Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 71

AbaFarisi Bakhuluma Nendoda Eyazalwa Iyimpumputhe

AbaFarisi Bakhuluma Nendoda Eyazalwa Iyimpumputhe

JOHANE 9:19-41

  • ABAFARISI BAKHULUMA NENDODA EBIYIMPUMPUTHE

  • ABAHOLI BENKOLO ‘BAYIZIMPUMPUTHE’

AbaFarisi abafuni ukwamukela ukuthi uJesu uvule amehlo endoda eyayizalwe iyimpumputhe, ngakho babiza abazali bayo. Abazali bale ndoda bayazi ukuthi bangase ‘baxoshwe esinagogeni.’ (Johane 9:22) Uma lo mndeni uhlukaniswa namanye amaJuda, ungaba nezinkinga ezinkulu zezimali nezenhlalo.

AbaFarisi babuza imibuzo emibili: “Ingabe lona uyindodana yenu enithi yazalwa iyimpumputhe? Kwenzeka kanjani ukuba ibone manje?” Abazali bayaphendula: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe. Kodwa ukuthi kwenzeke kanjani ukuba abone manje, asazi; noma ukuthi ubani ovule amehlo akhe, asazi.” Ngisho noma ngabe indodana yabo ibibatshelile ukuthi kwenzekeni, abazali baphendula ngokuqapha bathi: “Buzani yena. Usekhulile. Kumelwe azikhulumele.”—Johane 9:19-21.

Ngakho abaFarisi baphinde babize le ndoda, bayesabise ngokuthi kunobufakazi abanabo ngokumelene noJesu. Bayayiphoqa bathi: “Khazimulisa uNkulunkulu; thina siyazi ukuthi lo muntu uyisoni.” Ingakunaki lokho abakushoyo, le ndoda ebingaboni ithi: “Ukuthi uyisoni yini, mina angazi.” Iqhubeka ithi: “Yinye into engiyaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, kodwa manje sengiyabona.”—Johane 9:24, 25.

Bengazimisele ukuyiyeka le ndaba, abaFarisi bayaqhubeka: “Wenzeni kuwe? Uwavule kanjani amehlo akho?” Le ndoda ibonisa isibindi bese ithi: “Senginitshelile, kodwa anilalelanga. Kungani nifuna ukuphinde nizwe futhi? Anifuni ukuba ngabafundi bakhe nani, akunjalo?” Bethukuthele, abaFarisi bathi: “Nguwe umfundi walowo muntu, thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma noMose, kodwa asazi ukuthi lo muntu uvelaphi.”—Johane 9:26-29.

Ishaqekile, le ndoda ebingaboni ithi: “Ngempela kuyisimanga lokhu, ukuthi anazi ukuthi uvelaphi, kodwa ebe evule amehlo ami.” Le ndoda ibe isiveza iphuzu elinengqondo mayelana nokuthi ubani uNkulunkulu amlalelayo namamukelayo: “Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu futhi enza intando yakhe, uyamlalela lowo. Kusukela kudala akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo omuntu owazalwa eyimpumputhe.” Ekugcineni le ndoda iphetha ngokuthi: “Ukube lo muntu ubengaveli kuNkulunkulu, ubengeke enze lutho nhlobo.”—Johane 9:30-33.

Behluleka ukuphikisa la mazwi anengqondo, abaFarisi bayamgxeka bathi: “Wazalelwa esonweni ngokuphelele, kodwa uzofundisa thina?” Bayamxosha.—Johane 9:34.

Lapho uJesu ezwa ngalokho okwenzekile, ucinga le ndoda, lapho eyithola ube eseyibuza: “Ingabe unalo ukholo eNdodaneni yomuntu?” Le ndoda ebiyimpumputhe iyaphendula: “Ingubani, mnumzane, ukuze ngibe nokholo kuyo?” Ngokucacile, uJesu uthi: “Uyibonile, eqinisweni yiyo le ekhuluma nawe.”—Johane 9:35-37.

Le ndoda iyaphendula: “Nginalo ukholo kuyo, Nkosi.” Ibonisa ukholo nenhlonipho, le ndoda iguqa phambi kukaJesu, obe esesho la mazwi anamandla: “Ngeza kuleli zwe ngenxa yalesi sahlulelo, ukuze labo abangaboni babone futhi labo ababonayo babe yizimpumputhe.”—Johane 9:38, 39.

AbaFarisi ababelapho bayazi ukuthi abazona izimpumputhe. Kodwa kuthiwani ngendima abacabanga ukuthi banayo yokuba abaholi benkolo? Bezivikela, bathi: “Usho ukuthi nathi siyizimpumputhe?” UJesu uthi: “Ukube beniyizimpumputhe, beningeke nibe nasono. Kodwa manje nithi, ‘Siyabona.’ Isono senu sihlezi kini.” (Johane 9:40, 41) Ukube bebengebona abafundisi kwa-Israyeli, ukuphika kwabo uJesu ukuthi unguMesiya bekuyoqondakala. Kodwa ngenxa yokuthi bayawazi uMthetho, ukumenqaba kwabo kuyisono esikhulu.