Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 99

UJesu Welapha Amadoda Ayizimpumputhe, Asize NoZakewu

UJesu Welapha Amadoda Ayizimpumputhe, Asize NoZakewu

MATHEWU 20:29-34 MARKU 10:46-52 LUKA 18:35–19:10

  • UJESU UVULA AMEHLO AMADODA AYIZIMPUMPUTHE EJERIKO

  • UZAKEWU UMQOQI WENTELA UYAPHENDUKA

UJesu nalabo ahamba nabo bayafika eJeriko, okuwuhambo olungathatha usuku uma usuka eJerusalema. Ngomqondo othile, iJeriko linamadolobha amabili, idolobha elidala liqhele ngamakhilomitha angu-1,6 ukusuka edolobheni elisha lamaRoma. Njengoba uJesu nezixuku bephuma kwelinye idolobha beya kwelinye, amadoda amabili ayizimpumputhe ezwa umsindo wezixuku. Igama leyodwa uBartimewu.

Lapho bezwa ukuthi kudlula uJesu, uBartimewu nomngane wakhe baqala ukumemeza bathi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” (Mathewu 20:30) Abanye esixukwini bathi abathule, kodwa la madoda amemeza nakakhulu. Lapho esizwa lesi siphithiphithi, uJesu uyama. Ucela labo abakanye naye ukuba babize lowo omemezayo. Baya kulezi zimpumputhe bathi kwenye yazo: “Yiba nesibindi! Sukuma; uyakubiza.” (Marku 10:49) Ihluleka ukuzibamba, le ndoda engaboni ikhumula izingubo zayo zangaphandle igxume iye kuJesu.

UJesu uyabuza: “Nifuna nginenzeleni?” Athi kuye: “Nkosi, yenza amehlo ethu avuleke.” (Mathewu 20:32, 33) Ewazwela, uJesu uthinta amehlo awo bese ethi kweyodwa yawo: “Hamba. Ukholo lwakho lukuphilisile.” (Marku 10:52) Womabili la madoda aqala ukubona futhi akungabazeki ukuthi aqala ukukhazimulisa uNkulunkulu. Bebona okwenzekile, abantu nabo bakhazimulisa uNkulunkulu. Amadoda abengaboni manje aqala ukulandela uJesu.

Njengoba edlula eJeriko, akubantu abazungeze uJesu kungathi bayobulala inyoka! Wonke umuntu ufuna ukubona le ndoda evule amehlo ezimpumputhe. Abantu bathe mbo kuJesu okwenza abanye bangakwazi ngisho nokumbona. NoZakewu unenkinga efanayo yokungakwazi ukubona uJesu. Uyisikhulu sabaqoqi bentela eJeriko nasezindaweni ezilizungezile. Ngenxa yokuba mfishane, akakwazi ukubona lokho okwenzekayo. Ngakho uZakewu ugijima adlule isixuku agibele esihlahleni somsikhamori (noma somthombe) esisendleleni uJesu azodlula kuyo. Njengoba elapho phezulu, ayikho into angayiboni uZakewu. Njengoba uJesu esondela futhi ebona uZakewu esesihlahleni, uthi kuye: “Zakewu, shesha wehle ngoba namuhla kumelwe ngihlale endlini yakho.” (Luka 19:5) UZakewu uyehla agijime aye emzini wakhe ukuze amukele isivakashi sakhe esibalulekile.

Lapho abantu bebona uJesu eya endlini kaZakewu, bayakhononda. Babona kungalungile ukuba uJesu aye endlini yendoda abayibheka njengesoni. UZakewu useze waceba ngenxa yokuqola abantu lapho eqoqa intela.

Njengoba uJesu engena endlini kaZakewu, abantu bayakhononda bathi: “Uyovakashela emzini womuntu oyisoni.” Kodwa uJesu uyayibona inhlansana ebonisa ukuthi uZakewu angaphenduka. Nangempela uJesu akadumazeki. UZakewu uyasukuma bese ethi kuJesu: “Bheka! Uhhafu wezinto zami Nkosi, ngiwupha abampofu, futhi noma yini engayiphanga kunoma ubani, ngiyibuyisela isiphindwe kane.”—Luka 19:7, 8.

Yindlela engcono kakhulu leyo uZakewu abengabonisa ngayo ukuthi uphenduke ngempela! Wayengase akwazi ukubala esebenzisa ibhuku abhala kulo imininingwane yamaJuda athola kuwo intela futhi uyafunga ukuthi uzowabuyisela ngokuphindwe kane. Wenza okungaphezu kwalokho okufunwa umthetho kaNkulunkulu. (Eksodusi 22:1; Levitikusi 6:2-5) Ngaphezu kwalokho, uZakewu uthembisa ukuthatha uhhafu wezinto zakhe azinikeze abahluphekile.

UJesu uyajabula ngobufakazi abubonayo bokuthi uZakewu uphenduke ngempela, bese ethi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, ngoba nawe uyindodana ka-Abrahama. Ngoba iNdodana yomuntu izele ukufuna nokusindisa lokho obekulahlekile.”—Luka 19:9, 10.

Muva nje, uJesu usanda kusho umfanekiso wendodana yolahleko ukuze akhulume ngalabo ‘abalahlekile.’ (Luka 15:11-24) Manje unesibonelo esingokoqobo somuntu obelahlekile watholakala. Abaholi benkolo nabalandeli babo bangase bamgxeke uJesu ngokunaka abantu abafana noZakewu. Noma kunjalo, uJesu akayeki ukucinga nokubuyisa amadodana alahlekile ka-Abrahama.