Dlulela kokuphakathi

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Ingabe . . .

  • uyinto ethile esenhliziyweni yakho?

  • ufanekisela okuthile?

  • unguhulumeni osezulwini?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze ubhujiswe.”—Daniyeli 2:44, INguqulo Yezwe Elisha.

‘Siphiwe indodana; uhulumeni uyoba semahlombe ayo.’—Isaya 9:6; umbhalo waphansi.

LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE

SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?

Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezimbili:

  • UJesu wakubonisa lokho okuyofezwa uMbuso kaNkulunkulu. UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze nokuba intando yaKhe yenzeke emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) UJesu wabonisa indlela lowo mthandazo oyophendulwa ngayo.

    Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wondla abalambile, welapha abagulayo futhi wavusa abafileyo! (Mathewu 15:29-38; Johane 11:38-44) NjengoMbusi wesikhathi esizayo woMbuso kaNkulunkulu, uJesu wasinikeza amazwibela amahle alokho lowo Mbuso oyokwenzela abantu abangaphansi kwawo.—IsAmbulo 11:15.

  • Izinto ezenzeka emhlabeni ziqinisekisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzofika maduzane. UJesu wabikezela ukuthi ngaphambi nje kokuba uMbuso ulethe ukuthula emhlabeni, umhlaba uyogcwala izimpi, indlala nokuzamazama komhlaba.—Mathewu 24:3, 7.

    Yilokho kanye esikubona namuhla. Ngakho singaqiniseka ngokuthi maduzane uMbuso kaNkulunkulu uzoziqeda zonke lezi zinkinga.

CABANGA NGALOKHU

Kuyoba njani ukuphila lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu?

IBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo encwadini yeHUBO 37:29 naku-ISAYA 65:21-23.