Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 19

Hlala Useduze NoJehova

Hlala Useduze NoJehova

1, 2. Singalutholaphi usizo namuhla?

ZICABANGE uhamba phandle kunesiphepho. Isibhakabhaka siba mnyama, liyabanika bese liqala ukuduma. Ngemva kwalokho liqala ukuna. Ubheka indawo ongakhosela kuyo. Uyajabula lapho ubona indawo eyomile nephephile ongacasha kuyo.

2 Sibhekene nenkinga ethi mayifane namuhla. Ukuphila kuya kuba nzima nakakhulu. Ungase uzibuze, ‘Ngingalutholaphi usizo?’ Umhubi wabhala: “Ngizothi kuJehova: ‘Wena uyisiphephelo sami nenqaba yami, uNkulunkulu wami, engiyothembela kuye.’” (IHubo 91:2) Yebo, uJehova angasisiza ezinkingeni esibhekene nazo futhi usinika ithemba elihle ngekusasa.

3. Kumelwe senzeni ukuze uJehova asivikele?

3 UJehova usivikela kanjani? Angasisiza kunoma iyiphi inkinga esinayo futhi unamandla kunanoma ubani ongazama ukusilimaza. Ngisho noma singase sivelelwe izinto ezimbi, singaqiniseka ngokuthi esikhathini esizayo uJehova uzokulungisa konke lokho. IBhayibheli liyasikhuthaza: “Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu.” (Jude 21) Kumelwe sihlale siseduze noJehova ukuze asisize lapho sibhekene nobunzima. Singakwenza kanjani lokho?

BONISA UKUTHI UYAMTHANDA UNKULUNKULU OKUTHANDAYO

4, 5. UJehova usibonise kanjani ukuthi uyasithanda?

4 Ukwazi ukuthi uJehova usithanda kangakanani yikho okuzosisiza sihlale siseduze naye. Cabanga ngazo zonke izinto uJehova asenzele zona. Usinike umhlaba omuhle, wawugcwalisa ngezitshalo nezilwane ezimangalisayo. Usinike ukudla okumnandi namanzi ahlanzekile. EBhayibhelini uJehova usifundise igama lakhe nobuntu bakhe obuhle. Indlela ezedlula zonke abonise ngayo ukuthi uyasithanda, ukuthumela iNdodana yakhe ayithandayo uJesu, ukuba izosifela. (Johane 3:16) Ngenxa yalokho, sinethemba elihle ngekusasa.

5 UJehova wenze uMbuso KaMesiya owuhulumeni wasezulwini, maduze ozoqeda konke ukuhlupheka. Lo Mbuso uzokwenza umhlaba ube ipharadesi lapho bonke abantu bezohlala khona ngokuthula futhi bajabule phakade. (IHubo 37:29) Enye indlela uJehova abonise ngayo ukuthi uyasithanda, ukusifundisa indlela engcono okumelwe siphile ngayo manje. Usicela nokuthi sithandaze kuye futhi uhlale ekulungele ukulalela imithandazo yethu. Konke lokhu kubonisa ngokucacile ukuthi uJehova uyasithanda.

6. Kufanele wenzeni njengoba uJehova ekuthandile?

6 Kufanele wenzeni njengoba uJehova ekuthandile? Kufanele umbonge ngakho konke akwenzele kona. Kuyadabukisa ukuthi abantu abaningi namuhla ababongi. Kwakunjalo nangesikhathi uJesu esemhlabeni. UJesu wake welapha abantu abayishumi ababenesifo sochoko, kodwa uyedwa kuphela owabuyela kuye wabonga. (Luka 17:12-17) Sifuna ukuba njengaleyo ndoda eyambonga uJesu. Sifuna ukuhlale simbonga uJehova.

7. Kufanele simthande kangakanani uJehova?

7 Kufanele sibonise nokuthi siyamthanda uJehova. UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi bathande uJehova ngenhliziyo yabo yonke, ngomphefumulo wabo wonke, nangenqondo yabo yonke. (Funda uMathewu 22:37.) Kusho ukuthini lokho?

8, 9. Singambonisa kanjani uJehova ukuthi siyamthanda?

8 Kwanele yini ukumane sithi siyamthanda uJehova? Cha. Uma sithanda uJehova ngenhliziyo, ngomphefumulo, nangengqondo yethu yonke, kuzobonakala ngendlela esenza ngayo. (Mathewu 7:16-20) IBhayibheli lisifundisa ukuthi uma sithanda uJehova, sizoyilalela imiyalo yakhe. Kunzima yini ukuyilalela? Akunzima ngoba “imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—Funda eyoku-1 Johane 5:3.

