Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 8

U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu

U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu

Eduze kwaseBhabhele, kwakunedolobha lase-Uri, elalinabantu ababengamkhonzi uJehova, babekhonza abanye onkulunkulu. Kodwa kulelo dolobha kwakunendoda eyayikhonza uJehova kuphela. Igama layo kwakungu-Abrahama.

UJehova wathi ku-Abrahama: ‘Shiya ikhaya lakho nezihlobo zakho, uye ezweni engizokubonisa lona.’ UNkulunkulu wabe esesho lesi sithembiso: ‘Uzoba isizwe esikhulu futhi ngizokwenzela abantu abaningi izinto ezinhle ngenxa yakho.’

U-Abrahama wayengazi ukuthi uyakuphi, kodwa wayethembele kuJehova. Ngakho u-Abrahama, umkakhe uSara, uyise uThera nomshana wakhe uLoti bapakisha izinto zabo, bathatha uhambo olude.

U-Abrahama wayeneminyaka engu-75 lapho ekugcineni yena nomndeni wakhe befika ezweni uJehova ayefuna balibone. Lalibizwa ngokuthi izwe laseKhanani. Lapho, uNkulunkulu wakhuluma no-Abrahama wabe esenza lesi sithembiso: ‘Lonke leli zwe olibonayo, ngizolinika izingane zakho.’ Kodwa u-Abrahama noSara babegugile futhi bengenayo ingane. UJehova wayezosigcwalisa kanjani leso sithembiso?

“Ngokholo u-Abrahama . . . walalela ngokuphuma aye endaweni ayezoyamukela njengefa; waphuma, nakuba ayengazi ukuthi uyaphi.”—Hebheru 11:8