Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 132

“Ngokuqinisekile Lo Muntu UbeyiNdodana KaNkulunkulu”

“Ngokuqinisekile Lo Muntu UbeyiNdodana KaNkulunkulu”

MATHEWU 27:45-56 MARKU 15:33-41 LUKA 23:44-49 JOHANE 19:25-30

  • UJESU UFELA ESIGXOTSHENI

  • KWENZEKA OKUNGAVAMILE LAPHO UJESU EFA

Manje “yihora lesithupha,” noma sekusemini. Kuba mnyama ngendlela engavamile ‘ezweni lonke kuze kube yihora lika-9,’ elisho u-3 ntambama. (Marku 15:33) Lobu bumnyama obethusayo abubangelwa ukuthi inyanga isithe ukukhanya kwelanga. Lokhu kwenzeka ngesikhathi inyanga iyintsha kodwa manje yisikhathi sePhasika futhi inyanga igcwele. Lobu bumnyama buqhubeka isikhathi eside kunalobo obenzeka uma inyanga isithe ukukhanya kwelanga. Ngakho nguNkulunkulu obangele lobu bumnyama!

Cabanga nje umphumela lokhu okuba nawo kulabo abahlekisa ngoJesu. Njengoba kumnyama, kuza abesifazane abane esigxotsheni sokuhlushwa. Laba besifazane, unina kaJesu, uSalome, uMariya Magdalena noMariya ongunina kamphostoli uJakobe oMncane.

Umphostoli uJohane ume nonina kaJesu olilayo “ngasesigxotsheni sokuhlushwa.” UMariya ubukele indodana ayizala futhi wayincelisa ilenga esigxotsheni futhi izwa ubuhlungu. Kuyena, kunjengokungathi ugwazwa “inkemba ende.” (Johane 19:25; Luka 2:35) Nakuba esezinhlungwini ezinkulu, uJesu ucabanga ngezidingo zikanina. Uzama ukukhomba uJohane ngekhanda bese ethi kuye: “Sifazane, bheka! Indodana yakho!” Ubheka ngakuMariya bese ethi kuJohane: “Bheka! Umama wakho!”—Johane 19:26, 27.

UJesu uthi umphostoli amthanda kakhulu akanakekele unina osengumfelokazi. UJesu uyazi ukuthi abafowabo, amanye amadodana kaMariya, awakabi nokholo kuye. UJesu ulungiselela izidingo zikanina ezingokwenyama kanye nezidingo eziphathelene nobuhlobo bakhe noNkulunkulu. Isibonelo esihle ngempela lesi!

Lapho nje sekuqala ukukhanya, uJesu uthi: “Ngomile.” Ngokusho lokhu ugcwalisa imibhalo. (Johane 19:28; iHubo 22:15) UJesu uzwa sengathi uYise akamvikeli ukuze kuvivinywe ubuqotho beNdodana yakhe ngokuphelele. UKristu umemeza ngesi-Aramu saseGalile, uthi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okusho ukuthi, “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” Abame eduze abamqondi ukuthi uthini futhi bayamemeza: “Bhekani! Ubiza u-Eliya.” Omunye wabo uyagijima, athathe isipontshi asicwilise ewayinini elimuncu, asihlome emhlangeni, asinike uJesu ukuba aphuze. Kodwa abanye bathi: “Myekeni! Ake sibone ukuthi u-Eliya uzoza yini ezomehlisa.”—Marku 15:34-36.

UJesu ube esememeza athi: “Kufeziwe!” (Johane 19:30) Yebo, ukufeze konke uYise amthume ukuba azokwenza emhlabeni. Ekugcineni, uJesu uthi: “Baba, umoya wami ngiwubeka ezandleni zakho.” (Luka 23:46) Ngaleyo ndlela, uJesu unika uJehova amandla okuphila kwakhe, eqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyombuyisela wona. Enethemba eliphelele kuNkulunkulu, uKristu ugobisa ikhanda bese eyafa.

Kuthi kusenjalo, kube nokuzamazama okukhulu komhlaba, kuqhekeke amatshe. Uzamazama kakhulu kangangokuthi amathuna angaphandle kweJerusalema ayavuleka, izidumbu ziphume ngaphandle. Abadlulayo ababona lezi zidumbu bangena “edolobheni elingcwele” babike lokho abakubonile.—Mathewu 12:11; 27:51-53.

Lapho uJesu efa, ikhethini elide elisindayo, elihlukanisa iNgcwele neNgcwelengcwele ethempelini likaNkulunkulu, lihlukana phakathi kusukela phezulu kuya phansi. Lesi senzakalo esimangalisayo siwukubonakaliswa kwentukuthelo kaNkulunkulu ngokumelene nalabo ababulala iNdodana yakhe futhi sibonisa ukuthi isivulekile indlela engena eNgcwelengcwele, izulu uqobo lwalo.—Hebheru 9:2, 3; 10:19, 20.

Kuyaqondakala ukuthi kungani abantu besaba kangaka. Isikhulu sebutho ebesengamele ukubulawa kukaJesu sithi: “Ngokuqinisekile lo muntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” (Marku 15:39) Kungenzeka sasikhona ecaleni likaJesu phambi kukaPilatu lapho kwakucutshungulwa ukuthi ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu yini. Manje sesiyaqiniseka ukuthi uJesu ulungile njengoba kunjalo, empeleni, uyiNdodana kaNkulunkulu.

Abanye babuyela emakhaya bebambe ongezansi ngenxa yalezi zenzakalo ezingajwayelekile, futhi ‘bazishaya izifuba zabo,’ okuyisenzo esibonisa ukudabuka nokuzisola okukhulu. (Luka 23:48) Kulabo ababukele bekude kukhona nabesifazane abaningi abangabalandeli bakaJesu ababehamba naye ngezinye izikhathi. Nabo bathinteke kakhulu ngenxa yalezi zenzakalo ezingasoze zalibaleka.