Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 136

Ogwini LoLwandle LwaseGalile

Ogwini LoLwandle LwaseGalile

JOHANE 21:1-25

  • UJESU UBONAKALA OLWANDLE LWASEGALILE

  • UPETRU NABANYE KUFANELE BONDLE AMAWUNDLU

Ngobusuku bakhe bokugcina enabaphostoli bakhe, uJesu wabatshela: “Ngemva kokuba sengivusiwe, ngizohamba kuqala kunani ngiye eGalile.” (Mathewu 26:32; 28:7, 10) Manje abalandeli bakhe abaningi baya khona, kodwa kufanele benzeni eGalile?

Besendleleni, uPetru utshela abaphostoli abayisithupha: “Ngisaya kodoba.” Bonke bathi: “Sihamba nawe.” (Johane 21:3) Ubusuku bonke ababambi lutho. Njengoba sekusa, uJesu ubonakala olwandle kodwa ababoni ukuthi nguye. UJesu uyabamemeza: “Bantwana, ninakho yini okudliwayo?” Bathi: “Cha!” UJesu uthi kubo: “Phonsani inethi ngakwesokudla sesikebhe nizozithola izinhlanzi.” (Johane 21:5, 6) Babamba izinhlanzi eziningi kangangokuba bayahluleka ukudonsa amanethi.

“YiNkosi!” uJohane etshela uPetru. (Johane 21:7) Ngokushesha, uPetru ubhinca ingubo yakhe yangaphandle, abengayigqokile ngesikhathi edoba. Ugxumela olwandle abhukude indawo engaba amamitha angu-90 ukuya ogwini. Abanye abasesikebheni balandela kancane, bedonsa inethi eligcwele izinhlanzi.

Lapho befika ogwini, babona “umlilo wamalahle, kukhona phezu kwawo izinhlanzi nesinkwa.” UJesu uthi: “Lethani ezinye zezinhlanzi enisanda kuzibamba.” UPetru udonsa inethi, elinezinhlanzi ezinkulu ezingu-153! UJesu uthi: “Wozani, yidlani ukudla kwenu kwasekuseni.” Akekho noyedwa kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ukuthi “Ungubani?” ngoba sebeyabona ukuthi nguJesu. (Johane 21:10-12) Sekungokwesithathu ebonakala eqenjini labafundi bakhe.

UJesu ubanika inhlanzi nesinkwa ukuze badle. Cishe ebuka izinhlanzi abazibambile, uthi: “Simoni ndodana kaJona, uyangithanda yini ngaphezu kwalezi?” Ingabe uPetru uthanda kakhulu ibhizinisi lokudoba kunomsebenzi uJesu afuna awenze? UPetru uyaphendula: “Yebo Nkosi, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” Ngakho uJesu uyamncenga: “Yondla amawundlu ami.”—Johane 21:15.

UJesu uyaphinda uyabuza: “Simoni ndodana kaJona, uyangithanda yini?” Mhlawumbe edidekile, uPetru uphendula ngobuqotho: “Yebo Nkosi, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu uphinda lokhu akusho ekuqaleni: “Yalusa amawundlu ami.”—Johane 21:16.

UJesu ubuza uPetru okwesithathu: “Simoni ndodana kaJona, uyangithanda yini?” Manje kungenzeka uPetru uyazibuza ukuthi uJesu uyabungabaza yini ubuqotho bakhe. Ngokuqiniseka uPetru uthi: “Nkosi, wazi zonke izinto; uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu uphinde agcizelele lokhu uPetru okumelwe akwenze, uthi: “Yondla amawundlu ami.” (Johane 21:17) Yebo, labo abaholayo kumelwe bakhonze labo uNkulunkulu abadonsele esibayeni sakhe sezimvu.

UJesu wabanjwa wabulawa ngenxa yokuthi wayenza umsebenzi uNkulunkulu ayemyale ukuba awenze. Manje ubonisa ukuthi nakuPetru kuyokwenzeka okufanayo. UJesu uthi: “Lapho usemncane, wawuzigqokisa bese uhamba uye lapho ufuna khona. Kodwa lapho uguga uyokwelula izandla zakho, omunye umuntu akugqokise akuyise lapho ungathandi khona.” Ngakho uJesu uyamncenga, uthi: “Qhubeka ungilandela.”—Johane 21:18, 19.

UPetru ubona umphostoli uJohane bese eyabuza: “Nkosi, kuzokwenzekani kule ndoda?” Yebo, kuzokwenzekani esikhathini esizayo kumphostoli uJesu amthanda kakhulu? UJesu uyaphendula: “Uma kuyintando yami ukuba ahlale ngize ngifike, kukukhathaza ngani wena lokho?” (Johane 21:21-23) UPetru kudingeka alandele uJesu ngaphandle kokukhathazeka ukuthi abanye benzani. Nokho, uJesu ubonisa ukuthi uJohane uyophila isikhathi eside kunabanye abaphostoli futhi uyonikezwa umbono lapho uJesu eza esemandleni oMbuso.

Kuyiqiniso ukuthi ziningi izinto uJesu azenza ezingabhalwanga emqulwini.