Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 29

UJehova Wakhetha UJoshuwa

UJehova Wakhetha UJoshuwa

Ngemva kokuhola isizwe sakwa-Israyeli iminyaka eminingi, uMose wayesezokufa. UJehova wathi kuye: ‘Akuwena ozongenisa ama-Israyeli eZweni Lesithembiso. Kodwa ngizokubonisa lona.’ UMose wabe esecela uJehova ukuba akhethe umholi omusha ozoqondisa abantu. UJehova wathi: ‘Hamba uye kuJoshuwa umtshele ukuthi nguye ozohola ama-Israyeli.’

UMose watshela isizwe ukuthi usezofa futhi uJehova ukhethe uJoshuwa ukuba asingenise eZweni Lesithembiso. UMose wabe esethi kuJoshuwa: ‘Ungesabi. UJehova uzokusiza.’ Ngokushesha ngemva kwalokho, uMose wakhuphukela eNtabeni iNebo, lapho uJehova ambonisa khona izwe ayelithembise u-Abrahama, u-Isaka noJakobe. UMose wafa eneminyaka engu-120.

UJehova wabe esethi kuJoshuwa: ‘Welani uMfula iJordani ningene eKhanani. Ngizokusiza njengoba nje ngasiza uMose. Qikelela ukuthi uwufunda nsuku zonke uMthetho wami. Ungesabi, yiba nesibindi. Hamba wenze lokho engikuthume kona.’

UJoshuwa wathuma izinhloli ezimbili edolobheni laseJeriko. Endabeni elandelayo sizofunda ngokuthi kwenzekani lapho. Lapho zibuya zabika ukuthi kwakuyisikhathi esikahle sokuhlasela amaKhanani. Ngosuku olulandelayo, uJoshuwa watshela isizwe ukuba silungiselele ukuhamba. Ngemva kwalokho, wathi abapristi abaphathe umphongolo wesivumelwano bahambe phambili baye eMfuleni iJordani. Umfula wawugcwele. Kodwa ngokushesha nje ngemva kokuba izinyawo zabapristi zithinte amanzi, amanzi aqala ukuma futhi oma! Abapristi baya maphakathi nomfula base bema lapho saze sawela sonke isizwe. Kungenzeka yini ukuthi lesi simangaliso sawakhumbuza lokho uJehova akwenza oLwandle Olubomvu?

Ekugcineni, ngemva kwayo yonke le minyaka, ama-Israyeli afika eZweni Lesithembiso. Manje ayezokwazi ukwakha izindlu namadolobha. Ayezolima, abe namasimu amagilebhisi nezihlahla. Kwakuyizwe elicebile.

“UJehova uyokuhola njalo, anelise umphefumulo wakho ngisho nasezweni elomile.”—Isaya 58:11