Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 25

Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo

Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo

Ngesikhathi uMose eseNtabeni iSinayi, uJehova wathi akenze itende elikhethekile elibizwa ngokuthi itabernakele, lapho ama-Israyeli ayengamkhonza khona. Babezokwazi ukulithwala njengoba babehamba.

UJehova wathi: ‘Tshela abantu ukuba banikele ngalokho abanakho ukuze kwakhiwe itabernakele.’ Ama-Israyeli anikela ngegolide, isiliva, ithusi, amatshe ayigugu nobucwebe. Banikela nangewuli, ilineni, izikhumba zezilwane nezinye izinto eziningi. Babenezandla ezivulekile kangangokuba uMose waze wathi: ‘Sekwanele manje! Ningabe nisakuletha okunye.’

Amadoda nabesifazane abaningi abanekhono basiza ekwenzeni itabernakele. UJehova wabapha ukuhlakanipha ukuze bakwazi ukwenza lo msebenzi. Abanye babephotha futhi beluka iwuli. Kanti abanye babehlela amatshe, besebenza ngegolide noma begawula izinkuni.

Abantu benza itabernakele ngendlela uJehova ayebatshele ukuba balenze ngayo. Benza ikhethini elihle elalizohlukanisa itabernakele kabili, kube iNgcwele neNgcwelengcwele. ENgcwelengcwele kwakunebhokisi elibizwa ngokuthi umphongolo wesivumelwano. Wawenziwe ngokhuni lomtholo negolide. ENgcwele kwakukhona uthi lwesibani segolide, itafula ne-altare lokushisa impepho. Egcekeni kwakukhona isitsha sethusi ne-altare elikhulu. Umphongolo wesivumelwano wawukhumbuza ama-Israyeli ngesifungo ayesenze kuJehova. Uyazi ukuthi siyini isivumelwano? Isifungo noma isithembiso esikhethekile.

UJehova wakhetha u-Aroni namadodana akhe ukuba bakhonze etabernakele njengabapristi. Kwakufanele balinakekele futhi bayenze lapho imihlatshelo kuJehova. U-Aroni kuphela owayengumpristi ophakeme owayevunyelwe ukungena eNgcwelengcwele. Wayengena kanye ngonyaka ezonikela umhlatshelo wezono zakhe, izono zomndeni wakhe nezono zaso sonke isizwe sakwa-Israyeli.

Ama-Israyeli aqeda ukwenza itabernakele ngemva konyaka ephumile eGibhithe. Manje ayesenendawo yokukhonza uJehova.

UJehova wagcwalisa itabernakele ngenkazimulo yakhe futhi wenza ukuba kuvele ifu phezu kwalo. Uma nje ifu liphezu kwetarbenakele ama-Israyeli ayehlala lapho. Kodwa lapho ifu liphakama babazi ukuthi kufanele bahambe. Babeliqhaqha itabernakele bese belandela ifu.

“Ngemva kwalokho ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo.’”—IsAmbulo 21:3