Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 5

Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?

Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Indlela osabela ngayo ingenza izinto zibe ngcono—noma zibe zimbi nakakhulu.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalesi simo: UThemba akafuni ukuya esikoleni namuhla. Akafuni ukuya kusasa. Akafuni ukuphinde aye. Lokhu kwaqala ezinyangeni ezintathu ezidlule lapho umfundi afunda naye esakaza amanga amabi ngaye. Base bemqamba igama angalithandi. Ngezinye izikhathi othile wayemgudluza enze sengathi iphutha, noma othile ohamba neqembu amshaye ngemuva ukuze lapho uThemba ephenduka ebheka, angaboni ukuthi ushaywe ubani. Izolo isiqhwaga sivele senza okuhlukile, sathumela umyalezo omsabisayo nge-SMS . . .

Ubungenzenjani ukube ubunguThemba?

YIMA UCABANGE!

Lokhu akusho ukuthi awunawo amandla okwenza okuthile! Empeleni, unganqoba isiqhwaga ngaphandle kokusebenzisa isibhakela. Kanjani?

  • UNGATHATHI NGAMAWALA. IBhayibheli lithi: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.” (IzAga 29:11) Uma wehlisa umoya—ungabonisi ukuthi ucasukile—iziqhwaga zingayeka ukukuhlupha.

  • UNGAZIPHINDISELELI. IBhayibheli lithi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.” (Roma 12:17) Ukufuna ukuziphindiselela kuyokwenza isimo sibe sibi nakakhulu.

  • GWEMA INKINGA. IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Zama ukugwema abantu abangabangela inkinga futhi ugweme izimo ongase uhlukunyezwe kuzo.

  • ZAMA UKUPHENDULA NGENDLELA ENGALINDELEKILE. IBhayibheli lithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.” (IzAga 15:1) Ungazama nokusho into ehlekisayo. Ngokwesibonelo, uma isiqhwaga sithi ukhuluphele, ungavele uthi: “Mhlawumbe kumelwe ngiwanciphise la mafutha!”

  • HAMBA. UNora oneminyaka engu-19 uthi: “Ukuthula kubonisa ukuthi uvuthiwe futhi unamandla kunalo muntu okuhlukumezayo. Kubonisa imfanelo yokuzithiba—into isiqhwaga esingenayo.”—2 Thimothewu 2:24.

  • ZETHEMBE. Isiqhwaga siyakwazi ukubona labo abazenyezayo abangeke baziphindiselele. Ngokuphambene nalokho, iziqhwaga ziyoqhela lapho zibona ukuthi awesabi.

  • TSHELA OTHILE. Owayenguthisha uthi: “Ngikhuthaza bonke abahlukunyezwa yiziqhwaga ukuba bakhulume. Kuyinto efanele futhi kungavikela nabanye abantu ekuhlukunyezweni iziqhwaga.”

Ukuzethemba kuzokwenza ube namandla kunesiqhwaga