Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 2

UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala

UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala

UJehova watshala insimu endaweni ebizwa ngokuthi i-Edene. Le nsimu yayigcwele izimbali, izihlahla nezilwane. UNkulunkulu wabe esedala indoda yokuqala, u-Adamu, ngothuli lomhlabathi wafuthela umoya emakhaleni ayo. Uyazi ukuthi kwenzekani? Umuntu waqala ukuphila! UJehova wabe esethi u-Adamu makanakekele insimu futhi aqambe zonke izilwane.

UJehova wanika u-Adamu umthetho obalulekile. Wathi kuye: ‘Ungazidla izithelo zazo zonke izihlahla kodwa kunesihlahla esisodwa okungamelwe udle kuso. Uma udla isithelo saleso sihlahla uzofa.’

Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wathi: ‘U-Adamu ngizomenzela umsizi.’ UNkulunkulu wabe esebangela ukuba u-Adamu alale zwi, ngemva kwalokho wathatha ubambo luka-Adamu walwakha lwaba inkosikazi ka-Adamu. Igama le nkosikazi yakhe kwakungu-Eva. U-Adamu no-Eva baba umndeni wokuqala. U-Adamu wazizwa kanjani ngokuba nenkosikazi? U-Adamu wajabula kakhulu waze wathi: ‘Yaze yayinhle intombi eyenziwe ngobambo lwami. Ekugcineni sengimtholile ongowami.’

UJehova watshela u-Adamu no-Eva ukuba babe nezingane bagcwalise umhlaba. Wayefuna bakujabulele ukusebenza ndawonye benze wonke umhlaba ube yipharadesi noma ipaki elihle njengensimu yase-Edene. Kodwa lokho akwenzekanga. Kungani? Sizofunda okuningi esahlukweni esilandelayo.

“Lowo owabadala ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane.”—Mathewu 19:4