Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 70

UJesu Ulapha Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe

UJesu Ulapha Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe

JOHANE 9:1-18

  • UMUNTU OWAZALWA EYIMPUMPUTHE UYELASHWA

UJesu usaseJerusalema ngeSabatha. Njengoba yena nabafundi bakhe behamba edolobheni, babona isinxibi esazalwa siyimpumputhe. Abafundi babuza uJesu: “Rabi, ubani owona, yilo muntu noma ngabazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe?”—Johane 9:2.

Abafundi babazi ukuthi le ndoda ayikaze iphile kwenye indawo ngaphambi kokuba izalwe, noma kunjalo, babezibuza ukuthi umuntu angaba yini nesono esasesiswini sikanina. UJesu uyaphendula: “Akonanga lo muntu noma abazali bakhe, kodwa kwenzeka ukuze imisebenzi kaNkulunkulu ibonakaliswe ngaye.” (Johane 9:3) Ngakho, le ndoda noma abazali bayo, babengenaso isono noma icala elibangele ukuba izalwe iyimpumputhe. Kunalokho, ngenxa yesono sika-Adamu, bonke abantu bazalwa benesono futhi benezinkinga ezinjengobumpumputhe. Kodwa ubumpumputhe bale ndoda, bunikeza uJesu ithuba lokubonisa imisebenzi kaNkulunkulu, njengoba ayenza ngezinye izikhathi lapho elapha abantu abagulayo.

UJesu ugcizelela ukuthi kuyaphuthuma ukwenza le misebenzi. Uthi: “Kumelwe senze imisebenzi yaLowo ongithumile kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho muntu ongasebenza khona. Uma nje ngisesezweni, ngiwukukhanya kwezwe.” (Johane 9:4, 5) Maduze, ukufa kukaJesu kuzomenza abe sebumnyameni ethuneni, lapho engenakwenza lutho khona. Okwamanje, ungumthombo wokukhanya ezweni.

UJesu uzoyelapha yini le ndoda, uma kunjalo, kanjani? UJesu uphimisela amathe phansi bese enza ngawo udaka. Uthatha olunye lwalolo daka alugcobe emehlweni ale ndoda bese ethi: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama.” (Johane 9:7) Le ndoda iyalalela. Ngemva kokugeza kulo, iyabona! Cabanga indlela ejabula ngayo njengoba ibona okukuqala ngqa ekuphileni kwayo!

Omakhelwane nabanye abebazi ukuthi le ndoda ibiyimpumputhe, babamba ongezansi. Bayabuza: “Yilo muntu obevame ukuhlala acele, akunjalo?” Abanye bayaphendula bathi: “Nguye.” Abanye abakukholwa lokhu bese bethi: “Lutho neze, ufana naye.” Le ndoda iyaphendula ithi: “Nginguye.”—Johane 9:8, 9.

Ngenxa yalokho bayayibuza: “Pho-ke, amehlo akho avuleke kanjani?” Iyaphendula: “Lo muntu okuthiwa nguJesu wenze udaka walugcoba emehlweni ami wathi kimi, ‘Hamba uyogeza eSilowama.’ Ngakho ngihambile, ngageza, ngabona.” Babe sebeyibuza: “Uphi lowo muntu?” Le ndoda ithi: “Angazi.”—Johane 9:10-12.

Abantu bayisa le ndoda kubaFarisi, nabo ababefuna ukwazi ukuthi avuleke kanjani amehlo ayo. Iyabatshela: “Unameke udaka emehlweni ami, ngageza, ngakho ngiyabona.” Kufanele ngabe abaFarisi bajabula nale ndoda ngokuthi isilaphekile. Kunalokho, abanye kubo bayamgxeka uJesu. Bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngoba akaligcini iSabatha.” Kodwa abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso zalolu hlobo?” (Johane 9:15, 16) Ngakho bahlukene phakathi.

Njengoba bengavumelani, baya kule ndoda esikwazi ukubona bese beyibuza: “Wena-ke uthini ngaye, njengoba evule amehlo akho?” Le ndoda ayingabazi ngoJesu futhi iyaphendula: “Ungumprofethi.”—Johane 9:17.

AmaJuda awafuni ukukukholelwa lokhu. Kungenzeka acabanga ukuthi kuneqhinga elithile phakathi kwale ndoda noJesu lokukhohlisa abantu. Aphetha ngokuthi into ezolungisa le ndaba, ukubuza abazali bale ndoda ukuthi ngempela yazalwa iyimpumputhe yini.