INGXENYE 5
Inkonzo Yakamuva Empumalanga YeJordani
“Abaningi baba nokholo kuye.”—JOHANE 10:42
KULE NGXENYE
ISAHLUKO 82
Inkonzo KaJesu EPhereya
UJesu uchazela abafundi bakhe ukuthi yini umuntu ayidingayo ukuze athole insindiso. Iseluleko sakhe sasibalulekile ngesikhathi esedlule. Kuthiwani nganamuhla?
ISAHLUKO 83
Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?
Njengoba edla emzini womFarisi, uJesu wenza umfanekiso wesidlo sakusihlwa esikhulu. Unesifundo esibalulekile azositshela bonke abantu bakaNkulunkulu. Yisiphi leso sifundo?
ISAHLUKO 84
Kubaluleke Kangakanani Ukuba Umfundi KaKristu?
Kubaluleke kakhulu ukuba umfundi kaKristu. UJesu ukuchaza kahle lokho okuhilelekile. Abanye abazoba abalandeli bakhe kuyabashaqisa lokho akushoyo.
ISAHLUKO 85
Injabulo Ngesoni Esiphendukayo
AbaFarisi nababhali bagxeka uJesu ngoba echitha isikhathi nabantu abavamile. UJesu uphendula ngokusebenzisa imifanekiso ebonisa ukuthi uNkulunkulu uzibheka kanjani izoni.
ISAHLUKO 86
Indodana Ebilahlekile Iyabuya
Yiziphi izifundo esingazifunda emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko?
ISAHLUKO 87
Sebenzisa Ukuhlakanipha—Uhlele Kusenesikhathi
UJesu usebenzisa umfanekiso womphathi wendlu oyiqili nongathembekile ukuze afundise iqiniso elimangazayo.
ISAHLUKO 88
Indoda Eyisicebi NoLazaru
Ukuze uqonde umfanekiso kaJesu, kufanele ukwazi ukubona ukuthi abalingiswa ababili abayinhloko bamelelani.
ISAHLUKO 89
Ufundisa EPhereya Esendleleni Eya EJudiya
Ukhuluma ngobuntu obungasisiza sithethelele ngisho nalabo abasona ngokuphindaphindiwe.
ISAHLUKO 90
‘Ukuvuka Nokuphila’
Wayesho ukuthini uJesu uma ethi labo ababonisa ukholo kuye ‘abasoze bafa’?
ISAHLUKO 91
ULazaru Uyavuswa
Izinto ezimbili eziyinhloko kule ndaba zenza kungabi lula ngabaphikisi bakaJesu ukuba baphike lesi simangaliso.
ISAHLUKO 92
Kwelashwa Abanochoko Abayishumi Kodwa Uyedwa Obongayo
Indoda eyelashiwe ayibongi kuJesu kuphela kodwa nakomunye umuntu.
ISAHLUKO 94
Isidingo Sokuthandaza Nesokuthobeka
Emfanekisweni wakhe womahluleli ongalungile nomfelokazi, uJesu ugcizelela ukubaluleka kwemfanelo ethile.
ISAHLUKO 95
Ufundisa Ngokudivosa Nokuthanda Abantwana
Umbono kaJesu ngabantwana uhlukile kunowabafundi. Kungani?
ISAHLUKO 96
UJesu Uphendula Insizwa Ecebile Engumbusi
Yini eyenza uJesu athi kulula ngekamela ukuba lingene embotsheni yenaliti kunokuba umuntu ocebile angene eMbusweni kaNkulunkulu?
ISAHLUKO 97
Umfanekiso Wezisebenzi Zasensimini Yamagilebhisi
Abokuqala bayoba kanjani abokugcina futhi abokugcina bayoba kanjani ngabokuqala?
ISAHLUKO 98
Abaphostoli Baphinde Bafune Ukuvelela
UJakobe noJohane bacela ukuthola izikhundla ezikhethekile eMbusweni, kodwa akubona bodwa abanaleso sifiso.
ISAHLUKO 99
UJesu Welapha Amadoda Ayizimpumputhe, Asize NoZakewu
Zingavumelana kanjani lezi zenzakalo eziseBhayibhelini ezinokushayisana ezimayelana noJesu elapha impumputhe eJeriko?
ISAHLUKO 100
Umfanekiso KaJesu Womina Abayishumi
Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Bonke abanakho, bayonikwa okwengeziwe, kodwa lowo ongenakho, uyophucwa ngisho nalokho anakho”?