Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 10

Iqiniso Mayelana Nezingelosi Namademoni

Iqiniso Mayelana Nezingelosi Namademoni

1. Kungani kufanele sifunde ngezingelosi?

UJEHOVA ufuna siwazi umndeni wakhe. Izingelosi zingamalungu omndeni kaNkulunkulu. IBhayibheli lizibiza ‘ngamadodana kaNkulunkulu.’ (Jobe 38:7) Zenzani izingelosi? Zabasiza kanjani abantu kudala? Zingasisiza yini nathi namuhla?—Bheka uMbhalo Osekugcineni 8.

2. Zavelaphi izingelosi? Zingaki izingelosi ezadalwa?

2 Kumelwe sazi ukuthi zavelaphi izingelosi. EyabaseKolose 1:16 isitshela ukuthi ngemva kokuba uJehova edale uJesu, ‘kwadalwa zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni.’ Kulezo zinto kwakukhona nezingelosi. Zingaki izingelosi ezadalwa? IBhayibheli lithi kunamakhulu ezigidi ezingelosi.—IHubo 103:20; IsAmbulo 5:11.

3. UJobe 38:4-7 usitshelani ngezingelosi?

3 IBhayibheli lisifundisa nokuthi uJehova wadala izingelosi ngaphambi kokuba adale umhlaba. Zazizwa kanjani lapho sekudalwe umhlaba? Incwadi kaJobe ithi zajabula. Kwakuwumndeni othandanayo, okhonza uJehova ndawonye.—Jobe 38:4-7.

IZINGELOSI ZIYABASIZA ABANTU BAKANKULUNKULU

4. Sazi kanjani ukuthi izingelosi ziyabathanda abantu?

4 Izingelosi bezilokhu zithanda ukwazi ngabantu, nangalokho uJehova akuhlosile ngabo nangomhlaba. (IzAga 8:30, 31; 1 Petru 1:11, 12) Kumelwe ukuba kwaziphatha kabi izingelosi ukubona u-Adamu no-Eva beyeka ukulalela uNkulunkulu. Kufanele ukuba zizwa ubuhlungu obukhulu nakakhulu manje, uma zibona nabanye abantu abaningi bengamlaleli uJehova. Kodwa lapho umuntu ephenduka futhi ebuyela kuNkulunkulu, izingelosi ziyajabula. (Luka 15:10) Izingelosi zibathanda kakhulu labo abakhonza uNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa izingelosi ukuze asize futhi avikele abantu abamkhonzayo emhlabeni. (Hebheru 1:7, 14) Ake sifunde ngezibonelo zalokho.

“UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe yavala umlomo wezingonyama.”—Daniyeli 6:22

5. Izingelosi zabasiza kanjani abantu kudala?

5 Ngesikhathi sekuzobhujiswa iSodoma neGomora, uJehova wathumela izingelosi ezimbili ukuba zisize uLoti nomndeni wakhe babaleke. (Genesise 19:15, 16) Emakhulwini eminyaka ngemva kwalokho, umprofethi uDaniyeli waphonswa emgodini onamabhubesi. Kodwa awamlimazanga ngoba ‘uNkulunkulu wathumela ingelosi yakhe yavala imilomo yawo.’ (Daniyeli 6:22) Kamuva, ngesikhathi umphostoli uPetru esejele, uJehova wathumela ingelosi ukuba imkhulule. (IzEnzo 12:6-11) Izingelosi zasiza noJesu ngesikhathi esemhlabeni. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba ebhapathiziwe ‘izingelosi zamkhonza.’ (Marku 1:13) Ngaphambi kokuba uJesu abulawe, ingelosi “yamqinisa.”—Luka 22:43.

6. (a) Sazi kanjani ukuthi izingelosi ziyabasiza abantu bakaNkulunkulu namuhla? (b) Sizophendula miphi imibuzo?

