Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 15

UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa

UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa

Ngesikhathi uJosefa esejele, uFaro, inkosi yaseGibhithe, yaphupha amaphupho okwakungekho muntu okwazi ukuwachaza. Enye inceku kaFaro yamtshela ukuthi uJosefa wayengamchazela ukuthi amaphupho akhe asho ukuthini. Ngokushesha uFaro wathi akubizwe uJosefa.

UFaro wathi kuye: ‘Ungangitshela ukuthi asho ukuthini amaphupho ami?’ UJosefa wathi kuFaro: ‘IGibhithe lizoba nokudla okuningi iminyaka engu-7, bese kulandela iminyaka engu-7 yendlala. Khetha umuntu ohlakaniphile ozokuqoqela ukudla akugcine ezinqolobaneni ukuze abantu bakho bangabulawa indlala.’ UFaro waphendula: ‘Ngikhetha wena! Akekho ozoba mkhulu kunawe ngaphandle kwami!’ UJosefa wazi kanjani ukuthi asho ukuthini amaphupho kaFaro? Wasizwa uJehova.

Eminyakeni engu-7 eyalandela, uJosefa waqoqa ukudla. Ngemva kwalokho, kwaba nendlala emhlabeni wonke njengoba nje uJosefa ayeshilo. Abantu babevela kuzo zonke izindawo bezothenga ukudla kuJosefa. UJakobe uyise wezwa ukuthi kunokudla eGibhithe. Ngakho wathumela amadodana akhe angu-10 ukuba ayokuthenga.

UJosefa wababona ngokushesha abafowabo. Kodwa abafowabo abazange babone ukuthi kwakunguJosefa. Bamkhothamela njengoba nje kwenzeka ephusheni lakhe lapho esemncane. UJosefa wayefuna ukwazi ukuthi abafowabo babesenayo yini inzondo. Ngakho wathi kubo: ‘Niyizinhloli. Nizohlola ukuthi ningalinqoba kanjani izwe lethu.’ Bathi: ‘Cha! Siyizelamani ezingu-12 ezivela eKhanani. Omunye umfowethu washona kanti omncane usale nobaba.’ UJosefa wabe esethi: ‘Lethani umfowenu omncane kimi, ngizonikholwa.’ Ngakho babuyela ekhaya kuyise.

Lapho umndeni kaJakobe uphelelwa ukudla, waphinde wathumela amadodana akhe eGibhithe. Kulokhu, bahamba noBhenjamini umfowabo omncane. Ukuze avivinye abafowabo, uJosefa wafihla inkomishi yesiliva esikhwameni sokudla sikaBhenjamini wabe esethi abafowabo bayebile. Lapho izinceku zikaJosefa zithola inkomishi esikhwameni sikaBhenjamini, abafowabo bamangala. Bancenga uJosefa ukuba ajezise bona kunoBhenjamini.

Manje uJosefa wabona ukuthi abafowabo base beshintshile. UJosefa wahluleka ukuzibamba. Wavele wakhihla isililo, wathi: ‘Yimina umfowenu uJosefa. Usaphila kodwa ubaba?’ Abafowabo bamangala. Wathi kubo: ‘Ningazizwa kabi ngalokho enakwenza kimi. UNkulunkulu wangithumela lapha ukuze ngisindise ukuphila kwenu. Manje hambani niyolanda ubaba.’

Babuyela ekhaya batshela ubaba wabo izindaba ezimnandi base bephindela naye eGibhithe. Ngemva kweminyaka eminingi kangaka, ekugcineni uJosefa nobaba wakhe baphinde babonana.

“Uma ningabathetheleli abantu amaphutha abo, noYihlo ngeke awathethelele amaphutha enu.”—Mathewu 6:15