Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 5

Isihlengo​—⁠Yisipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke

Isihlengo​—⁠Yisipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke

1, 2. (a) Yini eyenza isipho sibaluleke kakhulu kuwe? (b) Kungani isihlengo siyisipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asiphe zona?

ISIPHI isipho esibaluleke kakhulu owake wasithola? Uma uthola isipho esikujabulisayo noma osidinga kakhulu, uyasazisa futhi siba esibalulekile kuwe.

2 Kuzo zonke izipho uNkulunkulu asiphe zona, kukhona esisidinga kakhulu. Yisipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asiphe abantu. Kulesi sahluko, sizofunda ukuthi uJehova wathumela iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuze sikwazi ukuphila phakade. (Funda uMathewu 20:28.) Ngokuthumela uJesu ukuba eze emhlabeni azoba yisihlengo, uJehova uye wabonisa ukuthi uyasithanda ngempela.

SIYINI ISIHLENGO?

3. Kungani sifa?

3 Isihlengo siyindlela kaJehova yokukhulula abantu esonweni nasekufeni. (Efesu 1:7) Ukuze siqonde ukuthi kungani isihlengo sasidingeka, kudingeka sazi ukuthi kwenzekani eminyakeni eminingi edlule, ensimini yase-Edene. Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, bona. Ngenxa yalokho, bafa. Ngakho nathi siyafa ngoba sathola isono ku-Adamu no-Eva.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 9.

4. Wayengubani u-Adamu, futhi iziphi izinto uJehova amnika zona?

4 Lapho uJehova edala umuntu wokuqala u-Adamu, wamnika into eyigugu kakhulu. Wamenza waba umuntu ongenasono. Wayenengqondo nomzimba ongenasici. Wayengeke agule, aguge noma afe. Ngenxa yokuthi uJehova wadala u-Adamu, uNkulunkulu wayenjengobaba kuye. (Luka 3:38) UJehova wayekhuluma naye njalo. UNkulunkulu wamchazela ngokucacile u-Adamu ukuthi yini ayeyilindele kuye futhi wamnika umsebenzi ojabulisayo.—Genesise 1:28-30; 2:16, 17.

5. Lisho ukuthini iBhayibheli uma lithi u-Adamu ‘wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu’?

5 U-Adamu ‘wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu.’ (Genesise 1:27) Lokhu kusho ukuthi uJehova wenza u-Adamu waba nobuntu obufana nobaKhe, obuwuthando, ukuhlakanipha, ubulungisa namandla. UNkulunkulu wanika u-Adamu ilungelo lokukhetha ukwenza noma yini ayithandayo. U-Adamu wayengewona umshini odinga ukuqondiswa omunye umuntu. UNkulunkulu wamdala wakwazi ukuzikhethela ukwenza okulungile noma okungalungile. Ukube u-Adamu wakhetha ukulalela uNkulunkulu, ngabe waphila phakade ePharadesi.

6. Walahlekelwa yini u-Adamu ngokungamlaleli uNkulunkulu? Lokhu kusithinta kanjani?

6 Lapho u-Adamu engamlaleli uNkulunkulu futhi ethola isigwebo sokufa, kukhulu okwamlahlekela. Walahlekelwa ubuhlobo obuhle noJehova, ukuphila okungenazinkinga nekhaya eliyiPharadesi. (Genesise 3:17-19) U-Adamu no-Eva bakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu, ngakho balahlekelwa ikusasa eliqhakazile. Ngenxa yalokho okwenziwa u-Adamu, “isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Lapho u-Adamu ona, ‘wazithengisa’ yena kanye nathi ekugqilazweni yisono nokufa. (Roma 7:14) Sinalo yini ithemba lokukhululwa esonweni nasekufeni? Yebo sinalo, isihlengo.

7, 8. Siyini isihlengo?

7 Siyini isihlengo? Isihlengo siyizinto ezimbili. Okokuqala, isihlengo inani elikhokhwayo ukuze kukhululwe othile noma kubuyiswe okuthile. Okwesibili, isihlengo inani elilingana ncamashi nalokho okulahlekile.

8 Akekho umuntu owayengakhokhela umonakalo omkhulu owenziwa u-Adamu lapho ona futhi esilethela ukufa. Kodwa uJehova wenza indlela yokusikhulula esonweni nasekufeni. Ake sifunde ukuthi isihlengo sisebenza kanjani nokuthi singazuza kanjani kuso.