6 Abantu abasaziboni izingelosi. Kodwa uNkulunkulu usazisebenzisa ukuze asize abantu bakhe abamkhonzayo. IBhayibheli lithi: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.” (IHubo 34:7) Yini eyenza sidinge ukuvikelwa? Sinezitha ezinamandla ezifuna ukusilimaza. Zingobani? Zivelaphi? Zizama kanjani ukusilimaza? Ukuze siphendule le mibuzo, ake sihlole ukuthi yini eyenzeka ngemva kokudalwa kuka-Adamu no-Eva.

IZITHA ZETHU EZINGABONAKALI

7. Kungani uSathane ekhohlisa abantu?

7 ESahlukweni 3, sifunde ukuthi kunengelosi eyahlubuka kuNkulunkulu ngoba ifuna kubuse yona. IBhayibheli liyibiza ngokuthi uSathane uDeveli. (IsAmbulo 12:9) USathane wayefuna ukuba nabanye bayeke ukukhonza uNkulunkulu. Wakwazi ukukhohlisa u-Eva, futhi baningi nabanye abantu asebakhohlisile kusukela ngaleso sikhathi. Nokho, bakhona abantu abafana no-Abela, u-Enoke noNowa, abahlala bethembekile kuJehova.—Hebheru 11:4, 5, 7.

8. (a) Yini eyabangela ukuba ezinye izingelosi zibe amademoni? (b) Yini amademoni ayenza ukuze angabhujiswa ngozamcolo?

8 Ngesikhathi kusaphila uNowa, kukhona izingelosi ezayeka ukukhonza uJehova zashiya izulu, zazophila la emhlabeni zazenza abantu. Kungani? IBhayibheli lithi zazifuna ukuba namakhosikazi. (Funda uGenesise 6:2.) Kwakungafanele zikwenze lokho. (Jude 6) Abantu abaningi ababephila ngaleso sikhathi benza izinto ezimbi, futhi baba nodlame njengazo lezo zingelosi. UJehova wabe esebabhubhisa abantu ababi, ngozamcolo. Kodwa wabasindisa labo ababethembekile kuye. (Genesise 7:17, 23) Izingelosi ezimbi zabaleka, zabuyela ezulwini. IBhayibheli libiza lezo zingelosi ezimbi ngokuthi amademoni. Zakhetha ukulandela uSathane, futhi uDeveli waba umbusi wazo.—Mathewu 9:34.

9. (a) Kwénzekani emademonini lapho ebuyela ezulwini? (b) Yini esizofunda ngayo manje?

9 Ngenxa yokuthi amademoni ayesekhethe ukungamlaleli uJehova, wawaxosha emndenini wakhe. (2 Petru 2:4) Amademoni awasakwazi ukuzishintsha azenze abantu, kodwa ‘asadukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9; 1 Johane 5:19) Ake sifunde ukuthi abakhohlisa kanjani abantu abaningi kangaka.—Funda eyesi-2 Korinte 2:11.

INDLELA AMADEMONI ABAKHOHLISA NGAYO ABANTU

10. Amademoni abakhohlisa kanjani abantu?

10 Amademoni abakhohlisa ngezindlela eziningi abantu. Ziningi izindlela abantu abaxhumana ngazo namademoni, kungaba ngezangoma noma ngabanye abantu abanemimoya. Ukuxhumana namademoni kubizwa ngokuthi ukusebenzelana namademoni, noma ukusebenzelana nemimoya. IBhayibheli lisiyala ukuba siqhelelane nanoma yini ehambisana namademoni. (Galathiya 5:19-21) Kungani? Njengoba umzingeli esebenzisa izicupho ukuze abambe izilwane, namademoni asebenzisa amaqhinga ukuze alawule abantu.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 26.

