Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 16

Khonza UNkulunkulu Ngendlela Ayifunayo

Khonza UNkulunkulu Ngendlela Ayifunayo

1, 2. Yimuphi umbuzo okufanele uzibuze wona, futhi kungani ubalulekile?

NJENGOBA ufunda iBhayibheli, ubonile ukuthi abantu abaningi abathi bakhonza uNkulunkulu empeleni bafundisa noma benze izinto uNkulunkulu angazithandi. (2 Korinte 6:17) Yingakho uJehova ethi masiyeke ukuzihlanganisa nenkolo yamanga, “iBhabhiloni Elikhulu.” (IsAmbulo 18:2, 4) Yini wena ozoyenza? Ngamunye wethu kufanele akhethe. Zibuze, ‘Ngiyafuna yini ukukhonza uNkulunkulu ngendlela ayifunayo, noma ngifuna ukuqhubeka ngimkhonza ngendlela ebengilokhu ngenza ngayo?’

2 Uma ususulile esontweni obukulo noma usuyekile ukukhonza uJehova ngendlela angayifuni, wenze kahle. Kodwa kungenzeka ukuthi usawathanda amasiko nezinye izinto obukade uzenza eziphambene nalokho okufundiswa iBhayibheli. Manje asixoxe ngezinye zalezo zinto, sibone ukuthi kungani kubalulekile ukuba sizibheke ngendlela uJehova azibheka ngayo.

UKUKHONZA AMADLOZI NEZITHOMBE

3. (a) Kungani kungaba nzima ngabanye ukuyeka ukusebenzisa izithombe? (b) Lithini iBhayibheli ngokusebenzisa izithombe lapho sikhonza uNkulunkulu?

3 Sekuyiminyaka eminingi abanye besebenzisa izithombe nezindawo ezithile ezindlini zabo lapho bekhonza uNkulunkulu. Uma nawe bewenza kanjalo ungase ukuthole kunzima ukwenza ngendlela ehlukile, mhlawumbe uzizwe sengathi awamukeleki kuNkulunkulu. Kodwa khumbula, nguJehova ositshela ukuthi ufuna simkhonze kanjani. Kanti iBhayibheli lisitshela ngokucacile ukuthi uJehova akafuni ukuba sisebenzise izithombe lapho simkhonza.—Funda u-Eksodusi 20:4, 5; IHubo 115:4-8; Isaya 42:8; 1 Johane 5:21.

4. (a) Kungani kungafanele sikhonze amadlozi? (b) Kungani uJehova atshela abantu bakhe ukuthi bangazami ukukhuluma namadlozi?

4 Abanye bachitha isikhathi esiningi nemali bezama ukujabulisa noma ukukhonza izihlobo zabo esezafa. Nokho, sifundile ukuthi abantu asebafa ngeke basisize noma basilimaze. Abaphili ndawo. Kuyingozi ukuzama ukukhuluma nabafileyo ngoba ungazitshela ukuthi ukhuluma nabo kanti empeleni usuke ukhuluma namademoni. Yingakho uJehova atshela ama-Israyeli ukuthi angazami ukukhuluma nabafileyo, futhi angazihlanganisi nanoma yini ehlobene namademoni.—Duteronomi 18:10-12; bheka uMbhalo Osekugcineni 26 no 31.

5. Yini engakusiza uyeke ukukhonza amadlozi nokusebenzisa izithombe lapho ukhonza uNkulunkulu?

5 Yini engakusiza uyeke ukukhonza amadlozi nokusebenzisa izithombe lapho ukhonza uNkulunkulu? Kufanele ufunde iBhayibheli futhi ucabangisise ngokuthi uJehova uzizwa kanjani ngalezo zinto. UJehova uthi ‘ziyanengeka’, okusho ukuthi uyazinyanya. (Duteronomi 27:15) Thandaza zonke izinsuku, ucele uJehova akusize ukuba ubheke izinto ngendlela azibheka ngayo nokuba ukwazi ukumkhonza ngendlela ayifunayo. (Isaya 55:9) Ungaqiniseka ngokuthi uJehova uzokunika lonke usizo oludingayo ukuze ulahle zonke izinto ezihlobene nenkolo yamanga.

KUFANELE YINI SIGUBHE UKHISIMUSI?

6. Kungani kwakhethwa umhla ka-25 Disemba ukuba kukhunjulwe ngawo ukuzalwa kukaJesu?

6 UKhisimusi uyiholidi elithandwa kakhulu emhlabeni wonke, futhi abantu abaningi bacabanga ukuthi uwusuku lokuzalwa kukaJesu. Empeleni, uKhisimusi uhlobene nenkolo yamanga. Enye incwadi ithi uDisemba 25 kwakuwusuku amaRoma ayengamkhonzi uNkulunkulu ayegubha ngalo ukuzalwa kwelanga. Abefundisi babefuna labo bantu babe amaKristu, ngakho nakuba uJesu engazalwanga ngoDisemba 25, banquma ukuba ukuzalwa kukaJesu kukhunjulwe ngalolu suku. (Luka 2:8-12) Abalandeli bakaJesu abazange bawugubhe uKhisimusi. Enye incwadi ithi kwaphela iminyaka engu-200 kusukela uJesu azalwa “kungekho muntu owaziyo futhi bembalwa ababenendaba nokuthi wazalwa nini.” (I-Sacred Origins of Profound Things) Ukugubha uKhisimusi kwaqala cishe ngemva kweminyaka engu-300 uJesu aphila emhlabeni.

