Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 13

UJakobe No-Esawu Bayaxolelana

UJakobe No-Esawu Bayaxolelana

UJehova wathembisa uJakobe ukuthi uzomvikela njengoba avikela u-Abrahama no-Isaka. UJakobe wahlala eHarana, washada, waba nomndeni omkhulu futhi waba nemali eningi.

Ngokuhamba kwesikhathi uJehova wathi kuJakobe: ‘Buyela ezweni owazalelwa kulo.’ Ngakho uJakobe nomndeni wakhe bathatha uhambo olude oluphindela emuva. Njengoba besendleleni kwafika abantu kuJakobe bathi: ‘Umfowenu u-Esawu uyeza, uhamba namadoda angu-400!’ UJakobe wayesaba ukuthi u-Esawu ufuna ukulimaza yena nomndeni wakhe. Ngakho, wathandaza kuJehova: ‘Ngicela ungisindise kumfowethu.’ Ngosuku olulandelayo uJakobe wathumela izipho eziningi ku-Esawu—izimvu, izimbuzi, izinkomo, amakamela nezimbongolo.

Ngalobo busuku ngesikhathi uJakobe eyedwa, wabona ingelosi! Leyo ngelosi yaqala ukulwa naye. Balwa kwaze kwasa. Ngisho noma eselimele, uJakobe akayekanga ukulwa. Ingelosi yathi: ‘Ngiyeke.’ Kodwa uJakobe wathi: ‘Cha, ngibusise kuqala.’

Ekugcineni ingelosi yambusisa uJakobe. Manje uJakobe wayazi ukuthi uJehova ngeke avumele u-Esawu amlimaze.

Ekuseni, uJakobe waphakamisa amehlo, wabona laphaya kuza u-Esawu namadoda angu-400. UJakobe wahamba phambili futhi wakhothama kasikhombisa phambi komfowabo. U-Esawu wagijima waya kuJakobe wamanga. La mawele avele akhala kakhulu abe esexolelana. Ucabanga ukuthi uJehova wazizwa kanjani ngendlela uJakobe enza ngayo?

Kamuva u-Esawu wabuyela emzini wakhe, uJakobe waqhubeka nendlela. UJakobe wayenamadodana angu-12 esewonke. Amagama awo kwakunguRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, uDani, uNafetali, uGadi, u-Asheri, u-Isakare, uZebhuloni, uJosefa noBhenjamini. Enye yalawo madodana—uJosefa—yasetshenziswa uJehova ukuze asindise abantu baKhe. Uyazi ukuthi wakwenza kanjani lokho? Ake sibone.

“Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo; ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini.”—Mathewu 5:44, 45