Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 14

Ningaba Umndeni Ojabulayo

Ningaba Umndeni Ojabulayo

1, 2. Yini uJehova ayifisela imindeni?

NGUJEHOVA UNKULUNKULU owashadisa indoda yokuqala nowesifazane. IBhayibheli lisitshela ukuthi wadala owesifazane wokuqala “wayesemletha kumuntu.” U-Adamu wajabula kakhulu wathi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” (Genesise 2:22, 23) Lokhu kusitshela ukuthi uJehova ufuna abantu abashadile bajabule.

2 Kuyadabukisa ukuthi imindeni eminingi ayikaze ijabule. Nokho, iBhayibheli lisitshela izinto eziningi ezingasiza imindeni ukuba iphathane kahle futhi ikujabulele ukuba ndawonye.—Luka 11:28.

LOKHO UNKULUNKULU AKULINDELE EMADODENI

3, 4. (a) Indoda kumelwe imphathe kanjani umkayo? (b) Kungani kubalulekile ukuba indoda nomkayo bathethelelane?

3 IBhayibheli lithi indoda kufanele ithande umkayo futhi imhloniphe. Sicela ufunde eyabase-Efesu 5:25-29. Indoda iyomphatha kahle ngaso sonke isikhathi umkayo. Izomvikela, imnakekele futhi ingenzi lutho olungamlimaza.

4 Kodwa kufanele yenzeni indoda uma umkayo enza amaphutha? IBhayibheli lithi: “Qhubekani nithanda omkenu futhi ningabathukutheleli kakhulu.” (Kolose 3:19) Madoda, kumelwe nikhumbule ukuthi nani niyawenza amaphutha. Uma ufuna uNkulunkulu akuthethelele, nawe kumelwe uthethelele umkakho. (Mathewu 6:12, 14, 15) Lapho indoda nomkayo bethethelelana, bazokujabulela ukuhlala ndawonye.

5. Kungani indoda kufanele imphathe kahle umkayo?

5 UJehova ufuna indoda imthande umkayo. Indoda kumelwe yazi ukuthi umkayo udingani. Kumelwe imondle, imthengele nezimpahla zokugqoka. Kumelwe izinike isikhathi sokuxoxa naye futhi izame ukuqonda indlela azizwa ngayo. Lena indaba ebaluleke kakhulu. Uma indoda ingamphathi kahle umkayo, uJehova angase angayilaleli imithandazo yayo. (1 Petru 3:7) UJehova uthanda abantu abamthandayo. Akunandaba ukuthi bangamadoda noma bangabesifazane.

6. Kusho ukuthini ukuthi indoda nomkayo ‘banyamanye’?

6 UJesu wathi uma owesilisa nowesifazane sebeshadile “abasebabili, kodwa sebenyamanye.” (Mathewu 19:6) Bayathembeka komunye nomunye. (IzAga 5:15-21; Hebheru 13:4) Indoda nomkayo kufanele bacabangelane uma kuziwa endabeni yokuya ocansini. (1 Korinte 7:3-5) Indoda kumelwe ikhumbule ukuthi “akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa.” Ngakho, kufanele ithande umkayo futhi imphathe njengoyigugu. Into inkosikazi eyifisa ngaphezu kwakho konke okunye, ukuba umyeni wayo ayiphathe ngomusa futhi ayithande.—Efesu 5:29.

LOKHO UNKULUNKULU AKULINDELE KUMAKHOSIKAZI

7. Kungani umndeni ukudinga ukuba nenhloko?

7 Umndeni uyakudinga ukuba nenhloko ezowuqondisa futhi iwusize ukuba usebenze ngokubambisana. Kweyoku-1 Korinte 11:3, iBhayibheli lithi: “Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.”

8. Inkosikazi ingabonisa kanjani ukuthi imhlonipha ngokujulile umyeni wayo?

8 Ayikho indoda engawenzi amaphutha. Kodwa lapho inkosikazi izisekela izinqumo zendoda yayo futhi ibambisana nayo, umndeni uyajabula. (1 Petru 3:1-6) IBhayibheli lithi: “Umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:33) Kufanele yenzenjani inkosikazi uma umyeni wayo enenkolo ehlukile kuneyayo? Kufanele iqhubeke imhlonipha ngokujulile. IBhayibheli lithi: “Bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:1, 2) Uma inkosikazi iziphatha kahle, lokho kungenza indoda yayo ihloniphe izinkolelo zayo.

9. (a) Kufanele yenzenjani inkosikazi uma ingavumelani nomyeni wayo? (b) Incwadi kaThithu 2:4, 5 iwanika siphi iseluleko amakhosikazi?

9 Yini inkosikazi engayenza uma ingavumelani nezinqumo zomyeni wayo? Kufanele iveze umbono wayo ngenhlonipho. Ngokwesibonelo, uSara washo okuthile u-Abrahama angazange akuthande kodwa uJehova wathi ku-Abrahama: “Lalela izwi lakhe.” (Genesise 21:9-12) Lapho indoda yenza isinqumo esingaphikisani nalokho okushiwo iBhayibheli, umkayo kufanele ayisekele. (IzEnzo 5:29; Efesu 5:24) Inkosikazi enhle iyawunakekela umndeni wayo. (Funda uThithu 2:4, 5.) Lapho umyeni nezingane bebona ukuthi umama wekhaya usebenza kanzima kangakanani ukuze abanakekele, bazomthanda futhi bamhloniphe nakakhulu.—IzAga 31:10, 28.

