Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 6

Ngingamelana Kanjani Nokucindezela Kontanga?

Ngingamelana Kanjani Nokucindezela Kontanga?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Lapho uzimela, uyokwazi ukulawula ukuphila kwakho kunokuba uvumele abanye bakulawule.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalesi simo: UNhlalo ushaywa uvalo njengoba ebona abafana ababili afunda nabo besondela. Kuleli sonto sebeze kuye kabili bezama ukumbhemisa ugwayi. Lokhu kuzoba okwesithathu.

Umfana wokuqala uyakhuluma:

“Uwedwa nanamuhla? Awuthi ngikubonise umngane wami.”

Ugcizelela igama elithi “umngane” ngokucifa iso njengoba ekhipha okuthile esikhwameni ekunika uNhlalo.

UNhlalo ubona ugwayi esandleni salo mfana. Uvalo luvele lumuthi heqé.

UNhlalo athi: “Ngiyabonga. Nganichazela ukuthi angi. . . ”

Umfana wesibili amngene emlonyeni: “Ungabi yigwala ndoda!”

“Angilona igwala mina!” UNhlalo equnga isibindi.

Umfana wesibili ugaxa uNhlalo. Athi kuye ngomoya ophansi, “uthathe ndoda.”

Umfana wokuqala usondeza ugwayi ebusweni bukaNhlalo bese ethi: “Ngeke sitshele muntu. Akekho umuntu ozokwazi.”

Ubungenzenjani ukube ubunguNhlalo?

YIMA UCABANGE!

Ingabe ontanga bakaNhlalo bacabangile ngempela ngalokho abakwenzayo? Ingabe izinqumo bazenzele ngokwabo? Kubonakala kungenjalo. Ngokuvamile, baye banqotshwa yithonya labanye. Bafuna ukwamukeleka, ngakho bavumela abanye balawule lokho abakwenzayo.

Uma ubungabhekana nesimo esifanayo, ubungayikhetha kanjani indlela ehlukile futhi umelane nokucindezela kontanga?

  1. KULINDELE

    IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.”—IzAga 22:3.

    Ngokuvamile ungayibona ingozi iseza. Ngokwesibonelo, ake sithi ubona iqembu lofunda nabo libhema futhi lisondela ngakuwe. Ngokubona inkinga kusengaphambili, uyokulungela ukubhekana nayo.

  2. CABANGA

    IBhayibheli lithi: “Yiba nonembeza omuhle.”—1 Petru 3:16.

    Zibuze, ‘Ngizozizwa kanjani ngokuhamba kwesikhathi uma ngilandela isixuku?’ Iqiniso, ungase ukwazi ukugwema ukugxekwa ontanga yakho okwesikhashana. Kodwa uyozizwa kanjani ngokuhamba kwesikhathi? Ingabe uzimisele ukushintsha ubuntu bakho ukuze ujabulise ofunda nabo?—Eksodusi 23:2.

  3. NQUMA

    IBhayibheli lithi: “Ohlakaniphile uyesaba.”—IzAga 14:16.

    Sonke siyasifikela isikhathi ekuphileni kwethu sokwenza izinqumo nokuphila nemiphumela yalezo zinqumo. IBhayibheli likhuluma ngamadoda anjengoJosefa, uJobe noJesu enza izinqumo ezihlakaniphile. Likhuluma nangamadoda anjengoKhayini, u-Esawu noJuda enza izinqumo ezingahlakaniphile. Wena uzokwenzenjani?

IBhayibheli lithi: ‘Yenza ngokwethembeka.’ (IHubo 37:3) Uma usucabangile ngemiphumela futhi wanquma ukuthi uzokwenzani, ukusho isinqumo sakho kulula kakhulu futhi kuyazuzisa.

Ungakhathazeki—akudingeki ukuba ukhulume undendende nontanga yakho. Ukuthi Cha ngendlela eqinile kwanele. Ungasho nalokhu okulandelayo ukuze isinqumo sakho sizwakale kahle:

  • “Zamani omunye umuntu!”

  • “Angizenzi mina lezi zinto!”

  • “Musani ukudlala ngami, niyazi ukuthi ngeke ngikwenze lokho!”

Into ebalulekile ukuphendula ngokushesha nangesibindi. Uma wenza kanjalo, iyokumangaza indlela ontanga yakho abayoqhela ngokushesha ngayo kuwe!

UKUBHEKANA NOKUCHUKULUZWA

Uma uvumela ukulawulwa ontanga yakho, ufana nerobhothi abenza noma yini abayithandayo ngalo

Kuthiwani uma ontanga yakho behlekisa ngawe? Kuthiwani uma bethi, “Kwenzenjani—uyesaba?” Lolu uhlobo oluvamile lokucindezela kontanga. Yini ongayenza? Cishe zimbili izinto ongazenza.

  • Ungakwamukela ukuhlekwa. (“Niqinisile ngiyesaba!” Bese uchaza kafushane isizathu salokho.)

  • Ungahlekisa ngabo. Chaza izizathu zokwenqaba bese ukhuluma ngezinga lokuhlakanipha kwabo. (“Uyazi bengicabanga ukuthi nihlakaniphe kakhulu ukuthi ningabhema!”)

Uma ontanga yakho beqhubeka behlekisa ngawe, hamba! Khumbula, uma uhlala lapho isikhathi eside, bayokucindezela nakakhulu. Ngokusuka kuleyo ndawo, ubonisa ukuthi uyenqaba ukuvumela abanye bakushintshe.

Iqiniso liwukuthi, ngeke ukubalekele ukucindezela kontanga. Kodwa unganquma ukuthi ufuna ukwenzani futhi ulawule ukuphila kwakho. Isinqumo ngesakho!—Joshuwa 24:15.