Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 4

Ungubani UJesu Kristu?

Ungubani UJesu Kristu?

1, 2. (a) Usuke umazi ngempela yini umuntu odumile uma wazi igama lakhe kuphela? Chaza. (b) Yini abantu abayikholelwayo ngoJesu?

BANINGI abantu abadumile emhlabeni. Kungenzeka kunegama lomuntu othile odumile olaziyo. Kodwa ukwazi igama lakhe, akusho ukuthi umazi ngempela. Akusho ukuthi wazi konke ngokuphila kwakhe nokuthi ungumuntu onjani ngempela.

2 Kungenzeka uke wezwa ngoJesu Kristu, yize aphila emhlabeni eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule. Kodwa iningi labantu alazi ukuthi uJesu wayengumuntu onjani. Abanye bathi wayelungile, abanye bathi wayengumprofethi, kanti abanye bathi unguNkulunkulu. Wena ucabangani?—Bheka uMbhalo Osekugcineni 12.

3. Kungani kubalulekile ukuba wazi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu?

3 Kubalulekile ukuba wazi iqiniso ngoJesu. Kungani? IBhayibheli liyasitshela: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Yebo, uma wazi iqiniso ngoJehova noJesu, ungaphila phakade emhlabeni oyipharadesi. (Johane 14:6) Ukwazi uJesu kuzokusiza ngoba wabeka isibonelo esihle kakhulu ngendlela aphila ngayo naphatha ngayo abanye. (Johane 13:34, 35) ESahlukweni 1, sifunde iqiniso ngoNkulunkulu. Manje sizofunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngoJesu.

SIMTHOLILE UMESIYA!

4. Lisho ukuthini igama elithi “Mesiya” nelithi “Kristu”?

4 Eminyakeni eminingi ngaphambi kokuba uJesu azalwe, uJehova wathembisa eBhayibhelini ukuthi uyothumela uMesiya noma uKristu. Igama elithi “Mesiya” livela olimini lwesiHebheru, kanti elithi “Kristu” livela olimini lwesiGreki. Womabili la magama asho ukuthi “Ogcotshiwe.” UJesu unikwe lesi siqu noba wakhethwa uNkulunkulu ukuba enze umsebenzi obalulekile, wamnika nesikhundla esikhethekile. UMesiya uyokwenza zonke izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseke. Angakusiza namanje. Ngaphambi kokuba uJesu azalwe, abantu abaningi babezibuza ukuthi ubani ozoba uMesiya.

5. Ingabe abafundi bakaJesu babekholelwa ukuthi unguMesiya?

5 Abafundi bakaJesu babengangabazi ukuthi unguMesiya othenjisiwe. (Johane 1:41) Ngokwesibonelo, uSimoni Petru wathi kuJesu: “UnguKristu.” (Mathewu 16:16) Thina singaqiniseka kanjani ukuthi uJesu unguMesiya?

6. UJehova wabasiza kanjani abantu abaqotho ukuba bakwazi ukubona uMesiya?

6 Kusasele isikhathi eside uJesu azalwe, abaprofethi bakaNkulunkulu babhala izinto eziningi ezaziyosiza abantu bakwazi ukubona uMesiya. Zaziyobasiza kanjani lezi zinto? Ake sithi ucelwa ukuba uye esiteshini samabhasi esiphithizelayo uyohlangabeza umuntu ongakaze umbone. Uma uchazelwe kahle ukuthi unjani umuntu oyomhlangabeza, uzokwazi ukumbona. Ngokufanayo, uJehova wasebenzisa abaprofethi bakhe ukuba basitshele izinto ezaziyokwenziwa uMesiya nalezo ezaziyokwenzeka kuye. Ukugcwaliseka kwazo zonke lezo ziprofetho kusiza abantu abaqotho babone ukuthi uJesu unguMesiya.

