Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 20

Izinhlupho Eziyisithupha Ezalandela

Izinhlupho Eziyisithupha Ezalandela

UMose no-Aroni batshela uFaro umyalezo ovela kuNkulunkulu: ‘Uma ungabavumeli abantu bami bahambe, ngizoletha izimpukane ezincinzayo kulo lonke izwe.’ Izimpukane eziningi zangcwala eGibhithe, ezindlini zabacebile nakwezabahluphekayo. Izwe lonke lagcwala izimpukane ezincinzayo. Kodwa eGosheni, lapho kwakuhlala khona ama-Israyeli, zazingekho izimpukane ezincinzayo. Kusukela kule nhlupho yesine, izinhlupho zazihlupha abaseGibhithe kuphela. UFaro wancenga: ‘Cela uJehova ukuba asuse lezi zimpukane. Abantu bakini ngizobadedela.’ Kodwa lapho uJehova esezisusile izimpukane, uFaro waphinde washintsha umqondo. UFaro wayeyoke asithole nje isifundo?

UJehova wathi: ‘Uma uFaro engabavumeli abantu bami bahambe, izilwane zabaseGibhithe zizogula zife.’ Ngosuku olulandelayo, izilwane zaqala ukufa. Kodwa izilwane zabakwa-Israyeli zona azifanga. Noma kunjalo uFaro waqhubeka enenkani.

UJehova wabe esetshela uMose ukuthi akabuyele kuFaro aphonse umlotha emoyeni. Umlotha waphenduka waba izintuli, zagcwala emoyeni futhi zahlala kubo bonke abaseGibhithe. Izintuli zabangela ukuba bonke abaseGibhithe nezilwane zabo bamile amathumba abuhlungu. Ngisho noma kunjalo, uFaro wenqaba ukuvumela ama-Israyeli ahambe.

UJehova waphinde wathumela uMose kuFaro ethi: ‘Ingabe usenqaba namanje ukuvumela abantu bami bahambe? Kusasa kuzoba nesichotho ezweni.’ Ngosuku olulandelayo, uJehova wathumela isichotho, ukuduma kwezulu nomlilo. Sasingakaze sibe khona isichotho esinjalo eGibhithe. Salimaza zonke izihlahla nezitshalo, kodwa hhayi ezaseGosheni. UFaro wathi: ‘Cela uJehova asuse le nhlupho! Ngizonidedela.’ Nokho ngokushesha nje lapho isichotho nemvula kuphela, uFaro washintsha umqondo.

UMose wabe esethi: ‘Manje izintethe zizodla zonke izitshalo ezisale esichothweni.’ Isikhonyane sadla yonke into eyayisele emasimini nasezihlahleni. UFaro wancenga: ‘Cela uJehova axoshe lezi zintethe.’ Kodwa ngisho noma uJehova esezixoshile izintethe, uFaro akabavumelanga ukuba bahambe.

UJehova wathi kuMose: ‘Lulela isandla sakho esibhakabhakeni.’ Ngokushesha, kwaba mnyama. Kwaphela izinsuku ezintathu abaseGibhithe bengaboni lutho. Ama-Israyeli kuphela ayenokukhanya emizini yawo.

UFaro wathi kuMose: ‘Wena nabantu bakini ningahamba. Kodwa izilwane zenu kumelwe nizishiye.’ UMose wathi: ‘Kumelwe sizithathe izilwane zethu ukuze sinikele ngazo kuNkulunkulu wethu.’ UFaro wavele wacasuka kakhulu. Wathethisa uMose wathi: ‘Suka eduze kwami! Uma ngike ngakubona futhi, ngizokubulala.’

“Niyophinde niwubone umehluko phakathi komuntu olungile nomuntu omubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”—Malaki 3:18