Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 138

UKristu Ungakwesokudla SikaNkulunkulu

UKristu Ungakwesokudla SikaNkulunkulu

IZENZO 7:56

  • UJESU UHLEZI NGAKWESOKUDLA SIKANKULUNKULU

  • USAWULU UBA UMFUNDI

  • SINESIZATHU SOKUJABULA

Ukuthululwa komoya ongcwele ngosuku lwePhentekoste ngemva kwezinsuku eziyishumi uJesu enyukele ezulwini, kwanikeza ubufakazi bokuthi ngempela usesezulwini. Obunye ubufakazi bokuthi usenyukele ezulwini babuseza. Ngaphambi kokuba umfundi uStefanu akhandwe ngamatshe ngenxa yokunikeza ubufakazi ngokwethembeka, wathi: “Bhekani! Ngibona amazulu evulekile neNdodana yomuntu imi ngakwesokudla sikaNkulunkulu.”—IzEnzo 7:56.

Ngesikhathi enoYise ezulwini, uJesu wayezolinda isiqondiso esithile esabikezelwa eZwini likaNkulunkulu. UDavide ephefumulelwe wathi: “UJehova wathi eNkosini yami [uJesu]: ‘Hlala ngakwesokudla sami ngize ngibeke izitha zakho ngaphansi kwezinyawo zakho.’” Lapho leso sikhathi sokulinda siphela, ‘uyonqoba phakathi kwezitha zakhe.’ (IHubo 110:1, 2) Kodwa uJesu uzobe enzani ezulwini ngesikhathi esalinde ukuthathela izitha zakhe isinyathelo?

NgePhentekoste lika-33 C.E., kwamiswa ibandla lobuKristu. Esezulwini, uJesu waqala ukubusa phezu kwabafundi bakhe abagcotshwe ngomoya. (Kolose 1:13) Wabaqondisa lapho beshumayela futhi wabalungiselela lokho abayokwenza esikhathini esizayo. Yini abayoyenza? Labo abazibonakalise bethembekile kuze kube sekufeni, bayovuswa futhi bakhonze njengamakhosi kanye noJesu eMbusweni.

Isibonelo esivelele somunye owayeyobusa njengenkosi esikhathini esizayo kwakunguSawulu, owayaziwa ngegama lakhe lesiRoma elithi Pawulu. WayengumJuda owayewushisekele isikhathi eside uMthetho kaNkulunkulu, kodwa wayedukiswe abaholi benkolo abangamaJuda waze wasekela ngisho ukushaywa ngamatshe kukaStefanu. “Esaqhubeka nokusongela abafundi beNkosi futhi efuna ukubabulala,” uSawulu waya eDamaseku. Wagunyazwa umPristi Ophakeme uKayafase ukuba abophe abafundi bakaJesu futhi abalethe eJerusalema. (IzEnzo 7:58; 9:1) Nokho, ngesikhathi uSawulu esendleleni kwabanika nxazonke zakhe kwaba nokukhanya okukhulu futhi wawela emhlabathini.

Kwaqhamuka izwi endaweni engabonakali lathi: “Sawulu, Sawulu, ungishushiselani?” USawulu wabuza: “Ungubani wena Nkosi?” Lathi: “NginguJesu, lowo omshushisayo.”—IzEnzo 9:4, 5.

UJesu watshela uSawulu ukuthi aye eDamaseku futhi alinde iziqondiso ezengeziwe kodwa kwakuyodingeka ahambe nothile ngenxa yokuthi ukukhanya okuyisimangaliso kwamvala amehlo. Komunye umbono, uJesu wabonakala ku-Ananiya, omunye wabafundi bakhe ohlala eDamaseku. UJesu watshela u-Ananiya ukuba ahambe aye emzini othile ayofuna uSawulu. U-Ananiya wayesaba ukuya kodwa uJesu wamqinisekisa, wathi: “Lo muntu uyisitsha sami engisikhethile ukuba aphathe igama lami ezizweni nasemakhosini nakubantwana bakwa-Israyeli.” USawulu waphinde wabona, futhi eseDamaseku “waqala ukushumayela emasinagogeni ngoJesu, ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”—IzEnzo 9:15, 20.

Ngosizo lukaJesu, uPawulu nabanye abavangeli baqhubeka nomsebenzi wokushumayela uJesu ayewuqalile. UNkulunkulu wababusisa ngemiphumela emihle kakhulu. Eminyakeni engaba ngu-25 ngemva kokuba uJesu ebonakale kuPawulu emgwaqweni oya eDamaseku, uPawulu wabhala ukuthi izindaba ezinhle zase ‘zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’—Kolose 1:23.

Eminyakeni eyalandela, uJesu wanikeza umphostoli ayemthanda uJohane uchungechunge lwemibono, etholakala encwadini yeBhayibheli yesAmbulo. Empeleni uJohane waphila waze wabona uJesu ebuyela emandleni oMbuso ngale mibono. (Johane 21:22) “Ngokuphefumulelwa [uJohane] ngaba sosukwini lweNkosi.” (IsAmbulo 1:10) Kwakuyokwenzeka nini lokho?

Ucwaningo lweziprofetho zeBhayibheli lubonisa ukuthi ‘usuku lweNkosi’ lwaqala esikhathini sethu. Ngo-1914, kwaba neMpi Yezwe Yokuqala. Futhi amashumi eminyaka kusukela ngaleso sikhathi kuye kwaba khona izimpi, izifo, indlala, ukuzamazama komhlaba, nobunye ubufakazi obubonise ukugcwaliseka okukhulu ‘kophawu’ uJesu alunikeza abaphostoli bakhe mayelana ‘nokuba khona kwakhe’ “nolwesiphelo.” (Mathewu 24:3, 7, 8, 14) Manje izindaba ezinhle zoMbuso ziyashunyayelwa, hhayi nje endaweni eyayibuswa amaRoma kuphela, kodwa emhlabeni wonke.

UJohane waphefumulelwa ukuba achaze ukuthi kusho ukuthini lokhu: “Manje isikhona insindiso, namandla, noMbuso kaNkulunkulu wethu negunya likaKristu wakhe.” (IsAmbulo 12:10) Yebo, uMbuso kaNkulunkulu ezulwini, lowo uJesu awumemezela kabanzi, ungokoqobo!

Lezo izindaba ezimangalisayo kubo bonke abafundi bakaJesu. Bangacabanga ngamazwi kaJohane: “Ngenxa yalokhu, thokozani nina mazulu nani enihlala kuwo! Maye ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”—IsAmbulo 12:12.

Ngakho, uJesu akasalindile ngakwesokudla sikaYise. Usebusa njengeNkosi, futhi ngokushesha uzoziqeda zonke izitha zakhe. (Hebheru 10:12, 13) Silindele isikhathi esijabulisa ngempela!