7. Kungani amaKristu eqiniso engawugubhi uKhisimusi?

7 Abantu abaningi bayazi ukuthi uKhisimusi namasiko ahlobene nawo, njengemicimbi eyenziwayo nokuphana ngezipho, kuhlobene nenkolo yamanga. Ngokwesibonelo, eNgilandi nasezingxenyeni zaseMelika kunesikhathi lapho ukugubha uKhisimusi kwakungavumelekile khona ngenxa yokuhlobana kwawo nenkolo yamanga. Noma ubani owayewugubha wayejeziswa. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi abantu baphinde bawugubha futhi. Kungani amaKristu eqiniso engawugubhi uKhisimusi? Afuna ukujabulisa uNkulunkulu.

KUFANELE YINI SIGUBHE USUKU LOKUZALWA?

8, 9. Kungani amaKristu okuqala ayengazigubhi izinsuku zokuzalwa?

8 Abantu abaningi bayakuthanda ukugubha izinsuku zokuzalwa. Kufanele yini amaKristu agubhe usuku lokuzalwa? Abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini abagubha izinsuku zokuzalwa, babengamkhonzi uJehova. (Genesise 40:20; Marku 6:21) Abantu babegubha izinsuku zokuzalwa ukuze badumise onkulunkulu bamanga. Kungakho amaKristu okuqala “ayebheka ukugujwa kosuku lokuzalwa njengesiko labantu abangamkhonzi uNkulunkulu.”—I-The World Book Encyclopedia.

9 AmaRoma namaGreki asendulo ayekholelwa ukuthi kwakunomoya oba khona lapho umuntu ezalwa futhi lowo moya wawumvikela ukuphila kwakhe konke. Incwadi i-The Lore of Birthdays ithi: “Lo moya wawusebenzelana ngendlela engaqondakali nonkulunkulu othile owayezalwa ngosuku olufanayo nalowo muntu.”

10. Kungani amaKristu namuhla kungafanele agubhe izinsuku zokuzalwa?

10 Ucabanga ukuthi uJehova uyayamukela yini imicimbi ehlobene nenkolo yamanga? (Isaya 65:11, 12) Cha, akayamukeli. Yingakho singazigubhi izinsuku zokuzalwa kanye namanye amaholidi ahlobene nenkolo yamanga.

KUBALULEKILE YINI UKUTHI IHOLIDI LAQALA KANJANI?

11. Kungani abanye abantu begubha amaholidi? Yini okufanele ibaluleke kakhulu kuwe?

11 Abanye abantu bayaqhubeka begubha uKhisimusi namanye amaholidi nakuba bazi ukuthi aqalwa abantu abangamkhonzi uNkulunkulu. Bakholelwa ukuthi amaholidi ayizikhathi zokuba umndeni ube ndawonye. Uzizwa kanjalo yini nawe? Akukubi ukufuna ukuba nomndeni wakho. UJehova owenza umndeni futhi ufuna sibe nobuhlobo obuhle nawo. (Efesu 3:14, 15) Nokho, kufanele sigxile ekwakheni ubuhlobo obuhle noJehova kunokujabulisa izihlobo zethu ngokugubha amaholidi ahlobene nenkolo yamanga. Yingakho umphostoli uPawulu athi: “Qhubekani niqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.”—Efesu 5:10.

12. Yini engenza iholidi lingamukeleki kuJehova?

12 Abantu abaningi bacabanga ukuthi akubalulekile ukuthi iholidi laqala kanjani, kodwa kubalulekile kuJehova. Akawamukeli amaholidi avela enkolweni yamanga noma lawo adumisa abantu noma isizwe. Ngokwesibonelo, abaseGibhithe babenemicimbi eminingi ababeyenzela onkulunkulu bamanga. Ngemva kokubaleka eGibhithe, ama-Israyeli enza umkhosi owawugujwa eGibhithe awubiza ngokuthi “umkhosi kaJehova”. UJehova wawajezisa ngalokho. (Eksodusi 32:2-10) Njengoba umprofethi u-Isaya asho, akufanele ‘sithinte lutho olungcolile.’—Funda u-Isaya 52:11.