9 Ukulalela uJehova kwenza sijabule futhi saneliseke. (Isaya 48:17, 18) Kodwa yini ezosisiza sihlale siseduze noJehova? Ake sibone.

QHUBEKA USONDELA KUJEHOVA

10. Kungani kufanele uqhubeke ufunda ngoJehova?

10 Waba kanjani umngane kaJehova? Ngokutadisha iBhayibheli, wamazi uJehova futhi waqala ukuba umngane wakhe. Ubungane bufana nomlilo okumelwe uwugcine uvutha. Njengoba umlilo udinga izinto ezizowugcina uvutha, nawe kufanele uqhubeke ufunda ngoJehova ukuze ubungane benu buqine.—IzAga 2:1-5.

Njengomlilo, uthando lwakho ngoJehova kudingeka uligcine luvutha

11. Yini ezokwenzeka lapho ufunda iBhayibheli?

11 Njengoba uqhubeka utadisha iBhayibheli, uzofunda izinto ezizokuthinta inhliziyo. Phawula indlela abafundi bakaJesu ababili abazizwa ngayo lapho ebachazela iziprofetho zeBhayibheli. Bathi: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?”—Luka 24:32.

12, 13. (a) Yini engenzeka ngothando lwethu ngoNkulunkulu? (b) Yini esingayenza ukuze uthando lwethu ngoJehova lungapholi?

12 Kungenzeka ukuthi njengalabo bafundi bakaJesu, nawe wathinteka inhliziyo lapho uqala ukuqonda lokho iBhayibheli elikufundisayo. Lokho kwakusiza ukuba umazi uJehova futhi umthande. Awufuni ukuba lolo thando luphole.—Mathewu 24:12.

13 Uma usungumngane kaNkulunkulu, kufanele usebenze kanzima ukuze ubungane benu buqhubeke buqinile. Kumelwe uqhubeke ufunda ngaye nangoJesu futhi ucabange ngalokho okufundayo nokuthi ungakusebenzisa kanjani ekuphileni kwakho. (Johane 17:3) Lapho ufunda noma utadisha iBhayibheli zibuze: ‘Lokhu kungifundisani ngoJehova? Kungani kufanele ngimthande ngenhliziyo nangomphefumulo wami wonke?’—1 Thimothewu 4:15.

14. Umthandazo usisiza kanjani ukuba sigcine uthando lwethu ngoJehova luqinile?

14 Uma unomngane, ukhuluma naye njalo futhi wenza izinto ezizoqinisa ubungane benu. Ngendlela efanayo, uma sithandaza njalo sikhuluma noJehova ubungane bethu buhlala buqinile. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:17.) Umthandazo uyisipho esihle kakhulu esivela kuBaba wethu osezulwini. Kufanele sikhulume naye ngokusuka enhliziyweni. (IHubo 62:8) Akumelwe sisho into eyodwa njalo lapho sithandaza. Uma siqhubeka sitadisha iBhayibheli futhi sithandaza ngokusuka enhliziyweni, uthando lwethu ngoJehova luzoqhubeka luqinile.

XOXA NABANYE NGOJEHOVA

15, 16. Uwubheka kanjani umsebenzi wokushumayela?

15 Uma sifuna ukuhlala siseduze noJehova, kufanele sixoxele abanye ngalokho esikufunde eBhayibhelini. Ukukhuluma nabanye ngoJehova kuyilungelo elikhethekile. (Luka 1:74) Kuwumsebenzi uJesu awunika wonke amaKristu eqiniso. Sonke kufanele sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Usuyakwenza yini wena lokho?—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

16 Umsebenzi wokushumayela wawubaluleke kakhulu kumphostoli uPawulu, waze wawubiza ngokuthi ‘ingcebo.’ (2 Korinte 4:7) Ukutshela abanye ngoJehova nangalokho azokwenza, kuwumsebenzi obaluleke kunayo yonke ongayenza. Kuyindlela yokukhonza uJehova futhi uyakujabulela omenzela kona. (Hebheru 6:10) Ukushumayela kungazuzisa wena nalabo abakulalelayo, ngoba kunisiza nisondele kuJehova futhi nithole ukuphila okuphakade. (Funda eyoku-1 Korinte 15:58.) Ukhona yini omunye umsebenzi ongakwanelisa ngaphezu kokushumayela?

