Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 6

Kwasinda Abantu Abangu-8

Kwasinda Abantu Abangu-8

UNowa, umndeni wakhe nezilwane bangena emkhunjini. UJehova wavala umnyango, izulu laqala ukuna. Lana kangangokuba umkhumbi waqala ukuntanta. Ekugcineni, umhlaba wonke wembozwa amanzi. Bonke abantu ababi ababengangenanga emkhunjini bafa. Kodwa uNowa nomndeni wakhe babevikelekile ngaphakathi emkhunjini. Cabanga nje indlela ababejabule ngayo ngokuthi bamlalela uJehova!

Imvula yana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40 yabe isinqamuka. Kancane kancane amanzi ancipha. Ekugcineni, umkhumbi wahlala phezu kwezintaba. Kodwa amanzi ayesagcwele yonke indawo, ngakho uNowa nomndeni wakhe babengeke bakwazi ukuphuma emkhunjini ngaleso sikhathi.

Umhlaba wagcina womile. UNowa nomndeni wakhe bahlala isikhathi esingaphezu konyaka emkhunjini. UJehova wabe esethi bangaphuma emkhunjini baye emhlabeni owawungasenabo ububi. Babejabule kakhulu ngenxa yokuthi uJehova wayebasindisile futhi bakubonisa lokho ngokwenza umnikelo kuJehova.

UJehova wawujabulela lowo mnikelo. Wathembisa ukuthi ngeke aphinde abhubhise umhlaba ngozamcolo. Wabangela ukuba kuvele uthingo lokuqala esibhakabhakeni olwaluzoba uphawu lwaleso sithembiso. Wake walubona uthingo esibhakabhakeni?

UJehova wabe esetshela uNowa nomndeni wakhe ukuba babe nezingane futhi bagcwalise umhlaba.

“UNowa wangena emkhunjini, futhi [abantu] abanakanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.”—Mathewu 24:38, 39