Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 139

UJesu Uletha IPharadesi Futhi Uqeda Isabelo Sakhe

UJesu Uletha IPharadesi Futhi Uqeda Isabelo Sakhe

1 KORINTE 15:24-28

  • OKUYOKWENZEKA NGEZIMVU NEZIMBUZI

  • ABANINGI BAYOJABULELA UKUPHILA EPHARADESI EMHLABENI

  • UJESU UFAKAZELA UKUTHI UYINDLELA, IQINISO NOKUPHILA

Ngokushesha ngemva kokubhapathizwa, uJesu wabhekana nesitha esasizimisele ukumenza ahluleke ngisho nangaphambi nje kokuba aqale inkonzo yakhe. Yebo, uDeveli wazama ngokuphindaphindiwe ukulinga uJesu. Kamuva uJesu washo lokhu ngomubi: “Uyeza umbusi waleli zwe, futhi akangibambanga ndawo.”—Johane 14:30.

Umphostoli uJohane wakubona embonweni lokho okwakuyokwenzeka ‘kudrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane.’ Leso sitha sabantu esinonya siyoxoshwa ezulwini, ‘sithukuthele kakhulu, sazi ukuthi sinesikhathi esifushane.’ (IsAmbulo 12:9, 12) AmaKristu anesizathu esihle sokukholelwa ukuthi aphila phakathi naleso ‘sikhathi esifushane’ nokuthi maduze “udrako, inyoka yokuqala,” uzophonswa kwalasha angakwazi kwenza lutho iminyaka engu-1 000 ngesikhathi uJesu ebusa eMbusweni kaNkulunkulu.—IsAmbulo 20:1, 2.

Phakathi naleso sikhathi, kuyokwenzekani ekhaya lethu eliwumhlaba? Obani abayophila emhlabeni futhi kuyobe kunjani? UJesu ngokwakhe wawuphendula lo mbuzo. Emfanekisweni wakhe wezimvu nezimbuzi, wabonisa ukuthi yiliphi ikusasa eliyotholwa abantu abalungile abafana nezimvu, abasekela abafowabo bakaJesu futhi babenzele okuhle. Wakwenza kwacaca nalokho okuyokwenzeka kulabo abenza okuhlukile abafana nezimbuzi. UJesu wathi: “Labo [abayizimbuzi] bayonqunywa phakade, kodwa abalungile [abayizimvu] bathole ukuphila okuphakade.”—Mathewu 25:46.

Lokhu kwenza siwaqonde kahle amazwi kaJesu awatshela isigebengu esasiphanyekwe eduze kwakhe. UJesu akazange athembise le ndoda umvuzo owathenjiswa abaphostoli abathembekile, wokuba ingxenye yoMbuso wasezulwini. Kunalokho, uJesu wathembisa lo menzi wokubi owayephendukile: “Ngiyakuqinisekisa namuhla, uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Ngenxa yalokho, le ndoda yathola ithemba lokuphila ePharadesi—ingadi enhle efana nepaki. Kunengqondo ukuthi labo namuhla abazibonisa benjengezimvu futhi abangena ‘ekuphileni okuphakade,’ nabo bayoba sePharadesi.

Lokhu kuvumelana kahle nencazelo eyanikezwa umphostoli uJohane mayelana nezimo eziyoqhubeka zikhona emhlabeni. Wathi: “Itende likaNkulunkulu limi phakathi kwabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Ukuze leso sigebengu sithole ukuphila ePharadesi, kuyodingeka sivuswe ekufeni. Futhi akusona kuphela esiyovuswa. UJesu wakucacisa lokhu lapho ethi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyolizwa izwi layo baphume, ababenza okuhle baphumele ovukweni lokuphila, ababenza okubi ovukweni lokwahlulelwa.”—Johane 5:28, 29.

Kodwa kuzokwenzekani ngabaphostoli abathembekile kanye nabanye abambalwa abazophila noJesu ezulwini? IBhayibheli lithi: “Bayoba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka engu-1 000.” (IsAmbulo 20:6) Labo abayobusa kanye noKristu kuyobe kungabantu ababekade bengamadoda nabesifazane abathathwe emhlabeni. Ngokuqinisekile bayoba ababusi basezulwini abanozwela futhi ababaqondayo labo abaphila emhlabeni.—IsAmbulo 5:10.

UJesu uyosebenzisa umhlatshelo wakhe wesihlengo kubantu emhlabeni futhi asuse isiqalekiso sesono abasizuza njengefa. Yena nalabo ayobusa nabo, bayovusa abantu abathembekile bephile kahle. Yebo, abantu bayojabulela ukuphila uNkulunkulu ayekuhlosile kwasekuqaleni lapho etshela u-Adamu no-Eva ukuba bazale bande bagcwalise umhlaba. Ngisho nokufa okwabangelwa ukona kuka-Adamu kuyobe kungasekho!

Ngakho, uJesu uyobe esekufeze konke lokho uJehova amcele ukuba akwenze. Ekupheleni kokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu uyobuyisela uMbuso kanye nomndeni wabantu abangenasono kuYise. Ekhuluma ngaleso senzo sikaJesu esimangalisayo sokuthobeka, umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho zonke izinto sezibekwe ngaphansi kwakhe, khona-ke neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.”—1 Korinte 15:28.

Kuyacaca ukuthi uJesu ufeza indima ebalulekile ekugcwalisekeni kwenjongo emangalisayo kaNkulunkulu. Njengoba lokho uNkulunkulu ayekuhlosile kuqhubeka kufezeka kulo lonke iphakade, uJesu uyokufakazela ngokuphelele lokho ayekushilo ngaye lapho ethi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.”—Johane 14:6.