7. Iziphi iziprofetho ezimbili ezifakazela ukuthi uJesu unguMesiya?

7 Nazi ezimbili zalezo ziprofetho. Esokuqala, kusasele iminyaka engu-700 uJesu azalwe, uMika waprofetha ukuthi uMesiya wayeyozalelwa edolobheni elincane laseBhetlehema. (Mika 5:2) Yilapho uJesu azalelwa khona! (Mathewu 2:1, 3-9) Esesibili, uDaniyeli waprofetha ukuthi uMesiya wayeyovela ngonyaka ka-29 C.E. (Daniyeli 9:25) Lezi kumane kungezimbili zeziprofetho eziningi ezenza kucace ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 13.

Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, waba uMesiya noma uKristu

8, 9. Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, yini eyenzeka efakazela ukuthi unguMesiya?

8 UJehova ukwenze kwacaca ukuthi uJesu unguMesiya. UNkulunkulu wathembisa ukunikeza uJohane uMbhapathizi isibonakaliso esasiyomenza abone uMesiya. Lapho uJesu eya kuJohane ukuze ambhapathize eMfuleni iJordani ngonyaka ka-29 C.E., uJohane wasibona leso sibonakaliso. IBhayibheli lisitshela okwenzeka: “Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wakhuphuka masinyane emanzini; futhi, bheka! amazulu avuleka, wabona umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu kwakhe. Bheka! Kwaba khona nezwi livela emazulwini elathi: ‘Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.’” (Mathewu 3:16, 17) Lapho uJohane ezwa futhi ebona lesi sibonakaliso, wazi ukuthi uJesu unguMesiya. (Johane 1:32-34) Ngalolo suku, lapho uJehova ethululela umoya wakhe kuJesu, uJesu waba uMesiya. Nguye uNkulunkulu ayemkhethile ukuba abe uMholi neNkosi.—Isaya 55:4.

9 Iziprofetho zeBhayibheli, lokho okwashiwo nguJehova nesibonakaliso asinikeza ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, konke kufakazela ukuthi uJesu unguMesiya. Kodwa wayevelaphi uJesu? Futhi wayengumuntu onjani? Ake sibone ukuthi lithini iBhayibheli.

WAYEVELAPHI UJESU?

10. IBhayibheli lifundisani ngokuphila kukaJesu ngaphambi kokuba eze emhlabeni?

10 IBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu waphila isikhathi eside ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni. UMika wathi uMesiya waqala ukuba khona ‘kusukela ezikhathini zakuqala.’ (Mika 5:2) UJesu washo kaningi ukuthi wayephila ezulwini ngaphambi kokuba azalwe engumuntu. (Funda uJohane 3:13; 6:38, 62; 17:4, 5.) Ngisho nangaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, wayesondelene kakhulu noJehova.

11. Kungani uJesu eyigugu kangaka kuJehova?

11 UJesu uyigugu kakhulu kuJehova. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi uNkulunkulu wamdala kuqala ngaphambi kwazo zonke izinto, nangaphambi kwabo bonke abantu. Ngenxa yalokho, uJesu ubizwa ngokuthi “izibulo layo yonke indalo.” * (Kolose 1:15) UJesu uyigugu kuJehova ngoba lapho uJehova emdala akazange asebenzise muntu, wazidalela yena. Yingakho ebizwa ngokuthi ‘iNdodana ezelwe yodwa.’ (Johane 3:16) UJesu uyena kuphela uJehova amsebenzisa ukuba adale zonke ezinye izinto. (Kolose 1:16) NguJesu kuphela obizwa ngokuthi “uLizwi” ngoba uJehova wamsebenzisa ukuba anikeze izingelosi nabantu imiyalezo neziqondiso.—Johane 1:14.

12. Sazi kanjani ukuthi uJesu noNkulunkulu abayena umuntu oyedwa?

12 Abanye abantu bakholelwa ukuthi uJesu noNkulunkulu bangumuntu oyedwa. Kodwa iBhayibheli alikufundisi lokho. IBhayibheli lithi uJesu wadalwa, okusho ukuthi unesiqalo. Kodwa uJehova, owadala zonke izinto, akanasiqalo. (IHubo 90:2) Njengoba uJesu eyiNdodana kaNkulunkulu, akakaze afise ukuba uNkulunkulu. IBhayibheli lifundisa ngokucacile ukuthi uBaba mkhulu kuneNdodana. (Funda uJohane 14:28; 1 Korinte 11:3.) NguJehova kuphela ‘onguNkulunkulu uMninimandla onke.’ (Genesise 17:1) Ungumuntu omkhulu kunabo bonke nonamandla kunabo bonke emhlabeni nasezulwini.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 14.

