Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 8

Okumelwe Ukwazi Ngokuhlukunyezwa Ngokocansi?

Okumelwe Ukwazi Ngokuhlukunyezwa Ngokocansi?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Unyaka ngamunye izigidi zabantu ziyadlwengulwa noma zinukubezwe futhi kuhlaselwa kakhulu intsha.

UBUNGENZANI?

UThoko akazi ukuthi kwenzeka kanjani kodwa wazibona esephansi, ecindezelwe umuntu owayemhlasela. Uthi: “Ngazama ngawo wonke amandla ami ukulwa naye. Ngazama ukumemeza, kodwa izwi lalingaphumi. Ngaphusha, ngakhahlela, ngashaya ngesibhakela futhi ngaklwebha. Yilapho engezwa khona kungena ummese emzimbeni wami. Ngavele ngaphelelwa amandla.”

Ubungenzenjani ukube ubusesimweni esifana nalesi?

YIMA UCABANGE!

Ngisho noma ungahlala ulindile—mhlawumbe ngokuqapha lapho uhamba ngaphandle ebusuku—izinto ezimbi zingenzeka. IBhayibheli lithi, “Ukuphumelela umncintiswano akuyi ngabanejubane . . . nalabo abanolwazi abawutholi umusa, ngoba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.”—UmShumayeli 9:11.

Enye intsha, njengoThoko, ihlaselwa abantu engabazi. Enye ihlaselwa abantu ebaziyo, ngisho namalungu omndeni. Eneminyaka eyishumi nje kuphela, uThandeka wanukubezwa ngokocansi osemusha owayehlala eduze kwakubo. Uthi, “Ngangesaba futhi nginamahloni okwabangela ukuba ekuqaleni ngingatsheli muntu.”

AKUMELWE UZISOLE

UThoko usahlushwa imizwa yecala ngenxa yalokho okwenzeka. Uthi: “Ngihlale ngicabanga ngokwenzeka ngalobo busuku. Ngicabanga ukuthi kwakufanele ngizame kakhudlwana ukulwa naye. Iqiniso liwukuthi njengoba ngangigwaziwe, ngangingakwazi ukunyakaza ngenxa yokwesaba. Ayikho into engangingayenza; kodwa nginomuzwa wokuthi kwakufanele ngenze okuthile.”

UThandeka naye uhlushwa imizwa yecala. Uthi, “Kwakungamelwe ngimethembe kangaka. Abazali bami babebeke umthetho ekhaya wokuthi mina nodadewethu singahlukani lapho sidlala ngaphandle. Ngakho nginomuzwa wokuthi nganika umakhelwane wami ithuba lokuba angilimaze. Okwenzeka kwawuthinta umndeni wakithi futhi ngicabanga ukuthi yimi onecala lokuwuzwisa ubuhlungu obukhulu. Yilokho okungihlupha kakhulu.”

Uma unemizwa efana nekaThoko noma uThandeka, kumelwe wazi ukuthi umuntu odlwengulwayo usuke ephoqwa. Abanye abantu benza le ndaba ibonakale ilula, bathi kuyinto engokwemvelo ngabafana ukuziphatha ngale ndlela noma bathi labo abadlwenguliwe basuke bezibizele ukudlwengulwa. Kodwa akekho umuntu ofanelwe ukudlwengulwa. Uma uyisisulu salesi senzo sobulwane, akumelwe uzisole!

Kuyiqiniso ukuthi kulula ukufunda amagama athi “akumelwe uzisole,” kodwa ukuwakholelwa kunzima kakhulu. Abanye bayayifihla imizwa yabo ngalokho okwenzekile bese beba nemizwa yecala neminye imizwa ebuhlungu. Kodwa ubani osizakalayo lapho singakhulumi ngokwenzekile—nguwe noma umdlwenguli? Kuyokuzuzisa ukukhuluma ngalolu daba.

UKUKHULUMA NGENDABA YAKHO

IBhayibheli lisitshela ukuthi ngesikhathi ecindezeleke kakhulu, uJobe olungile wathi: “Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!” (Jobe 10:1) Nawe ungazuza ngokwenza okufanayo. Ukukhuluma nomuntu omethembayo kungakusiza wamukele okwenzekile futhi ukhululeke emizweni ebuhlungu.