LOKHO UJEHOVA AKWENZA UKUZE ALUNGISELELE ISIHLENGO

9. Kwakudingeka isihlengo esinjani?

9 Akekho kithi owayengahlenga abantu ukuze bathole ukuphila okungenazinkinga okwalahlwa u-Adamu. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi sonke sinesono. (IHubo 49:7, 8) Ukuze sihlengwe, kwakudingeka ukuphila komuntu ongenasono. Yingakho isihlengo sibizwa ngokuthi “yisihlengo esihambelanayo.” (1 Thimothewu 2:6) Isihlengo kwakufanele silingane ncamashi nokuphila okungenasono okwalahlwa u-Adamu.

10. Yini uJehova ayenza ukuze asihlenge?

10 Yini uJehova ayenza ukuze asihlenge? UJehova wathumela emhlabeni iNdodana yakhe eyigugu kunawo wonke. Le Ndodana enguJesu, wayidala kuqala ngaphambi kwazo zonke izinto. (1 Johane 4:9, 10) UJesu wavuma ukushiya uYise nekhaya lakhe ezulwini. (Filipi 2:7) UJehova wadlulisela ukuphila kukaJesu esibelethweni sikaMariya lapha emhlabeni, ngakho uJesu wazalwa engumuntu ongenasici noma ongenasono.—Luka 1:35.

UJehova wanikela ngeNdodana yakhe eyigugu yaba isihlengo

11. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu oyedwa abe isihlengo sabo bonke abantu?

11 U-Adamu, walahlekisela bonke abantu ukuphila okungenazinkinga lapho ekhetha ukungamlaleli uJehova. Kwakungenzeka yini ukuba omunye umuntu asuse ukufa kuyo yonke inzalo ka-Adamu? Yebo, kwakungenzeka. (Funda eyabaseRoma 5:19.) UJesu wanikela ngokuphila kwakhe okungenasono, kwaba isihlengo. (1 Korinte 15:45) Ukuphila kwakhe okungenasono kwasetshenziswa ukuze kususwe ukufa kuyo yonke inzalo ka-Adamu.—1 Korinte 15:21, 22.

12. Kungani kwadingeka ukuba uJesu ahlupheke kangaka?

12 IBhayibheli lichaza indlela uJesu ahlupheka ngayo ngaphambi kokuba afe. Wabhaxabulwa ngonya, wabethelwa esigxotsheni sokuhlushwa futhi wabulawa kabuhlungu. (Johane 19:1, 16-18, 30) Kungani kwadingeka ukuba uJesu ahlupheke kangaka? Yingoba uSathane wayethe akekho umuntu oyohlala eqotho kuNkulunkulu uma evivinywa kabuhlungu. UJesu wabonisa ukuthi umuntu ongenaso isono angaba qotho kuNkulunkulu ngisho nalapho ehlupheka kakhulu. Awuyicabange nje indlela uJehova aziqhenya ngayo ngoJesu!—IzAga 27:11; bheka uMbhalo Osekugcineni 15.

13. Sakhokhwa kanjani isihlengo?

13 Sakhokhwa kanjani isihlengo? UJesu wanikela ngokuphila kwakhe kuYise. Ngonyaka ka-33, ngoNisani 14 ekhalendeni lamaJuda, uJehova wavumela izitha zikaJesu ukuba zimbulale. (Hebheru 10:10) Ngemva kwezinsuku ezintathu, uJehova wavusa uJesu esenomzimba womoya. Kamuva, lapho uJesu ebuyela kuYise ezulwini, wanika uJehova ukuphila kwakhe okungenasono kwasemhlabeni ukuze kuhlengwe abantu. (Hebheru 9:24) Njengoba isihlengo sesakhokhwa, sinethuba lokukhululwa esonweni nasekufeni.—Funda eyabaseRoma 3:23, 24.

INDLELA ISIHLENGO ESINGAKUZUZISA NGAYO

14, 15. Yini okumelwe siyenze ukuze sithethelelwe izono?

14 Isipho sikaNkulunkulu esikhulu kunazo zonke siyasizuzisa kakade. Ake sibone ukuthi sizuza kanjani njengamanje nokuthi siyozuza kanjani esikhathini esizayo.

15 Izono zethu ziyathethelelwa. Kunzima ukwenza okulungile ngaso sonke isikhathi. Senza amaphutha, futhi ngezinye izikhathi sisho noma senze izinto ezingafanele. (Kolose 1:13, 14) Yini esingayenza ukuze sithethelelwe? Kufanele sizisole ngempela ngobubi esibenzile futhi sizehlise sicele ukuba uJehova asithethelele. Uma senze kanjalo singaqiniseka ngokuthi izono zethu zithethelelwe.—1 Johane 1:8, 9.

