Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 119

UJesu–Uyindlela, Iqiniso Nokuphila

UJesu–Uyindlela, Iqiniso Nokuphila

JOHANE 14:1-31

  • UJESU UYAHAMBA UYOLUNGISA INDAWO

  • UTHEMBISA ABALANDELI BAKHE UKUTHI BAZOTHOLA UMSIZI

  • UBABA MKHULU KUNOJESU

UJesu usasekamelweni eliphezulu nabaphostoli bakhe ngemva kwesidlo sesikhumbuzo, uyabakhuthaza uthi: “Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke. Bonisani ukholo kuNkulunkulu; nibonise ukholo nakimi.”—Johane 13:36; 14:1.

UJesu unikeza abaphostoli bakhe abathembekile isizathu sokuba bangakhathazeki ngokuhamba kwakhe, uthi: “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. . . . Uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize mina uqobo nginamukele ekhaya, ukuze lapho ngikhona nani nibe khona.” Kodwa abaphostoli abaqondi ukuthi ukhuluma ngokuya ezulwini. UTomase uyabuza: “Nkosi, asazi ukuthi uyaphi. Singayazi kanjani indlela?”—Johane 14:2-5.

UJesu uthi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.” Akekho ongangena endlini kaYise ngaphandle kokuba amukele yena nezimfundiso zakhe futhi alingise indlela ayephila ngayo. UJesu uthi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6.

UFiliphu ulalela ngokucophelela bese eyacela: “Nkosi, sibonise uYihlo, kwanele lokho kithi.” Kubonakala sengathi uFiliphu ufuna isibonakaliso sikaNkulunkulu, esinjengaleso esabonwa uMose, u-Eliya no-Isaya. Nokho, abaphostoli bazothola okungcono kakhulu kunale mibono. Ephawula lokho, uJesu uthi: “Ngisho nangemva kwesikhathi eside kangaka nginani, awukangazi Filiphu? Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” UJesu ubulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise; ngakho, ukuphila noJesu nokubuka lokho akwenzayo kunjengokubona uYise. Kuyiqiniso ukuthi uBaba mkhulu kakhulu kuneNdodana ngoba uJesu uthi: “Izinto engizisho kini angizikhulumi ngokusuka kimi.” (Johane 14:8-10) Abaphostoli bayabona ukuthi uJesu unika uYise lonke udumo ngakho konke akufundisayo.

Abaphostoli bakaJesu bambonile enza imisebenzi emangalisayo futhi bamzwile ememezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ube esethi kubo: “Noma ubani obonisa ukholo kimi uyokwenza nemisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale.” (Johane 14:12) UJesu akaqondile ukuthi bayokwenza izimangaliso ezinkulu kunalezo yena azenza. Nokho, bayoyenza isikhathi eside inkonzo yabo, bafinyelele izindawo ezikude nabantu abaningi kakhulu.

Ukuhamba kukaJesu ngeke kubashiye dengwane ngoba uyathembisa: “Uma nicela noma yini egameni lami, ngiyoyenza.” Uyaqhubeka athi: “Ngizocela uBaba futhi uzoninika omunye umsizi ukuze abe nani kuze kube phakade, umoya weqiniso.” (Johane 14:14, 16, 17) Uyabaqinisekisa ukuthi bayothola umsizi, umoya ongcwele. Lokho kuyenzeka ngosuku lwePhentekoste.

UJesu uthi: “Kusele isikhashana izwe lingabe lisangibona, kodwa nina nizongibona, ngoba ngiyaphila nani niyophila.” (Johane 14:19) Ngeke nje bagcine ngokumbona ewumzimba wenyama ngemva kokuvuswa kwakhe, kodwa ngokuhamba kwesikhathi uyobavusa babe naye ezulwini njengezidalwa zomoya.

UJesu usho leli qiniso elilula: “Noma ubani onemiyalo yami futhi oyigcinayo, nguye ongithandayo. Kanti noma ubani ongithandayo uyothandwa nguBaba, nami ngiyomthanda futhi ngiyozibonakalisa ngokucacile kuye.” Kulokhu umphostoli uJuda, obizwa nangokuthi uThadewu, uyabuza: “Nkosi, kwenzenjani uze uhlose ukuzibonakalisa ngokucacile kithi hhayi ezweni?” UJesu uyaphendula: “Uma umuntu engithanda, uyogcina izwi lami, noBaba uyomthanda . . . Noma ubani ongangithandi akawagcini amazwi ami.” (Johane 14:21-24) Ngokungafani nabalandeli bakhe, izwe alimbheki uJesu njengendlela, iqiniso nokuphila.

UJesu uyahamba, pho abafundi bakhe bazozikhumbula kanjani zonke izinto abafundise zona? UJesu uyachaza: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, wona uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona.” Abaphostoli bazibonele indlela umoya ongcwele onamandla ngayo, ngakho lesi siqinisekiso siyabaduduza. UJesu uyenezela: “Nginishiyela ukuthula; ngininika ukuthula kwami. . . . Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke futhi ningazivumeli zikhwantabale ngenxa yokwesaba.” (Johane 14:26, 27) Ngakho-ke abafundi banesizathu sokungakhathazeki—bazosithola isiqondiso nesivikelo esivela kuBaba kaJesu.

Maduze bazobubona ubufakazi besivikelo sikaNkulunkulu. UJesu uthi: “Uyeza umbusi waleli zwe, futhi akangibambanga ndawo.” (Johane 14:30) UDeveli wakwazi ukungena kuJuda futhi wathonya indlela ayenza ngayo. Kodwa uJesu akanaso isono uSathane angasisebenzisa ukuze amenze aphendukele uNkulunkulu. UDeveli ngeke akwazi ngisho ukubamba uJesu ekufeni. Kungani engeke akwazi? UJesu uthi: “Ngenza njengoba nje uBaba engiyalile.” Uyaqiniseka ukuthi uYise uyomvusa.—Johane 14:31.