Kungenzeka ucindezeleke kakhulu futhi awukwazi ukubhekana nakho. Khuluma nothile ukuze uthole usizo.

UThoko wathola ukuthi lokho kuyiqiniso. Uthi: “Ngakhuluma nomngane engisondelene naye futhi wangikhuthaza ukuba ngixoxe nabadala basebandleni. Ngiyajabula ukuthi ngakwenza lokho. Bahlala nami phansi izikhathi eziningana futhi bangitshela lokho kanye engangidinga ukukuzwa—ukuthi angiyona imbangela yokwenzekile. Akulona iphutha lami.”

UThandeka wakhuluma nabazali bakhe ngalokho okwenzeka. Uthi, “Bangisekela. Bangikhuthaza ukuba ngikhulume ngakho futhi lokho kwangisiza ngayeka ukudabuka nokucasuka.”

UThandeka waduduzwa nawumthandazo. Uthi, “Ukukhuluma noNkulunkulu kwangisiza ikakhulukazi ngezikhathi engangikuthola kunzima ngazo ukukhuluma nomunye umuntu. Uma ngithandaza ngikhuluma ngokukhululekile. Kungenza ngibe nokuthula nokuzola kwangempela.”

Nawe ungathola ukuthi ‘kunesikhathi sokuphulukisa.’ (UmShumayeli 3:3) Wunakekele umzimba wakho, uzinakekele nangokomzwelo. Lala ngokwanele. Okubaluleke nakakhulu, thembela kuNkulunkulu wenduduzo yonke.—2 Korinte 1:3, 4.

UMA UKHULE NGOKWANELE UKUBA UNGATHANDANA NOMUNTU

Uma uyintombazane futhi ucindezelwa ukuba uhileleke ekuziphatheni okubi, kuyinto enhle kakhulu ukwenqaba ngesibindi uthi, “Ngiyeke!” noma, “Ungalinge ungithinte kanjalo!” Ungakwesabi ukushiywa umuntu othandana naye. Uma nihlukana ngenxa yale ndaba, akakufanele! Wena ufanelewe insizwa yangempela, ehlonipha umzimba wakho nemithetho ophila ngayo.

ISIVIVINYO NGOKUHLUKUNYEZWA NGOKOCANSI

“Esikoleni abafana babeye badonse u-bra wami ngemuva bese besho izinto ezingasile—njengokuthi ngiyojabula uma ngingalala nabo.”—UBusi.

Ucabanga ukuthi laba bafana

  1. Babemdlalisa?

  2. Babemeshela?

  3. Babemhlukumeza ngokocansi?

“Ebhasini umfana othile waqala ukusho izinto ezicasulayo elokhu engibamba. Ngamshaya isandla ngathi akangiyeke. Wangibuka sengathi ngiyahlanya.”—UKhanyi.

Ucabanga ukuthi lo mfana wayenzani kuKhanyi?

  1. Wayemdlalisa?

  2. Wayemeshela?

  3. Wayemhlukumeza ngokocansi?

“Ngonyaka odlule omunye umfana wayelokhu engitshela ukuthi uyangithanda ufuna ukungikhipha, yize ngangenqaba njalo. Ngezinye izikhathi wayengithinta ingalo. Ngamtshela ukuthi ayeke ukungithinta, kodwa wangayeka. Ngesinye isikhathi lapho ngibopha isicathulo sami, wangipansa.”—UNozipho.

Ucabanga ukuthi lo mfana:

  1. Wayemdlalisa?

  2. Wayemeshela?

  3. Wayemhlukumeza ngokocansi?

Impendulo enembile yale mibuzo yomithathu u-3.

Yini eyenza ukuhlukumeza ngokocansi kwehluke ekusheleni noma ekudlaliseni?

Ukuhlukumeza ngokocansi kujabulisa umuntu oyedwa. Uyaqhubeka ekwenza ngisho noma lo akwenza kuye ethi akayeke.

Ukuhlukumeza ngokocansi kuyinto embi kakhulu. Kungaholela ekudlwenguleni.