Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 4

Intukuthelo Yamenza Umbulali

Intukuthelo Yamenza Umbulali

Ngemva kokuxoshwa kwabo ensimini yase-Edene, u-Adamu no-Eva baba nezingane eziningi. Indodana yabo yokuqala, uKhayini, yaba umlimi, indodana yabo yesibili, u-Abela, yaba umalusi wezimvu.

Ngolunye usuku, uKhayini no-Abela baletha iminikelo kuJehova. Uyazi ukuthi uyini umnikelo? Uyisipho esikhethekile. UJehova wawuthanda umnikelo ka-Abela, kodwa akawuthandanga okaKhayini. Lokho kwenza uKhayini wathukuthela kakhulu. UJehova waxwayisa uKhayini ngokuthi ukuthukuthela kungamenza enze into embi. Kodwa uKhayini akalalelanga.

Kunalokho, uKhayini wathi ku-Abela: ‘Asihambe siye ngaphandle komuzi.’ Lapho sebebodwa, uKhayini washaya umfowabo wambulala. UJehova wayezokwenzenjani? UJehova wajezisa uKhayini ngokumxosha emndenini wakubo. UKhayini wayengeke avunyelwe ukuba aphinde abuyele kubo.

Thina sifundani kule ndaba? Singase sithukuthele uma izinto zingenzeki ngendlela esiyithandayo. Lapho sibona ukuthi sesithukuthela kakhulu—noma uma abanye besikhuza ngokuthukuthela kwethu—ngokushesha kufanele sizibambe ukuze singalawulwa intukuthelo.

Ngenxa yokuthi u-Abela wayemthanda uJehova futhi enza izinto ezinhle, uJehova uyohlale emkhumbula. UNkulunkulu uyomvusa u-Abela lapho enza umhlaba ube ipharadesi.

“Okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, bese uyabuya unikele isipho sakho.”—Mathewu 5:24