Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 4

Inkonzo KaJesu Yakamuva EJudiya

“Ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi.”—LUKA 10:2

Inkonzo KaJesu Yakamuva EJudiya

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 66

EJerusalema EMkhosini WamaTabernakele

Yini eyayingenza labo ababelalele uJesu bacabange ukuthi unedemoni?

ISAHLUKO 67

“Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”

Cishe bonke eNkantolo ephakeme yamaJuda baphikisa uJesu, kodwa ilungu elilodwa lale nkantolo liyamkhulumela.

ISAHLUKO 68

INdodana KaNkulunkulu ‘Iwukukhanya Kwezwe’

UJesu wathi “iqiniso liyonikhulula.” Likhululaphi?

ISAHLUKO 69

Ubani Ubaba Wawo, U-⁠Abrahama Noma UDeveli?

UJesu ukhuluma ngokuthi zingabonakala kanjani izingane zika-Abrahama, nokuthi ubani ngempela uBaba wazo.

ISAHLUKO 70

UJesu Ulapha Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe

Abafundi babuza ukuthi kungani le ndoda iyimpumputhe. Ingabe yenza isono noma kona abazali bayo? Abantu baba nemibono engafani lapho uJesu eyelapha.

ISAHLUKO 71

AbaFarisi Bakhuluma Nendoda Eyazalwa Iyimpumputhe

Ukuba nengqondo kwendoda ebingaboni kuyabacasula abaFarisi. Njengoba nje abazali bayo bebelindele, abaFarisi bayayixosha esinagogeni.

ISAHLUKO 72

UJesu Uthuma Abafundi Abangu-70 Ukuba Bayoshumayela

EseJudiya, uJesu uthuma abafundi abangu-70 njengabashumayeli boMbuso behamba ngababili. Abafundi bazobathola kuphi abantu abazobashumayeza​—⁠emasinagogeni noma emizini yabantu?

ISAHLUKO 73

UmSamariya Uzibonisa Engumakhelwane Wangempela

UJesu uwusebenzisa kanjani umfanekiso womakhelwane ongumSamariya noma “umSamariya olungile,” ukuze afundise isifundo esinamandla?

ISAHLUKO 74

Izifundo Ngokwamukela Izivakashi Nangomthandazo

UJesu uvakashela uMariya noMarta kubo. Yini ayifundisayo ngokwamukela izivakashi? Ngokuhamba kwesikhathi yini ayifundisa abafundi ukuthi bayithandazele?

ISAHLUKO 75

UJesu Wembula Umthombo Wenjabulo

UJesu utshela labo abamgxekayo “ngomunwe kaNkulunkulu,” nokuthi uMbuso kaNkulunkulu usubaficile. Utshela abantu nendlela abangathola ngayo nenjabulo yangempela.

ISAHLUKO 76

UJesu Udla NomFarisi

UJesu udalula ubuzenzisi babaFarisi nababhali. Yimiphi imithwalo esindayo abayithwalisa abantu?

ISAHLUKO 77

UJesu Unikeza Iseluleko Mayelana Nengcebo

UJesu wenza umfanekiso wendoda ezakhela izinqolobane. Isiphi iseluleko aphinde asinikeze ngobungozi bokufuna ingcebo?

ISAHLUKO 78

Hlala Ulindile, Mphathi Othembekile!

UJesu ubonisa ukuthi unendaba nokuthi abalandeli bakhe bondleke ngezinto ezibasondeza kuNkulunkulu. Iyini indima yomphathi? Kungani iseluleko sokuhlala silindile sibalulekile?

ISAHLUKO 79

Ukubhujiswa KwamaJuda Angakholwa Sekusondele

UJesu uthi labo azama ukubasiza bangase babhujiswe uma bengaphenduki. Ingabe bazosifunda isifundo esibalulekile uJesu azama ukubafundisa sona mayelana nokuzama ukwakha ubuhlobo noNkulunkulu?

ISAHLUKO 80

Umalusi Omuhle Nesibaya Sezimvu

Ubuhlobo umalusi anabo nezimvu, bubufanekisa kahle ubuhlobo uJesu anabo nabafundi bakhe. Bazokwazi yini ukubona izimfundiso zakhe bese zimlandela?

ISAHLUKO 81

Kungayiphi Indlela UJesu NoYise Bemunye?

AmaJuda ambeka icala lokuthi ulingana noNkulunkulu. Uziphikisa kanjani ngobuchule izinsolo zabo ezingamanga?