Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 128

UPilatu NoHerode Bathi Akanacala

UPilatu NoHerode Bathi Akanacala

UJesu akazami ukufihlela uPilatu ukuthi ngempela uyinkosi. Noma kunjalo, uMbuso wakhe awulona usongo kumaRoma. UJesu uthi: “UMbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube uMbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa njengoba kunjalo, uMbuso wami awuveli kulo mthombo.” (Johane 18:36) Yebo, uJesu unawo uMbuso kodwa awuveli kuleli zwe.

UPilatu akayishiyi kanjalo le ndaba. Uyambuza: “Khona-ke, ingabe uyinkosi?” UJesu wenza uPilatu azi ukuthi ufinyelele isiphetho esiyiqiniso, uyaphendula: “Wena ngokwakho uyasho ukuthi ngiyinkosi. Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso. Wonke umuntu ongasohlangothini lweqiniso uyalilalela izwi lami.”—Johane 18:37.

Esikhathini esidlule, uJesu uthe kuTomase: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.” Manje uPilatu uzizwela mathupha isizathu sokuba uJesu eze emhlabeni ukuthi siwukuba afakazele “iqiniso,” ikakhulukazi iqiniso ngoMbuso wakhe. UJesu uzimisele ukungasuki kulelo qiniso ngisho noma lokho kungambangela ukuba afe. UPilatu uyabuza: “Liyini iqiniso?” kodwa akayilindi impendulo. Ubona sengathi usekuzwe konke ukuze ahlulele le ndoda.—Johane 14:6; 18:38.

UPilatu ubuyela esixukwini esilinde ngaphandle kwesigodlo. UJesu ume eceleni kwakhe njengoba etshela abapristi abakhulu nalabo abakanye nabo: “Angitholi cala kulo muntu.” Sicasulwa yileso sinqumo, isixuku siyaphikelela sithi: “Ugqugquzela abantu ukuba bavukele ngokufundisa kulo lonke elaseJudiya, kusukela eGalile kuze kufike ngisho nalapha.”—Luka 23:4, 5.

Intshiseko yamaJuda engenangqondo kumelwe ukuba iyammangaza uPilatu. Njengoba abapristi abakhulu namadoda amadala beqhubeka bememeza, uPilatu ubuza uJesu: “Awuzwa yini ukuthi ziningi kangakanani izinto abazifakazayo ngawe?” (Mathewu 27:13) UJesu akazami ukuphendula. Iyammangaza uPilatu indlela uJesu azole ngayo njengoba emangalelwa ngamanga.

AmaJuda abonisile ukuthi uJesu wafundisa “kusukela eGalile.” Ezwa lokho, uPilatu uyabona ukuthi ngempela, uJesu ungowaseGalile. Lokhu kunika uPilatu icebo lokuthi angakubalekela kanjani ukuthwala icala lokwahlulela uJesu. UHerode Antipase (indodana kaHerode Omkhulu) ungumbusi waseGalile, futhi useJerusalema njengoba kuyinkathi yePhasika. Ngakho uPilatu uthumela uJesu kuHerode. NguHerode Antipase owakhipha imvume yokuthi kunqunywe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Lapho uHerode ezwa ukuthi uJesu wenza izimangaliso, wakhathazeka ngokuthi mhlawumbe unguJohane ovusiwe.—Luka 9:7-9.

Manje uHerode uyajabula njengoba ebona uJesu. Lokhu akungenxa yokuthi ufuna ukusiza uJesu noma ufisa ukwenza imizamo yokubona ukuthi amacala abekwe wona ayiqiniso yini. UHerode kunokuthile afuna ukukwazi, futhi ‘unethemba lokuthi uzobona isibonakaliso esenziwa nguye.’ (Luka 23:8) Kodwa uJesu akenzi lutho. Empeleni, njengoba uHerode emphonsa imibuzo, uJesu akathi vu. Bephoxekile, uHerode namasosha akhe ‘bayamhlazisa’ uJesu. (Luka 23:11) Bamgqokisa ingubo enhle futhi bahlekisa ngaye. UHerode ube esebuyisela uJesu kuPilatu. UHerode noPilatu bebelokhu beyizitha, kodwa manje sebengabangane abakhulu.

Lapho uJesu ebuya, uPilatu ubiza abapristi abakhulu, ababusi abangamaJuda nabanye abantu athi: “Ngimphenye phambi kwenu, kodwa angitholanga sisekelo samacala enimmangalela ngawo lo muntu. Eqinisweni, noHerode akasitholanga ngoba umbuyisele kithi, futhi bhekani! Akukho lutho alwenzile olumenza afanelwe ukufa. Ngakho-ke ngizomjezisa bese ngiyamkhulula.”—Luka 23:14-16.

UPilatu uyafuna ukukhulula uJesu ngoba uyabona ukuthi abapristi bamlethe kuye ngoba bemzonda. Njengoba uPilatu ezama ukukhulula uJesu, uthola okwengeziwe okwenza afune nakakhulu ukumkhulula. Ngesikhathi esahleli esihlalweni sakhe sokwahlulela, umkakhe uthumela umyalezo, uthi: “Hlukana nalowo muntu olungile, ngoba ngihlupheke kakhulu namuhla ephusheni [ngokusobala elivela kuNkulunkulu] ngenxa yakhe.”—Mathewu 27:19.

UPilatu kufanele ayikhulule le ndoda engenacala, kodwa uzokwenza kanjani lokho?