BONISA ABANYE UMUSA

13. Lapho uyeka ukugubha amaholidi, yimiphi imibuzo ongase ube nayo?

13 Lapho uyeka ukugubha amaholidi kungenzeka ube nemibuzo eminingi efana nale: Uma engisebenza nabo bengibuza ukuthi kungani ngingawugubhi uKhisimusi, ngizothini? Yini okufanele ngiyenze uma othile engipha isipho sikaKhisimusi? Yini okufanele ngiyenze uma engishade naye elindele ukuba ngigubhe amaholidi? Ngingazisiza kanjani izingane zami ukuba zingaphatheki kabi ngokuthi asiwagubhi amaholidi nezinsuku zazo zokuzalwa?

14, 15. Yini okufanele uyenze uma othile ekufisela iholidi elihle noma ekupha isipho?

14 Kubalulekile ukuba usebenzise ukwahlulela okuhle lapho unquma ukuthi uzothini noma uzokwenzani. Ngokwesibonelo, uma abantu bekufisela iholidi elihle asikho isidingo sokubaziba. Ungase uthi nje, “Ngiyabonga.” Kodwa lapho umuntu efisa ukwazi okwengeziwe, ungase ukhethe ukumchazela ukuthi kungani ungawagubhi amaholidi. Kodwa, kwenze ngomusa nangenhlonipho. IBhayibheli lithi: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kolose 4:6) Ungase umchazele ukuthi uyakuthanda ukuba nabanye abantu nokubapha izipho, kodwa hhayi ngoba kuyiholidi elithile.

15 Yini okufanele uyenze uma othile ekupha isipho? IBhayibheli alisiniki imithetho ngale ndaba, kodwa lisitshela ukuba sigcine unembeza wethu umuhle. (1 Thimothewu 1:18, 19) Kungenzeka ukuthi umuntu okupha isipho akazi ukuthi awuligubhi lelo holidi. Noma angase athi, “Ngiyazi ukuthi awuligubhi leli holidi, kodwa ngiyathanda ukukupha lesi sipho.” Kulezi zimo zombili, ungakhetha ukuthi uzosamukela yini leso sipho noma cha. Kunoma yikuphi okukhethayo, qiniseka ukuthi unembeza wakho awusali unecala. Asifisi ukwenza izinto ezingalimaza ubuhlobo bethu noJehova.

WENA NOMNDENI WAKHO

Labo abakhonza uJehova bayajabula

16. Yini okumelwe uyenze uma umndeni wakho ufuna ukugubha amaholidi?

16 Yini okumelwe uyenze uma umndeni wakho ufuna ukugubha iholidi? Asikho isidingo sokulwa nawo. Khumbula ukuthi banelungelo lokukhetha ukuthi yini abafuna ukuyenza. Yiba nomusa futhi usihloniphe isinqumo sabo, njengoba nawe ufuna basihloniphe esakho. (Funda uMathewu 7:12.) Kodwa kumelwe wenzenjani uma umndeni wakho ufuna ukuba nawe ngeholidi? Ngaphambi kokunquma ukuthi yini ozoyenza, thandaza ucele uJehova akusize wenze isinqumo esifanele. Cabanga ngokuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani, futhi uhlole izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kanye nezinye izincwadi ezikhuluma ngomsuka walelo holidi. Khumbula ukuthi ufuna ukujabulisa uJehova ngaso sonke isikhathi.

17. Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zingaphatheki kabi uma zibona abanye begubha amaholidi?

17 Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zingaphatheki kabi uma zibona abanye begubha amaholidi? Ngezinye izikhathi ungahlela ukwenza okuthile okuzojabulisa izingane zakho. Ungazithengela ngisho nezipho kungonakele lutho. Kodwa isipho esizedlula zonke ongasipha izingane zakho, isikhathi nothando.

KHONZA UNKULUNKULU NGENDLELA AYIFUNAYO

18. Kungani kufanele siye emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?

18 Ukuze sijabulise uJehova kufanele silahle inkolo yamanga, amasiko namaholidi ahlobene nayo, bese simkhonza ngendlela ayifunayo. Kanjani? Enye indlela ukuya njalo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. (Funda eyamaHebheru 10:24, 25.) Le mihlangano ibaluleke kakhulu. (IHubo 22:22; 122:1) Siyakhuthazana lapho sindawonye.—Roma 1:12.

19. Kungani kubalulekile ukuba utshele abanye ngamaqiniso osuwafundile eBhayibheli?

19 Enye indlela efanele yokukhonza uNkulunkulu ukuxoxa nabanye ngalokho okufundile eBhayibhelini. Abantu abaningi baphelelwe yithemba ngenxa yezinto ezimbi ezenzeka emhlabeni. Mhlawumbe bakhona obaziyo abazizwa ngaleyo ndlela. Batshele ngethemba onalo ngekusasa. Njengoba uya emihlanganweni yobuKristu futhi utshela abanye ngamaqiniso aseBhayibhelini, uzothola ukuthi awusakuhaleli ukuba senkolweni yamanga nokwenza amasiko ahlobene nayo. Ungaqiniseka ngokuthi uzojabula futhi uJehova uzokubusisa kakhulu ngayo yonke imizamo oyenzayo ukuze umkhonze ngendlela ayifunayo.—Malaki 3:10.