘Lungisa okuthile ukuze ngidle isidlo sami sakusihlwa, ufake iphinifa, ungikhonze ngize ngiqede ukudla nokuphuza, kamuva nawe ungadla uphuze’? Ngeke ayibonge inceku ngoba yenze umsebenzi wayo, akunjalo? Ngokufanayo nani, lapho nenze zonke izinto enabelwe zona, anothi: ‘Siyizinceku ezingelusizo lwalutho. Lokho esikwenzile yilokho obekufanele sikwenze.’”—Luka 17:7-10.

Isikhonzi ngasinye sikaNkulunkulu kufanele siqonde ukubaluleka kokubeka izinto zikaNkulunkulu kuqala. Ngaphezu kwalokho, ngasinye kufanele sikhumbule ilungelo elinaso lokukhonza uNkulunkulu njengelungu lendlu yakhe.

Ngemva nje kwalokhu kufika isithunywa esithunywe uMariya noMarta. Bangosisi bakaLazaru futhi bahlala eBethaniya eliseJudiya. Isithunywa sithi: “Nkosi, bheka! lowo omthandayo uyagula.”—Johane 11:1-3.

Nakuba etshelwe ukuthi umngane wakhe uLazaru ubangwa nezibi, lokho akumqedi amandla uJesu. Kunalokho uthi: “Injongo yalokhu kugula ayikhona ukufa, kodwa iwukuba kukhazinyuliswe uNkulunkulu, ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho.” Uyaqhubeka ehleli endaweni akuyo izinsuku ezimbili, bese ethi kubafundi bakhe: “Masiphinde siye eJudiya.” Bayamphikisa bathi kuye: “Rabi, muva nje abaseJudiya bebefuna ukukukhanda ngamatshe, kodwa uya khona futhi?”—Johane 11:4, 7, 8.

UJesu uyabaphendula: “Imini inamahora angu-12, akunjalo? Uma umuntu ehamba emini ayikho into emkhubayo, ngoba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngoba ukukhanya akukho kuye.” (Johane 11:9, 10) Azama ukukusho ukuthi isikhathi uNkulunkulu asinikeze uJesu ukuba ayenze ayiqede inkonzo yakhe asikakafiki. Njengoba singakafiki, uJesu kudingeka asisebenzise ngokugcwele isikhathi esifushane esimsalele.

UJesu uyenezela: “ULazaru umngane wethu ulele, kodwa ngiya khona ukuze ngimvuse.” Ngokusobala, becabanga ukuthi uLazaru umane nje ulele futhi uzoba ngcono, abafundi bathi: “Nkosi, uma elele, uzolulama.” UJesu ubatshela ngokucacile: “ULazaru ufile . . . Masiye kuye.”—Johane 11:11-15.

Eqaphela ukuthi uJesu angase abulawe eJudiya, kodwa efisa ukumsekela, uTomase uncenga abanye abafundi athi: “Masihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”—Johane 11:16.