USara uwabekela siphi isibonelo esihle amakhosikazi?

10. Lithini iBhayibheli ngokudivosa nokungahlali ndawonye nomuntu oshade naye?

10 Ngezinye izikhathi abantu abashadile basheshe banqume ukudivosa noma ukungahlali ndawonye. Nokho, iBhayibheli lithi “umfazi angamuki kumyeni wakhe” liphinde lithi “indoda akufanele imshiye umkayo.” (1 Korinte 7:10, 11) Zikhona izimo ezingabekezeleleki ezingenza banqume ukungahlali ndawonye, kodwa lesi isinqumo okufanele basicabangisise kahle. * Bangadivosa yini? IBhayibheli lithi bangadivosa kuphela uma omunye wabo eye ocansini nomunye umuntu.—Mathewu 19:9.

LOKHO UNKULUNKULU AKULINDELE KUBAZALI

UJesu ubekela bonke abantu emndenini isibonelo esihle

11. Yini izingane eziyidinga kakhulu kubazali bazo?

11 Bazali, yibani nesikhathi esiningi sokuba nezingane zenu. Izingane zenu ziyanidinga, futhi okubaluleke kakhulu ukuba nizifundise ngoJehova.—Duteronomi 6:4-9.

12. Yini okufanele abazali bayenze ukuze bavikele izingane zabo?

12 Leli zwe elibuswa uSathane selilibi kakhulu, kunabantu abangazama ukulimaza izingane zethu baze bazidlwengule. Kunzima ngabanye abazali ukukhuluma ngale ndaba. Kodwa kudingeka baxwayise izingane zabo ngabantu abangalungile, bazifundise nendlela yokubagwema. Bazali, kumelwe nizivikele izingane zenu. *1 Petru 5:8.

13. Abazali kufanele bazifundise kanjani izingane zabo?

13 Abazali kufanele bafundise izingane zabo ukuthi ziziphathe kanjani. Ungazifundisa kanjani izingane zakho? Kufanele uziqeqeshe. Uma zenze amaphutha, zeluleke ngendlela enomusa. (Jeremiya 30:11) Ungalokothi uyale izingane zakho usathukuthele. Awufuni ukuba amazwi akho abe “njengokuhlaba kwenkemba” bese uyazilimaza. (IzAga 12:18) Siza izingane ziqonde ukuthi kungani kufanele zilalele.—Efesu 6:4; Hebheru 12:9-11; bheka uMbhalo Osekugcineni 30.

LOKHO UNKULUNKULU AKULINDELE EZINGANENI

14, 15. Kungani kufanele izingane zilalele abazali?

14 UJesu wayemlalela njalo uBaba wakhe, ngisho nalapho kunzima. (Luka 22:42; Johane 8:28, 29) UJehova ufuna nezingane zilalele abazali bazo.—Efesu 6:1-3.

15 Zingane, ngisho noma kunzima ngezinye izikhathi ukulalela abazali benu, khumbulani ukuthi uma nibalalela bazojabula noJehova ajabule. *IzAga 1:8; 6:20; 23:22-25.

Yini ezosiza abasha ukuba bathembeke kuNkulunkulu, ngisho nalapho belingwa?

16. (a) USathane uzama kanjani ukwenza abantu abasha benze izinto ezingalungile? (b) Kungani kubalulekile ukuba nabangane abathanda uJehova?

16 UDeveli angasebenzisa abangane bakho nezinye izingane ukuze akwenzise izinto ezingafanele. Uyazi ukuthi kungaba nzima ukungakwenzi abakushoyo. Ngokwesibonelo, indodakazi kaJakobe, uDina, yayinabangane abangamthandi uJehova. Lokhu kwafaka yona nomndeni wayo enkingeni. (Genesise 34:1, 2) Uma abangane bakho bengamthandi uJehova, bangakwenzisa izinto uJehova angazithandi. Lokhu kungakufaka enkingeni futhi kuzwise abazali bakho noNkulunkulu ubuhlungu. (IzAga 17:21, 25) Yingakho kubalulekile ukuba nabangane abathanda uJehova.—1 Korinte 15:33.

NINGABA UMNDENI OJABULAYO

17. Yini umuntu ngamunye emndenini okumelwe ayenze?

17 Lapho bonke emndenini benza lokho uJehova athi abakwenze, ziyancipha izinkinga. Ngakho uma uyindoda, mthande umkakho futhi umphathe kahle. Uma uyinkosikazi, zithobe kumyeni wakho ulandele isibonelo sowesifazane ochazwe encwadini yezAga 31:10-31. Uma ungumzali, fundisa izingane zakho ukuthanda uNkulunkulu. (IzAga 22:6) Uma ungubaba, hola umndeni wakho “ngendlela enhle.” (1 Thimothewu 3:4, 5; 5:8) Zingane, lalelani abazali benu. (Kolose 3:20) Khumbulani ukuthi nonke niyawenza amaphutha, ngakho fundani ukuzehlisa nixolise. Kuyacaca ukuthi iziqondiso zeBhayibheli zisiza wonke umuntu emndenini.

^ par. 10 Ukuze uthole ezinye izizathu ezingenza abanye bahlale ngokuhlukana, bheka amakhasi 219-222 encwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu,” enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 12 Ukuze uthole ukuthi ungazivikela kanjani izingane zakho, bheka isahluko 32 sencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 15 Uma abazali befuna ukuba ingane yenze into ephambene nalokho okufunwa uNkulunkulu, asikho isidingo sokuba ingane ibalalele.—IzEnzo 5:29.