Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 115

IPhasika Lokugcina LikaJesu Liyasondela

IPhasika Lokugcina LikaJesu Liyasondela

MATHEWU 26:1-5, 14-19 MARKU 14:1, 2, 10-16 LUKA 22:1-13

  • UJUDA UYAKHOKHELWA UKUBA AKHAPHELE UJESU

  • ABAPHOSTOLI ABABILI BALUNGISELELA IPHASIKA

UJesu uyaqeda ukufundisa abaphostoli bakhe abane eNtabeni Yeminqumo, uphendula imibuzo yabo mayelana nokuba khona kwakhe esikhathini esizayo nokuphela kwesimiso sezinto.

UNisani 11 ubuwusuku olumatasa ngempela! Kungenzeka kungesikhathi bebuyela eBhethaniya ukuze bayochitha khona ubusuku lapho uJesu ethi kubaphostoli bakhe: “Niyazi ukuthi ezinsukwini ezimbili kusukela manje kuzoba yiPhasika, futhi iNdodana yomuntu izonikelwa ukuze ibethelwe esigxotsheni.”—Mathewu 26:2.

UJesu uchitha usuku olulandelayo, uLwesithathu, nabaphostoli bakhe kuphela. NgoLwesibili, uJesu ugxeke abaholi benkolo futhi wabadalula phambi kwabantu. Bafuna ukumbulala. Yingakho engafuni ukuziveza ngoNisani 12 ukuze kungabi bikho lutho olumvimbela ukuba agubhe iPhasika nabaphostoli bakhe ngemva kokushona kwelanga ngobusuku obulandelayo, njengoba uNisani 14 usondela.

Njengoba kusondela iPhasika, abapristi abakhulu namadoda amadala abazibekile phansi. Bahlangana egcekeni lompristi ophakeme, uKayafase. Kungani behlangene lapho? Bacasukile ngoba uJesu ubelokhu ebadalula. Bakha uzungu lokuba “babambe uJesu ngobuqili nokuba bambulale.” Bazokwenza nini lokho futhi kanjani? Bathi: “Kungabi ngomkhosi, ukuze kungabi nesiyaluyalu phakathi kwabantu.” (Mathewu 26:4, 5) Bayesaba ngoba abantu abaningi bayamthanda uJesu.

Kuthi kusenjalo, kuba nesivakashi esivakashela abaholi benkolo. Yisivakashi abangasilindele, omunye wabaphostoli bakaJesu, uJuda Iskariyothe. USathane utshala kuye umqondo wokukhaphela iNkosi yakhe! UJuda uyababuza: “Nizonginikani ukuze ngimkhaphele kini?” (Mathewu 26:15) Bayakujabulela lokhu futhi ‘bayavuma ukumnika imali yesiliva.’ (Luka 22:5) Bazomnika malini? Bavumelana ngokumnika izinhlamvu zesiliva ezingu-30. Kuyaphawuleka ukuthi inani lesigqila lingamashekeli angu-30. (Eksodusi 21:32) Ukumthenga ngenani elincane kangaka kubonisa ukuthi abaholi benkolo babemzonda ngempela uJesu. Manje uJuda uqala “ukufuna ithuba elihle lokumkhaphela singekho isixuku eduze.”—Luka 22:6.

UNisani 13 uqala ngemva kokushona kwelanga ngoLwesithathu futhi lobu ubusuku besithupha obungobokugcina uJesu abuchitha eBhethaniya. Ngosuku olulandelayo, kuzodingeka kwenziwe amalungiselelo okugcina ePhasika. Kuzomelwe kutholakale imvu ukuze ihlatshwe futhi yosiwe iphelele ngemva kokuqala kukaNisani 14. Bazodlela kuphi, ubani ozokulungiselela? UJesu ubengakayisho le mininingwane. Ngenxa yalokho, uJuda akakwazi ukuyidlulisela kubapristi abakhulu le mininingwane.

Cishe lapho kuqala intambama, ngoLwesine, uJesu uthuma uPetru noJohane besuka eBhethaniya, athi: “Hambani nisilungisele iPhasika ukuze sidle.” Bathi kuye: “Ufuna sililungiselele kuphi?” UJesu uyachaza: “Lapho ningena edolobheni nizohlangana nendoda ethwele imbiza yamanzi. Yilandeleni ningene endlini engena kuyo. Nithi kumninindlu, ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezimenywa engingadlela kulo iPhasika kanye nabafundi bami?”’ Lowo muntu uzonibonisa ikamelo elikhulu eliphezulu elinefenisha. Lilungiseleni lapho.”—Luka 22:8-12.

Akungabazeki ukuthi umninindlu ungumfundi kaJesu. Mhlawumbe ukulindele ukuthi uJesu angamcela ukuba kusetshenziswe indlu yakhe ukuze kugujelwe iPhasika kuyo. Lapho befika eJerusalema bathola yonke into injengoba uJesu ebatshelile. Ngakho bayaqinisekisa ukuthi imvu ikhona nokuthi wonke amanye amalungiselelo ePhasika aselungile futhi benza wonke amalungiselelo azodingeka ukuze uJesu nabaphostoli bakhe abangu-12 bagubhe iPhasika.