17. Kungani umsebenzi wokushumayela uphuthuma?

17 Lo msebenzi wokushumayela uyaphuthuma. Kufanele ‘sishumayele izwi, ngomuzwa wokuphuthuma.’ (2 Thimothewu 4:2) Abantu kufanele bazizwe izindaba zoMbuso kaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu!” Ukuphela ‘ngeke kwephuze.’ (Zefaniya 1:14; Habakuki 2:3) Maduze, uJehova uzolibhubhisa leli zwe likaSathane. Ngaphambi kokuba lokho kwenzeke, kumelwe abantu baxwayiswe ukuze bakhethe ukukhonza uJehova.

18. Kungani kufanele sikhonze uJehova sikanye namanye amaKristu eqiniso?

18 UJehova ufuna simkhonze sikanye namanye amaKristu eqiniso. IBhayibheli lithi: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Hebheru 10:24, 25) Kumelwe senze konke okusemandleni ukuze sibe khona emihlanganweni. Imihlangano isinikeza ithuba lokukhuthazana nokuqinisana.

19. Yini engasisiza ukuba sithande odadewethu nabafowethu abangamaKristu?

19 Emihlanganweni uzothola abangane abahle abazokusiza ukhonze uJehova. Uzohlangana nabafowethu nodadewethu abahlukahlukene, nabo abazama ngokusemandleni abo ukukhonza uJehova. Njengawe, bayawenza amaphutha. Lapho benze amaphutha zimisele ukubaxolela. (Funda eyabaseKolose 3:13.) Ngaso sonke isikhathi, naka izinto ezinhle ozibona kubafowenu nodadewenu abangamaKristu, lokho kuzokusiza ubathande futhi usondele nakakhulu kuJehova.

UKUPHILA KWANGEMPELA

20, 21. Kuyini “ukuphila kwangempela”?

20 UJehova ufuna bonke abangane bakhe baphile kamnandi. IBhayibheli lisifundisa ukuthi ukuphila esikhathini esizayo, kuzobe kuhluke kakhulu kunokuphila esikuphila manje.

UJehova ufuna ujabulele ‘ukuphila kwangempela.’ Uzokuthola yini lokho kuphila?

21 Esikhathini esizayo sizophila phakade, ngeke siphile iminyaka engu-70 noma engu-80 nje kuphela. Sizojabulela “ukuphila okuphakade,” siyimiqemane epharadesi elihle nelinokuthula. Yilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuphila kwangempela.” UJehova uthembisa ukusinika ukuphila okunjalo, futhi kufanele senze konke esingakwenza ukuze ‘sikubambisise.’—1 Thimothewu 6:12, 19.

22. (a) Kufanele senzeni ukuze ‘sibambisise ukuphila kwangempela’? (b) Kungani singeke sikwazi ukukusebenzela ukuphila okuphakade?

22 Kufanele senzeni ukuze ‘sibambisise ukuphila kwangempela’? Kufanele ‘senze okuhle.’ (1 Thimothewu 6:18) Lokhu kusho ukuthi kufanele sikwenze lokho esikufunda eBhayibhelini. Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi nakuba sizama ukwenza izinto ezinhle, ukuphila okuphakade kuyisipho samahhala uJehova asinikeza izinceku zakhe. Lesi sipho siyisibonelo “somusa ongafanelwe” uJehova asibonisa wona, ngoba asisoze sakufanelekela ukuthola ukuphila okuphakade. (Roma 5:15) UBaba wethu osezulwini ufisa kakhulu ukunikeza izinceku zakhe lesi sipho.

23. Kungani kufanele ukhethe kahle manje?

23 Zibuze, ‘Ingabe ngikhonza uNkulunkulu ngendlela afuna ngimkhonze ngayo?’ Uma ubona ukuthi kufanele ushintshe indlela owenza ngayo, shintsha ngokushesha. Lapho sincika kuJehova futhi senza konke esingakwenza ukuze simlalele, uJehova uzoba isiphephelo sethu. Uzobavikela abantu bakhe abathembekile ezinsukwini zokugcina zezwe likaSathane. Ngemva kwalokho uJehova uyosipha ukuphila okuphakade njengoba esithembisile. Uma ukhetha kahle manje, uzokuthola ukuphila kwangempela.