11. Kuyini ukubhula futhi kungani kungafanele sikwenze?

11 Elinye iqhinga elisetshenziswa amademoni, ukubhula. Ukubhula kuwukusebenzisa amandla angaphezu kwawemvelo ukuze sizame ukwazi okuzokwenzeka esikhathini esizayo, noma okuthile esingakwazi. Ziningi izindlela abantu abazisebenzisayo ukuze babhule. Abanye bafunda izinkanyezi, abanye bafuna amabika, abanye bafunda amakhadi okubhula, abanye babuka ibhola eliyingilazi kanti abanye bafunda intende yesandla. Abantu abaningi bacabanga ukuthi akukubi ukwenza lezi zinto, kodwa empeleni kuyingozi kakhulu ukuzenza. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela ukuthi abantu ababikezela izinto ezisazokwenzeka basebenzelana namademoni. Encwadini yezEnzo 16:16-18, sifunda ‘ngedemoni lokubhula’ elasiza intombazane yakwazi ukwenza “ubuciko bokubikezela.” Ngemva kokuba umphostoli uPawulu elixoshile lelo demoni, leyo ntombazane ayibange isakwazi ukubikezela izinto.

12. (a) Kungani kuyingozi ukuzama ukuxhumana nabafile? (b) Kungani abantu abakhonza uNkulunkulu bengalokothi bazihlanganise namasiko ahambisana namademoni?

12 Kukhona nelinye iqhinga elisetshenziswa amademoni ukuze akhohlise abantu. Azama ukusenza sikholelwe ukuthi singakwazi ukuxhumana nabantu asebafa, nokuthi empeleni abafile kodwa bayaphila kwenye indawo futhi bangakwazi ukukhuluma nathi noma ukusilimaza. Ngokwesibonelo, umuntu owashonelwa umngane noma isihlobo angaya kumuntu onemimoya othi uyakwazi ukukhuluma nabafile. Lowo muntu onemimoya angase asho okuthile ngaleso sihlobo noma umngane osewashona, noma aze akhulume njengaye. (1 Samuweli 28:3-19) Amasiko amaningi enziwa lapho kushoniwe asekelwe enkolelweni yokuthi abafile bayaphila kwenye indawo. Lawo masiko ahlanganisa imicimbi eyenziwa ngemva komngcwabo, ukumbulwa kwetshe, imisebenzi, ukuzila, nemilindelo. Uma amaKristu enqaba ukwenza lawo masiko, angase agxekwe yimindeni yawo namalungu omphakathi noma aze agwenywe. Kodwa amaKristu ayazi ukuthi uma umuntu esefile akaphili ndawo. Asikwazi ukukhuluma nabo futhi ngeke basilimaze. (IHubo 115:17) Qaphela, ungazami ukuxhumana nabafile noma namademoni futhi ungalokothi uzifake emasikweni ahlangene namademoni.—Funda uDuteronomi 18:10, 11; Isaya 8:19.

13. Yini abantu abaningi ababesaba amademoni abakwazile ukuyenza?

13 Amademoni awagcini ngokukhohlisa abantu, kodwa aphinde abasabise. Namuhla, amademoni ayazi ukuthi asalelwe ‘yisikhathi esifushane’ ngaphambi kokuba uNkulunkulu awasuse emhlabeni, yingakho esenesihluku esikhulu kunanini ngaphambili. (IsAmbulo 12:12, 17) Noma kunjalo, kunezinkulungwane zabantu ezaziwasaba amademoni kodwa ezingasawasabi manje. Bakwaze kanjani labo bantu ukugqashula ekwesabeni amademoni?

