Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 107

Inkosi Iyala Ukuba Kumenyelwe Abantu Edilini Lomshado

Inkosi Iyala Ukuba Kumenyelwe Abantu Edilini Lomshado

MATHEWU 22:1-14

  • UMFANEKISO WEDILI LOMSHADO

Njengoba inkonzo kaJesu isiya ngasekupheleni, uyaqhubeka nokusebenzisa imifanekiso ukuze aveze ubunjalo bababhali nabapristi abakhulu. Yingakho befuna ukumbulala. (Luka 20:19) Kodwa uJesu akakaqedi ngabo. Uphinde enze omunye umfanekiso:

“UMbuso wamazulu unjengenkosi eyenzela indodana yayo idili lomshado. Yathuma izinceku zayo ukuba ziyobiza labo ababemenyelwe edilini lomshado, kodwa abathandanga ukuza.” (Mathewu 22:2, 3) UJesu uqala umfanekiso wakhe ngokukhuluma ‘ngoMbuso wamazulu.’ Kunengqondo ukuphetha ngokuthi ‘inkosi,’ nguJehova uNkulunkulu. Ubani indodana yenkosi futhi obani abamenyelwa edilini lomshado? Nalapho futhi akunzima ukubona ukuthi indodana yenkosi imelela iNdodana kaJehova, okuyiyona eyenza lo mfanekiso, nokuqonda ukuthi labo abamenyiwe, yilabo abazoba neNdodana eMbusweni wasezulwini.

Obani abokuqala abamenywayo? Obani uJesu nabaphostoli abashumayele kubo ngoMbuso? Bekulokhu kungamaJuda. (Mathewu 10:6, 7; 15:24) Lesi sizwe samukela isivumelwano soMthetho ngo-1513 B.C.E., okwasenza saba esokuqala ohlwini ‘lombuso wabapristi.’ (Eksodusi 19:5-8) Kodwa kunini lapho siyobizelwa khona “edilini lomshado?” Kunengqondo ukuphetha ngokuthi sithola lesi simemo ngo-29 C.E., lapho uJesu eqala ukushumayela ngalo Mbuso wasezulwini.

Ama-Israyeli amaningi enzenjani lapho ethola leso simemo? Njengoba uJesu asho, ‘awathandanga ukuza.’ Iningi labaholi benkolo nabanye abantu, abazange bamamukele njengoMesiya neNkosi ebekwe uNkulunkulu.

Nokho, uJesu ubonisa ukuthi amaJuda ayezothola elinye ithuba, uthi: “Yaphinde [inkosi] yathuma ezinye izinceku, ithi, ‘Tshelani abamenyiwe ukuthi: “Bhekani! Sengisilungisile isidlo sami, izinkomo zami nezilwane ezikhuluphalisiwe sekuhlatshiwe, futhi zonke izinto sezilungile. Wozani edilini lomshado.”’ Kodwa bahamba bengagqizi qakala, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya ebhizinisini lakhe; abanye babamba izinceku zayo, baziphatha kabi futhi bazibulala.” (Mathewu 22:4-6) Lokhu kuyahambisana nalokho okwakuyokwenzeka lapho kusungulwa ibandla lobuKristu. Ngaleso sikhathi, amaJuda ayesenalo ithuba lokuba seMbusweni kodwa asishaya indiva isimemo, aze ngisho ahlukumeza ‘izinceku zenkosi.’—IzEnzo 4:13-18; 7:54, 58.

Uba yini umphumela ngalesi sizwe? UJesu uyachaza: “Inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo ababulala labo babulali ashisa nedolobha labo.” (Mathewu 22:7) Kwenzeka kumaJuda lokho ngo-70 C.E. lapho amaRoma ebhubhisa ‘idolobha lawo,’ iJerusalema.

Njengoba enqaba lapho inkosi iwabizela edilini lomshado, ingabe lokho kusho ukuthi akekho oyomenywa? Ngokomfanekiso kaJesu, akunjalo. Uqhubeka athi: “Khona-ke [inkosi] yathi ezincekwini zayo, ‘Idili lomshado selilungile, kodwa abamenyiwe bebengafaneleki. Ngakho-ke yanini emigwaqweni ephumela ngaphandle kwedolobha, nimemele noma ubani enimtholayo edilini lomshado.’ Ngakho lezo zinceku zaphuma zaya emigwaqweni zabutha bonke ezabathola, ababi nabahle; indlu yemicimbi yomshado yagcwala abantu ababedla.”—Mathewu 22:8-10.

Kuyaphawuleka ukuthi umphostoli uPetru ngokuhamba kwesikhathi wayeyoqala ukusiza abeZizwe—labo ababengewona amaJuda emvelo noma abangazange baguqulelwe kuwo—ukuba babe amaKristu eqiniso. Ngo-36 C.E., isikhulu samaRoma uKorneliyu kanye nomndeni wakhe bamukela umoya kaNkulunkulu, okwababeka ethubeni lokuba seMbusweni wasezulwini uJesu akhuluma ngawo.—IzEnzo 10:1, 34-48.

UJesu ubonisa ukuthi akubona bonke abeze edilini abayozibonisa bamukeleka ‘enkosini.’ Uthi: “Lapho inkosi ingena izohlola izimenywa, yabona umuntu owayengayigqokile ingubo yomshado. Ngakho yathi kuye, ‘Mfo, ungene kanjani lapha ungayigqokile ingubo yomshado?’ Akabanga nampendulo. Khona-ke inkosi yathi ezincekwini zayo, ‘Mbopheni izandla nezinyawo nimkhiphele ngaphandle ebumnyameni. Lapho yilapho eyokhala khona aququde amazinyo.’ Ngoba baningi abamenyiwe, kodwa bambalwa abakhethiwe.”—Mathewu 22:11-14.

Mhlawumbe abaholi benkolo ababelalele uJesu abayiqondi incazelo yakho konke lokhu ayekusho nokuthi kusebenza kanjani. Noma kunjalo bayacasuka futhi bafuna ngisho nakakhulu ukumsusa phakathi kwabo lowo obahlaza ngale ndlela.