13. Kungani iBhayibheli lithi uJesu ‘ungumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali’?

13 UJehova neNdodana yakhe, uJesu, basebenza ndawonye iminyaka eminingi ngaphambi kokuba kudalwe amazulu nomhlaba. Kumelwe ukuba babethandana kakhulu! (Johane 3:35; 14:31) UJesu wabulingisa kahle kakhulu ubuntu bukaYise kangangokuthi iBhayibheli lithi ‘ungumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali.’—Kolose 1:15.

14. Kwenzeka kanjani ukuba iNdodana kaJehova eyigugu izalwe ingumuntu?

14 INdodana kaJehova eyigugu yayizimisele ukushiya izulu ize emhlabeni izozalwa ingumuntu. Kwenzeka kanjani lokho? UJehova wenza isimangaliso, wathatha ukuphila kweNdodana yakhe eyayisezulwini wakudlulisela esibelethweni sentombi okuthiwa uMariya. Ngakho akudingekanga ukuba uJesu abe nobaba omzalayo ongumuntu. UMariya wazala umntwana ongenasono, wamqamba ngokuthi uJesu.—Luka 1:30-35.

WAYENGUMUNTU ONJANI UJESU?

15. Yini engakusiza umazi kahle uJehova?

15 Ungafunda okuningi ngoJesu, ngokuphila kwakhe nangobuntu bakhe ngokufunda izincwadi zeBhayibheli uMathewu, uMarku, uLuka noJohane. Lezi zincwadi zibizwa ngokuthi amaVangeli. Ngenxa yokuthi uJesu ufana noYise, lokho okufunda kulezi zincwadi kuzokusiza ukuba umazi kahle uJehova. Yingakho uJesu ayengathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.”—Johane 14:9.

16. Yini uJesu ayefundisa ngayo? Izinto uJesu ayezifundisa zazivelaphi?

16 Abantu abaningi babebiza uJesu ngokuthi “Mfundisi.” (Johane 1:38; 13:13) Enye yezinto ezibaluleke kakhulu ayezifundisa abantu, “izindaba ezinhle zombuso.” Uyini lo Mbuso? Unguhulumeni kaNkulunkulu ozobusa wonke umhlaba usezulwini futhi ulethe izibusiso kubantu abalalela uNkulunkulu. (Mathewu 4:23) Zonke izinto uJesu ayezifundisa zazivela kuJehova. UJesu wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) UJesu wayazi ukuthi uJehova ufuna abantu bezwe izindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu uzobusa umhlaba.

17. UJesu wayefundisaphi? Kungani asebenza kanzima kangaka ukuze afundise abantu?

17 UJesu wayefundisaphi? Yonke indawo lapho ayethola khona abantu. Wafundisa emaphandleni, emadolobheni amakhulu namancane, ezimakethe, ezindaweni zokukhonza nasemizini yabantu. Wayengalindeli ukuba abantu beze kuye. Wayeya kubo. (Marku 6:56; Luka 19:5, 6) UJesu wasebenza kanzima futhi wachitha isikhathi esiningi namandla efundisa abantu. Kungani? Kungoba wayazi ukuthi uNkulunkulu wayefuna abafundise futhi wayemlalela njalo uYise. (Johane 8:28, 29) Okunye okwenza uJesu washumayela, ukuthi wayebazwela abantu. (Funda uMathewu 9:35, 36.) Wayebona ukuthi abaholi benkolo babengafundisi iqiniso ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe. Ngakho wayefuna ukusiza abaningi ngangokusemandleni akhe ukuba bezwe izindaba ezinhle.

