Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 5

Umkhumbi KaNowa

Umkhumbi KaNowa

Ngemva kweminyaka, kwaba nabantu abaningi emhlabeni. Abaningi kulabo bantu babenza izinto ezimbi. Ngisho nezinye izingelosi ezulwini zaqala ukwenza izinto ezimbi. Zashiya ikhaya lazo ezulwini, zeza emhlabeni. Uyazi ukuthi kungani zenza lokho? Ukuze zibe nemizimba yabantu futhi zishade nabesifazane.

Izingelosi nabesifazane baba namadodana. Lawo madodana akhula aba namandla amakhulu futhi aba yiziqhwaga. Ayehlukumeza abantu. UJehova wayengeke avumele ukuba lezo zinto ziqhubeke zenzeka. Ngakho wanquma ukubhubhisa abantu ababi ngozamcolo.

Nokho kunendoda eyayihlukile. Yayimthanda uJehova. Igama laleyo ndoda kwakunguNowa. UNowa wayenenkosikazi namadoda amathathu, uShemi, uHamu noJafete futhi amadodana akhe ayeshadile. UJehova watshela uNowa ukuba akhe umkhumbi omkhulu ukuze yena nomndeni wakhe basinde lapho kufika uZamcolo. Lo mkhumbi wawuyibhokisi elikhulu elikwazi ukuntanta phezu kwamanzi. UJehova wabuye watshela uNowa ukuthi afake izilwane eziningi emkhunjini ukuze nazo zisinde.

Ngokushesha, uNowa waqala ukwakha umkhumbi. Kwaphela iminyaka engaba ngu-50 uNowa nomndeni wakhe bakha umkhumbi. Umkhumbi bawakha ngendlela uJehova ayebayale ukuba bawakhe ngayo. Phakathi naleso sikhathi, uNowa waxwayisa abantu ngoZamcolo. Kodwa akekho owamlalela.

Ekugcineni safika isikhathi sokungena emkhunjini. Ake sibone ukuthi kwabe sekwenzekani.

“Ngoba njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:37