Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 10

Khumbula UmkaLoti

Khumbula UmkaLoti

ULoti wayehlala nomalume wakhe u-Abrahama, eKhanani. Ngokuhamba kwesikhathi, u-Abrahama noLoti baba nemfuyo eningi kangangokuthi indawo yabo yokuhlala yayisincane. U-Abrahama wathi kuLoti: ‘Kuyacaca ukuthi ngeke sisakwazi ukuhlala ndawonye. Ngicela ukhethe indawo othanda ukuhlala kuyo, mina ngizokhetha enye.’ Uyabona ukuthi u-Abrahama wayenomusa?

ULoti wabona indawo enhle eduze kwedolobha laseSodoma. Yayinamanzi anele kanye notshani obuluhlaza. Ngakho wakhetha leyo ndawo, wabe esethuthela umndeni wakhe kuyo.

Abantu ababehlala eSodoma nasedolobheni eliseduze iGomora babenza izinto ezimbi kakhulu. Eqinisweni, babebabi kangangokuthi uJehova wanquma ukuwabhubhisa lawo madolobha. Kodwa uNkulunkulu wayefuna ukuvikela uLoti nomndeni wakhe, ngakho wathumela izingelosi ezimbili ukuba zibaxwayise: ‘Sheshani! Phumani kuleli dolobha! UJehova uzolibhubhisa.’

ULoti akaphumanga ngokushesha. Wayelokhu ebamba eyeka. Ngakho izingelosi zambamba, zabamba umkakhe namadodakazi akhe amabili zabakhiphela ngaphandle kwedolobha zathi: ‘Balekani! Ningabheki emuva, ngoba uma nibheka emuva nizofa!’

Lapho befika edolobheni elibizwa ngokuthi iZowari, uJehova wenza ukuba kune umlilo nesibabule eSodoma naseGomora. Lawo madolobha amabili abhujiswa ngokuphelele. Lapho umkaLoti engamlaleli uJehova ephenduka ebheka emuva, waba insika kasawoti! Kodwa uLoti namadodakazi akhe basinda ngoba balalela uJehova. Kumelwe ukuba bezwa ubuhlungu ngokuthi umama wabo akalalelanga. Kodwa bajabula ngokuthi balalela uJehova.

“Khumbulani umkaLoti.”—Luka 17:32