Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 32

Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi

Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi

Ngemva kokuhola abantu bakaJehova iminyaka eminingi, uJoshuwa wafa eneminyaka engu-110. Ngesikhathi esaphila, ama-Israyeli ayekhonza uJehova. Kodwa ngemva kokufa kukaJoshuwa, aqala ukukhonza izithombe, njengoba kwakwenza abaseKhanani. Ngenxa yokuthi ama-Israyeli ayeka ukukhonza uNkulunkulu, uJehova wavumela inkosi yaseKhanani uJabini ukuba iwacindezele. Abantu bamncenga uJehova ukuba abasize. Ngakho uJehova wabanika umholi omusha, uBharaki. Wayezosiza abantu babuyele kuJehova.

UDebora, umprofethikazi, wabiza uBharaki. Wayenomyalezo ovela kuJehova, othi : ‘Thatha amadoda angu-10 000 uhambe nawo uyolwa nebutho likaJabini emfudlaneni waseKishoni. Nizomehlula uSisera, isikhulu sebutho likaJabini.’ UBharaki wathi kuDebora: ‘Ngizohamba kuphela uma uzohamba nami.’ UDebora wathi: ‘Ngizohamba nawe. Kodwa yazi ukuthi akuwena ozobulala uSisera. UJehova uthe uzobulawa owesifazane.’

UDebora wahamba noBharaki nebutho lakhe baya eNtabeni iThabori balungiselela impi. Ngokushesha nje lapho uSisera ezwa lokho, wabuthela ndawonye izinqola zakhe zempi namabutho akhe empi behlela esigodini. UDebora wathi kuBharaki: ‘Namuhla uJehova uzokusiza unqobe le mpi.’ UBharaki namadoda angu-10 000 ayekanye naye bagijima besuka entabeni, behlela esigodini ukuyolwa nebutho likaSisera elinamandla.

UJehova wabe esebangela ukuba umfudlana waseKishoni uphuphume. Izinqola zikaSisera zabhajwa odakeni. USisera wayishiya inqola yakhe wabaleka ngezinyawo. UBharaki namasosha akhe balinqoba ibutho likaSisera, kodwa uSisera waphunyuka! Wabaleka wabe esecasha etendeni lowesifazane, uJayeli. Lona wesifazane wamnika ubisi ngemva kwalokho wamembathisa ingubo yokulala. Leli qhawe elalikhathele labe selizumeka lalala. UJayeli wabe esemnyonyobela wamgwaza ekhanda ngesikhonkwane setende, wafa.

UBharaki wafika kuleyo ndawo efuna uSisera. UJayeli waphuma etendeni wabe esethi kuye: ‘Ngena. Ingaphakathi indoda oyifunayo.’ UBharaki wangena wabona uSisera elele phansi efile. UBharaki noDebora badumisa uJehova ngengoma ngenxa yokuthi wawasiza ama-Israyeli anqoba izitha zawo. Kwaphela iminyaka engu-40 kunokuthula kwa-Israyeli.

“Abesifazane abamemezela izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.”—IHubo 68:11