Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 114

UKristu Wahlulela Izimvu Nezimbuzi Esemandleni Okubusa

UKristu Wahlulela Izimvu Nezimbuzi Esemandleni Okubusa

MATHEWU 25:31-46

  • UJESU WENZA UMFANEKISO WEZIMVU NEZIMBUZI

UJesu usanda kwenza umfanekiso wezintombi eziyishumi nowamathalenta eseNtabeni Yeminqumo. Uyiphetha kanjani impendulo yombuzo wabaphostoli mayelana nokuba khona kwakhe nokuphela kwesimiso sezinto? Uyiphetha ngokwenza umfanekiso wokugcina, wezimvu nezimbuzi.

UJesu uqala umfanekiso wakhe ngokuthi kubo: “Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi zikanye nayo, iyohlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo.” (Mathewu 25:31) UJesu wenza singangabazi ukuthi uyena ongumlingiswa oyinhloko kulo mfanekiso. Uvamise ukuzibiza ‘ngeNdodana yomuntu.’—Mathewu 8:20; 9:6; 20:18, 28.

Kuyokwenzeka nini lokhu okushiwo kulo mfanekiso? Kuyokwenzeka lapho uJesu ‘efika enkazimulweni’ yakhe ekanye nezingelosi futhi ahlale ‘esihlalweni sakhe esikhazimulayo.’ Useke wakhuluma ‘ngeNdodana yomuntu eza iphezu kwamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu’ ikanye nezingelosi zayo. Kuyokwenzeka nini lokho? “Masinyane ngemva kosizi.” (Mathewu 24:29-31; Marku 13:26, 27; Luka 21:27) Ngakho lokho okushiwo yilo mfanekiso kuyokwenzeka esikhathini esizayo lapho uJesu efika enkazimulweni yakhe. Uyobe esenzani-ke?

UJesu uyachaza: “Lapho iNdodana yomuntu ifika . . . , zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini. Iyobeka izimvu ngakwesokudla sayo, kodwa izimbuzi ngakwesobunxele sayo.”—Mathewu 25:31-33.

UJesu usho lokhu ngezimvu ezisohlangothini olufanele: “INkosi iyothi kulabo abangakwesokudla sayo: ‘Wozani, nina enibusiswe nguBaba, nizuze ifa loMbuso enawulungiselelwa kusukela ekusungulweni kwezwe.’” (Mathewu 25:34) Kungani izimvu zithola umusa weNkosi?

INkosi iyachaza: “Ngangilambile nanginika ukudla; ngangomile nanginika okuphuzwayo. Ngangiyisihambi nangamukela ngemfudumalo; ngangihlubule, nangigqokisa. Ngangigula nanginakekela. Ngangisejele nangivakashela.” Lapho lezi zimvu, “abalungile,” zibuza ukuthi zizenze ngayiphi indlela lezi zinto ezinhle, iyaphendula: “Ngezinga enikwenze ngalo komncane kunabo bonke walaba bafowethu, nikwenzile nakimi.” (Mathewu 25:35, 36, 40, 46) Lezi zenzo ezinhle abazenzi ezulwini ngoba akulanjwa futhi akugulwa khona. Ngakho kufanele ukuba lezi zenzo, zenziwa emhlabeni kubafowabo bakaKristu.

Kuyokwenzekani ngezimbuzi ezisohlangothini lwesobunxele? UJesu uthi: “Khona-ke [iNkosi] iyothi kulabo abangakwesobunxele sayo: ‘Sukani kimi, nina eniqalekisiwe, niye emlilweni waphakade olungiselelwe uDeveli nezingelosi zakhe. Ngoba ngangilambile, kodwa aninginikanga lutho ukuba ngidle; ngangomile, kodwa aninginikanga lutho ukuba ngiphuze. Ngangiyisihambi, kodwa aningamukelanga ngemfudumalo; ngangihlubule, kodwa aningigqokisanga; ngangigula futhi ngisejele, kodwa aninginakekelanga.’” (Mathewu 25:41-43) Izimbuzi zikufanele ukuthola lesi sijeziso ngoba zihlulekile ukuphatha kahle abafowabo bakaKristu emhlabeni, njengoba bekufanele ngabe zenze kanjalo.

Abaphostoli bayabona ukuthi lesi sahlulelo sesikhathi esizayo, siyoba nemiphumela ehlala njalo. UJesu uthi kubo: “Khona-ke [iNkosi] iyobaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini, ngezinga eningakwenzanga ngalo komncane kunabo bonke kulaba, anikwenzanga nakimi.’ Laba bayonqunywa phakade, kodwa abalungile bathole ukuphila okuphakade.”—Mathewu 25:45, 46.

Impendulo kaJesu yombuzo wabaphostoli bakhe inikeza abalandeli bakhe okuningi abangacabanga ngakho, ibasize bahlole isimo sabo sengqondo nezenzo zabo.