Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 9

Ekugcineni Bathola Indodana!

Ekugcineni Bathola Indodana!

Kwase kuphele iminyaka eminingi u-Abrahama noSara beshadile. Babeshiye ikhaya labo elintofontofo e-Uri, manje babehlala ematendeni. Kodwa uSara akazange akhononde ngoba wayethembele kuJehova.

USara wayefuna ingane kangangokuba wathi ku-Abrahama: ‘Uma incekukazi yami uHagari ingathola ingane, ngingayiphathisa okwengane yami.’ Ngokuhamba kwesikhathi, uHagari wayithola indodana. Igama layo kwakungu-Ishmayeli.

Ngemva kweminyaka eminingi, lapho u-Abrahama eneminyaka engu-99, uSara eneminyaka engu-89 bavakashelwa amadoda amathathu. U-Abrahama wawacela ukuba ahlale ngaphansi kwesihlahla aphumule, wabe esewenzela ukudla. Uyazi ukuthi ayengobani lawo madoda? Kwakuyizingelosi! Zathi ku-Abrahama: ‘Ngonyaka ozayo ngalesi sikhathi, wena nomkakho nizothola indodana.’ USara wayelalele esetendeni. Wabe esehleka njengoba ezibuza: ‘Usho ukuthi ngingathola ingane ngempela njengoba sengiguge kanje?’

Ngonyaka olandelayo, uSara wazala indodana njengoba nje ingelosi kaJehova yayithembisile. U-Abrahama wayetha igama elithi Isaka elisho ukuthi “Ukuhleka.”

Lapho u-Isaka eneminyaka engu-5 uSara wabona u-Ishmayeli ehlekisa ngaye. Wayefuna ukuvikela indodana yakhe, ngakho watshela u-Abrahama ukuba axoshe uHagari no-Ishmayeli. Ekuqaleni, u-Abrahama wenqaba ukwenza lokho. Kodwa uJehova wathi ku-Abrahama: ‘Lalela uSara. Ngizomnakekela u-Ishmayeli. Kodwa izithembiso zami ngizozigcwalisa ngo-Isaka.’

“Ngokholo uSara wakhulelwa, . . . ngenxa yokuthi wayenokholo lokuthi uthembekile Lowo owayethembisile.”—Hebheru 11:11