18. Yini oyithanda kakhulu ngobuntu bukaJesu?

18 UJesu wayebathanda abantu futhi ebanakekela. Wayenomusa futhi kulula ukukhuluma naye. Ngisho nezingane zazithanda ukuba naye. (Marku 10:13-16) UJesu wayengalokothi akhethe. Wayeyizonda inkohlakalo nokungalungi. (Mathewu 21:12, 13) Wayephila ngesikhathi lapho abesifazane babengenawo amalungelo amaningi futhi bengahlonishwa. Kodwa uJesu wayengabehlisi isithunzi; wayebahlonipha ngaso sonke isikhathi. (Johane 4:9, 27) UJesu wayethobeke ngempela. Ngokwesibonelo, ngelinye ilanga wageza abaphostoli bakhe izinyawo, okwakuyinto eyayenziwa isisebenzi.—Johane 13:2-5, 12-17.

UJesu wayeshumayela nomaphi lapho ayethola khona abantu

19. Isiphi isibonelo esibonisa ukuthi uJesu wayazi ukuthi yini ngempela edingwa abantu nokuthi wayefuna ukubasiza?

19 UJesu wayazi ukuthi yini abantu ababeyidinga ngempela futhi wayefuna ukubasiza. Lokhu kwacaca bha ngesikhathi esebenzisa amandla kaNkulunkulu ukuze elaphe abantu ngokuyisimangaliso. (Mathewu 14:14) Ngokwesibonelo, indoda eyayinochoko yaya kuJesu yafike yathi: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” UJesu kwamphatha kabi ukubona ubuhlungu nokuhlupheka kwalo muntu. Wamzwela futhi wafuna ukumsiza. Ngakho welula isandla, wathinta le ndoda, wathi kuyo: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” Le ndoda eyayinochoko yelapheka! (Marku 1:40-42) Cabanga nje indlela okumelwe ukuba yazizwa ngayo!

WAHLALA ETHEMBEKILE KUYISE

20, 21. Yini uJesu ayenza ebonisa ukuthi uyisibonelo esihle kakhulu somuntu olalela uNkulunkulu?

20 UJesu uyisibonelo esihle kakhulu somuntu olalela uNkulunkulu. Naphezu kwezinto ezenzeka, nalokho okwenziwa izitha zakhe kuye, wathembeka kuYise. Ngokwesibonelo, uJesu akonanga ngenkathi uSathane emlinga. (Mathewu 4:1-11) Ezinye izihlobo zikaJesu zazingakholwa ukuthi unguMesiya, zithi “uyahlanya,” kodwa uJesu waqhubeka enza umsebenzi kaNkulunkulu. (Marku 3:21) Ngesikhathi izitha zikaJesu zimhlukumeza, wahlala ethembekile kuNkulunkulu, akazange azame ukulwa nazo.—1 Petru 2:21-23.

21 Ngisho nalapho uJesu efa kabuhlungu nangesihluku, wahlala ethembekile kuJehova. (Funda eyabaseFilipi 2:8.) Cabanga nje ngezinto okwadingeka azibekezelele ngosuku afa ngalo. Waboshwa, ofakazi bamanga bathi uthuke uNkulunkulu, amajaji amlahla ngecala, abantu amhleka, amasosha amhlukumeza ayesembethela esigxotsheni. Ngesikhathi efa, wamemeza: “Kufeziwe!” (Johane 19:30) Ngemva kwezinsuku ezintathu uJesu efile, uJehova wamvusa, wamenza waba nomzimba womoya. (1 Petru 3:18) Ngemva kwamasonto ambalwa, uJesu wabuyela ezulwini, “wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu,” walinda ukuba uNkulunkulu amenze iNkosi.—Hebheru 10:12, 13.

22. Iliphi ithuba esesinalo manje ngenxa yokuthi uJesu wathembeka kuYise?

22 Ngenxa yokuthi uJesu wahlala ethembekile kuYise, manje sesinethuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi, njengoba nje uJehova ayehlosile. Esahlukweni esilandelayo, sizoxoxa ngokuthi ukufa kukaJesu kusivulela kanjani ithuba lokuphila phakade.

^ par. 11 UJehova ubizwa ngokuthi uBaba ngoba unguMdali. (Isaya 64:8) UJesu ubizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu ngoba wadalwa uJehova. Izingelosi nomuntu wokuqala u-Adamu nabo babizwa ngokuthi amadodana kaNkulunkulu.—Jobe 1:6; Luka 3:38.