16. Yini okumelwe siyenze ukuze sibe nonembeza ongenacala?

16 Singaba nonembeza ongenacala. Uma unembeza usitshela ukuthi senzé okubi, sizizwa sinecala, mhlawumbe size siphelelwe ithemba futhi sizibone singento yalutho. Kodwa asikho isidingo sokulahla ithemba. Uma sicela uJehova ukuba asithethelele, singaqiniseka ngokuthi uzosilalela futhi asithethelele. (Hebheru 9:13, 14) UJehova ufuna sikhulume naye nganoma iziphi izinkinga namaphutha ethu. (Hebheru 4:14-16) Uma senza kanjalo, singaba nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu.

17. Iziphi izibusiso esingazithola ngenxa yokuthi uJesu wasifela?

17 Sinethemba lokuphila phakade. “Inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) Singakwazi ukuphila phakade yimiqemane ngenxa yokuthi uJesu wasifela. (IsAmbulo 21:3, 4) Kodwa yini okumelwe siyenze ukuze sithole lezo zibusiso?

INGABE UZOSAMUKELA ISIHLENGO?

18. Sazi kanjani ukuthi uJehova uyasithanda?

18 Cabanga ngendlela ojabula ngayo lapho othile ekupha isipho esihle. Isihlengo siyisipho esiyigugu kunazo zonke, futhi kufanele simbonge ngokusuka enhliziyweni uJehova ngalesi sipho. UJohane 3:16 uthi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.” Yebo, uJehova usithanda kakhulu kangangokuba wasinika iNdodana yakhe eyigugu, uJesu. Siyazi ukuthi noJesu uyasithanda ngoba wasifela engaphoqiwe. (Johane 15:13) Isipho esiyisihlengo kufanele sikwenze uqiniseke ukuthi uJehova noJesu bakuthanda ngempela.—Galathiya 2:20.

Njengoba sifunda ngoJehova, sizoba abangane bakhe futhi sizomthanda nakakhulu

19, 20. (a) Ungaba kanjani umngane kaJehova? (b) Ungabonisa kanjani ukuthi uyasamukela isihlengo?

19 Njengoba usufundile ngothando olukhulu lukaNkulunkulu, ungaba kanjani umngane wakhe? Akulula ukuthanda umuntu ongamazi. UJohane 17:3 uthi singalungenisa ulwazi ngoJehova, okusho ukuthi singamazi. Njengoba ufunda ngaye, uzomthanda kakhulu, uzofuna ukumjabulisa, bese uba umngane wakhe. Ngakho, qhubeka ufunda ngoJehova ngokutadisha iBhayibheli.—1 Johane 5:3.

20 Samukele isihlengo. IBhayibheli lithi “obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade.” (Johane 3:36) Kusho ukuthini ukubonisa ukholo? Kusho ukwenza lokho uJesu asifundisa ukuba sikwenze. (Johane 13:15) Asikwazi ukugcina ngokusho ngomlomo ukuthi sinokholo kuJesu. Ukuze sibonise ukuthi siyasamukela isihlengo, kumelwe senze okuthile. UJakobe 2:26 uthi: ‘Ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile.’

21, 22. (a) Kungani kufanele sibe khona minyaka yonke eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu? (b) Kuzoxoxwa ngani eZahlukweni 6 no-7?

21 Yiba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Ngobusuku bangaphambi kokuba uJesu afe, wathi kufanele sikhumbule ukufa kwakhe. Lokhu sikwenza minyaka yonke, futhi kubizwa ngokuthi iSikhumbuzo noma “isidlo seNkosi sakusihlwa.” (1 Korinte 11:20; Mathewu 26:26-28) UJesu ufuna sikhumbule ukuthi wanikela ngokuphila kwakhe okungenasono ukuze sihlengwe. Wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Funda uLuka 22:19.) Uma uba khona eSikhumbuzweni, usuke ubonisa ukuthi uyasikhumbula isihlengo kanye nothando olukhulu uJehova noJesu abasithanda ngalo.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 16.

22 Isihlengo yisipho esikhulu kunazo zonke. (2 Korinte 9:14, 15) Leso sipho esiyigugu siyozuzisa ngisho nabantu abaningi asebafa. IZahluko 6 no-7 zizoxoxa ngokuthi bazozuza kanjani abantu asebafa.