Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 27

Bavukela UJehova

Bavukela UJehova

Kamuva, ngesikhathi ama-Israyeli esehlane, uKhora, uDathani no-Abhirami nabanye abangu-250, bavukela uMose. Bathi kuye: ‘Sesikhathele yini! Kungani kufanele siholwe nguwe, no-Aroni abe umpristi ophakeme? UJehova uphakathi kwethu sonke, hhayi kuwe no-Aroni kuphela.’ Lokhu akumjabulisanga uJehova. Kuyena kwakufana nokuthi la madoda ayevukela yena!

UMose watshela uKhora nabamsekelayo: ‘Fikani kusasa etabernakele nemicengezi yomlilo niyigcwalise ngempepho. UJehova uzosibonisa ukuthi ukhetha bani.’

Ngakusasa, uKhora namadoda angu-250 bahlangana noMose etabernakele. Lapho, bashisa impepho njengabapristi. UJehova wathi kuMose naku-Aroni: ‘Qhelani kuKhora nasemadodeni akanye naye.’

Nakuba uKhora aya kuMose etabenakele, uDathani, u-Abhirami nemindeni yabo benqaba ukuya khona. UJehova watshela ama-Israyeli ukuba asuke ematendeni kaKhora, uDathani no-Abhirami. Ama-Israyeli asuka ngokushesha. UDathani, u-Abhirami nemindeni yabo bama ngaphandle kwamatende abo. Kusenjalo umhlaba wavuleka wabagwinya bonke! Kwehla umlilo etabernakele washisa uKhora namadoda angu-250 ayekanye naye.

UJehova wabe esethi kuMose: ‘Thatha induku yomholi wesizwe ngasinye bese ubhala igama lakhe kuyo. Nokho, endukwini yesizwe samaLevi, bhala igama lika-Aroni. Zifake phakathi etabernakele, induku yomuntu engizomkhetha izomila izimbali.’

Ngakusasa uMose waletha zonke izinduku wabe esezibonisa abaholi. Induku ka-Aroni yayinezimbali futhi inama-alimondi avuthiwe. Ngale ndlela, uJehova wabonisa ukuthi wayekhethe u-Aroni ukuba abe umpristi ophakeme.

“Lalelani abaholayo phakathi kwenu nizithobe.”—Hebheru 13:17