YILWA NAMADEMONI FUTHI UGQASHULE KUWO

14. Singagqashula kanjani emademonini njengoba kwenza amaKristu akudala?

14 IBhayibheli liyasitshela ukuthi singakugwema kanjani ukuthonywa amademoni futhi sigqashule kuwo. Ngokwesibonelo, kunabanye edolobheni lase-Efesu ababexhumana namademoni ngaphambi kokuba bafunde iqiniso eliseBhayibhelini. Yini eyabasiza bakwazi ukuyeka? IBhayibheli lithi: “Abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” (IzEnzo 19:19) Bazishisa zonke izincwadi zabo zemilingo, ngoba babefuna ukuba amaKristu. Kumelwe senze kanjalo nathi namuhla. Noma ubani ofuna ukukhonza uJehova, kumelwe alahle zonke izinto ezimhlanganisa namademoni. Kungaba izincwadi, omagazini, izinto zokufunda izinkanyezi, amafilimu, umculo nemidlalo. Kungahlanganisa nezithombe ezenza amademoni, umlingo namandla angaphezu kwawemvelo kubukeke kungeyona ingozi noma kujabulisa. Kuhlanganisa nezinto abantu abazigqokayo ukuze bazivikele emimoyeni emibi.—1 Korinte 10:21.

15. Yini enye okumelwe siyenze ukuze silwe noSathane namademoni?

15 Ngemva kweminyaka ethile abase-Efesu beshise izincwadi zabo zemilingo, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi kwakusamelwe balwe ‘nemimoya emibi.’ (Efesu 6:12) Nakuba babezishisile izincwadi zabo, amademoni ayesazama ukubalimaza. Yini enye okwakumelwe bayenze? UPawulu wabatshela: “Thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.” (Efesu 6:16) Ukholo lwethu lungasivikela, njengesihlangu esivikela isosha empini. Uma singangabazi nakancane ukuthi uJehova angasivikela, sizokwazi ukulwa noSathane namademoni.—Mathewu 17:20.

16. Singaluqinisa kanjani ukholo lwethu kuJehova?

16 Singaluqinisa kanjani ukholo lwethu kuJehova? Kumelwe sifunde iBhayibheli nsuku zonke, futhi sifunde ukumethemba ukuthi uzosivikela. Uma simethemba ngokuphelele uJehova, uSathane namademoni ngeke basenze lutho.—1 Johane 5:5.

17. Yini enye ezosivikela emademonini?

17 Yini enye okwakumelwe amaKristu ase-Efesu ayenze? Ayehlala edolobheni elaligcwele abantu abasebenzelana namademoni. Ngakho uPawulu wathi kuwo: ‘Qhubekani nithandaza ngezikhathi zonke.’ (Efesu 6:18) Kwakumelwe bacele uJehova ukuba abavikele ngaso sonke isikhathi. Thina? Nathi siphila ezweni eligcwele abantu abasebenzelana namademoni. Ngakho, nathi kumelwe sicele uJehova ukuba asivikele, futhi kumelwe sisebenzise igama lakhe lapho sithandaza. (Funda izAga 18:10.) Uma siqhubeka sicela uJehova ukuba asivikele kuSathane, uJehova uzoyiphendula imithandazo yethu.—IHubo 145:19; Mathewu 6:13.

18, 19. (a) Singamnqoba kanjani uSathane namademoni akhe? (b) Sizophendula muphi umbuzo esahlukweni esilandelayo?

18 Uma silahla zonke izinto ezisihlanganisa namademoni, bese sithembela kuJehova ukuba asivikele, sizokwazi ukulwa noSathane namademoni. Akudingeki sibesabe. (Funda uJakobe 4:7, 8.) UJehova unamandla kakhulu kunamademoni. Wawajezisa ngesikhathi sikaNowa futhi uzowabhubhisa esikhathini esizayo. (Jude 6) Khumbula ukuthi asisodwa kule mpi. UJehova usebenzisa izingelosi ukuba asivikele. (2 AmaKhosi 6:15-17) Singaqiniseka ukuthi ngosizo lukaJehova, singamnqoba uSathane namademoni.—1 Petru 5:6, 7; 2 Petru 2:9.

19 Kodwa uma kunguSathane namademoni ababangela lezi zinkinga ezisemhlabeni, kungani uJehova engakababhubhisi? Esahlukweni esilandelayo sizophendula lowo mbuzo.