Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 4

Ngingawalungisa Kanjani Amaphutha Ami?

Ngingawalungisa Kanjani Amaphutha Ami?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Ukuvuma amaphutha akho kuyokwenza ube umuntu onokwethenjelwa.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalesi simo: Njengoba edlala nabangane bakhe, uSandile uphihliza ifasitela likamakhelwane ngebhola.

Ubungenzenjani ukube ubunguSandile?

YIMA UCABANGE

ZINTATHU IZINTO ONGAZENZA:

  1. Baleka.

  2. Beka omunye icala.

  3. Chazela umakhelwane okwenzekile, umchazele nokuthi uzowukhokhela umonakalo.

Ungase ulingeke ukuba ukhethe indlela yokuqala. Kodwa kuhlale kuzuzisa ukuvuma amaphutha akho—kungakhathaliseki ukuthi ifasitela liphihlikile noma kwenzeke okunye.

IZIZATHU EZINTATHU ZOKUVUMA AMAPHUTHA AKHO

  1. Kuyinto efanele.

    IBhayibheli lithi: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

  2. Abantu babathethelela kalula labo abawavumayo amaphutha abo.

    IBhayibheli lithi: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”—IzAga 28:13.

  3. Okubaluleke nakakhulu, kujabulisa uNkulunkulu.

    IBhayibheli lithi: “Umuntu okhohlisayo uyinto enengekayo kuJehova, kodwa Yena usondelana nabaqotho”—IzAga 3:32.

UZinhle, oneminyaka engu-20, wazama ukufihlela uyise ithikithi lokushayela ngesivinini esiphezulu. Kodwa wayengeke alifihle phakade. UZinhle uthi, “Ngemva konyaka, ubaba wabona ithikithi elalibhalwe ngegama lami. Ngangena enkingeni enkulu!”

Isifundo? UZinhle uthi: “Ukufihla amaphutha kwenza izinto zibe zimbi nakakhulu. Ngokuhamba kwesikhathi uzobhekana nemiphumela!”

INDLELA ONGAFUNDA NGAYO EMAPHUTHENI AKHO

IBhayibheli lithi: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Njengoba sibonile, kuwuphawu lokuthobeka nokuvuthwa ukuvuma amaphutha akho—futhi lokho kumelwe sikwenze ngokushesha.

Ngemva kwalokho kudingeka ufunde emaphutheni akho. Intombazane ogama layo linguMandisa ithi: “Ngizama ukubheka iphutha ngalinye njengesifundo esizongisiza ngibe umuntu ongcono futhi ngikwazi ukwenza ngendlela ehlukile esikhathini esizayo.” Ake sibone ukuthi lokho ungakwenza kanjani.

Uboleka ibhayisikili likababa wakho bese uyalibulala. Uzokwenzenjani?

  • Uyazithulela unethemba lokuthi ubaba wakho ngeke alibone.

  • Uchazela ubaba wakho konke okwenzekile

  • Uchazela ubaba wakho okwenzekile kodwa usole omunye umuntu.

Ufeyila isivivinyo ngenxa yokuthi awufundanga ngokwanele. Uzokwenzenjani?

  • Ugxeka isivivinyo.

  • Uyavuma ukuthi lokhu kubangelwe ukuthi awufundanga.

  • Usola uthisha wakho, uthi akakuthandi.

Ukugxila emaphutheni angesikhathi esidlule kufana nokushayela ugqolozele isibuko esikubonisa okungemuva

Manje hlola izimo ezidlule uzame ukuzifaka ezicathulweni (1) zikababa wakho (2) nezikathisha wakho. Ubaba noma uthisha wakho ubezocabangani ngawe uma uvuma amaphutha akho ngokushesha? Bebezocabangani ngawe uma uwafihla amaphutha akho?

Manje cabanga ngamaphutha owenze phakathi nonyaka odlule bese uphendula le mibuzo elandelayo.

Yiliphi iphutha engalenza? Yini engayenza ngalelo phutha?

  • Ngalifihla.

  • Ngasola omunye umuntu.

  • Ngasheshe ngalivuma.

Uma ungawavumanga amaphutha akho, wazizwa kanjani kamuva?

  • Ngajabula—Ngiphunyukile!

  • Ngaba nomuzwa wecala—Bekumelwe ngikhulume iqiniso.

Ubungasisingatha kanjani kangcono isimo?

Yini owayifunda emaphutheni akho?

UCABANGANI?

Kungani abanye abantu bengakuthandi ukuvuma amaphutha abo?

Abantu bazokubheka kanjani uma uhlale uzama ukufihla amaphutha akho, ngokuphambene nalokho, yini abazoyicabanga ngawe uma uwavuma?—Luka 16:10.