Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 1

UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba

UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba

UJehova uNkulunkulu unguMdali wethu. Wadala zonke izinto, esikwazi ukuzibona nesingakwazi ukuzibona. Waqale wadala izingelosi eziningi, ngemva kwalokho wadala umhlaba. Uyazi ukuthi ziyini izingelosi? Izingelosi zingabantu abanomzimba womoya. Asikwazi ukuzibona njengoba nje noNkulunkulu singakwazi ukumbona. Ingelosi yokuqala uJehova ayidala yaba umsizi wakhe. Leyo ngelosi yasiza uJehova lapho edala izinkanyezi, amaplanethi nazo zonke ezinye izinto. Enye yalawo maplanethi umhlaba oyikhaya lethu elihle.

Ngemva kwalokho, uJehova walungisa umhlaba ukuze izilwane nabantu bahlale kuwo. Wabangela ukuba ukukhanya kwelanga kufike emhlabeni. Wenza izintaba, izilwandle nemifula.

Kwabe sekwenzekani? UJehova wathi: ‘Ngizokwenza utshani nezihlahla.’ Kwabe sekumila izithelo, imifino nezimbali ezinhlobonhlobo. UJehova wabe esedala zonke izilwane—izilwane ezindizayo, ezihlala emanzini nezihuquzelayo. Wadala izilwane ezincane njengentuthwane kanye nezinkulu njengendlovu. Wena yisiphi isilwane osithandayo?

UJehova wabe esethi engelosini yokuqala: “Masenze umuntu.” Abantu babengeke bafane nezilwane. Babezokwazi ukusungula izinto. Babezokwazi ukukhuluma, ukuhleka nokuthandaza. Babezonakekela umhlaba nezilwane. Uyazi ukuthi kwakungubani umuntu wokuqala? Ake sibone.

“Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”—Genesise 1:1