Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 39

Inkosi Yokuqala Yakwa-Israyeli

Inkosi Yokuqala Yakwa-Israyeli

UJehova wanika ama-Israyeli abaholi abangabahluleli, kodwa wona ayesefuna inkosi. Athi kuSamuweli: ‘Zonke izizwe ezisizungezile zinamakhosi. Nathi siyayifuna.’ USamuweli wakubona kungalungile lokho, ngakho wathandaza kuJehova. UJehova wathi kuye: ‘Akukhona ukuthi abantu abasafuni wena. Abasafuni mina. Batshele ukuthi bangayithola inkosi kodwa kunezinto eyozifuna ngenkani kubo.’ Ngisho noma kunjalo, abantu bathi: ‘Asinandaba. Sifuna inkosi thina!’

UJehova watshela uSamuweli ukuthi uSawule ozoba inkosi yokuqala. Lapho uSawule evakashela uSamuweli eRama, uSamuweli wamgcoba waba inkosi ngokumthela ngamafutha ekhanda.

Kamuva uSamuweli wawabizela ndawonye ama-Israyeli ukuze awabonise inkosi yawo entsha. Lapho kudingeka avele phambi kwabantu, uSawule wacasha. Bamfuna yonke indawo, ekugcineni bamthola ezifihle phakathi kwemithwalo, base bemkhipha bammisa phakathi kwabantu. USawule wayemude kunawo wonke umuntu lapho futhi ebukeka kahle impela. USamuweli wathi: ‘Nayi inkosi ekhethwe uJehova.’ Abantu baqala ukumemeza: ‘Mayiphile inkosi!’

Ekuqaleni iNkosi uSawule yayimlalela uSamuweli futhi yenza konke uJehova akushoyo. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi yashintsha. Ngokwesibonelo, inkosi kwakungafanele yenze imihlatshelo. Ngesinye isikhathi, uSamuweli watshela uSawule ukuba amlinde, kodwa uSamuweli wangashesha ukufika. Ngakho uSawule wakhetha ukuwenza yena umhlatshelo. Yini uSamuweli ayenza? Wathi: ‘Bekufanele ulalele uJehova.’ USawule wayezofunda yini ephutheni ayelenzile?

Kamuva, lapho uSawule ehlasela ama-Amaleki, uSamuweli watshela uSawule ukuba angashiyi noyedwa ephila. Kodwa uSawule wanquma ukungayibulali iNkosi u-Agagi. UJehova wathi kuSamuweli: ‘USawule ungishiyile futhi akangilaleli.’ USamuweli wadumazeka kakhulu futhi wathi kuSawule: ‘Ngenxa yokuthi awulaleli, uJehova uzokhetha enye inkosi.’ Njengoba uSamuweli ephenduka ehamba, uSawule wabamba uSamuweli kwaklebhuka umphetho wejazi lakhe. USamuweli wabe esethi kuSawule: ‘UJehova uwususile umbuso kuwe.’ UJehova wayezowunika umuntu owayezomthanda futhi amlalele.

“Ukulalela kungcono kunomhlatshelo.”—1 Samuweli 15:22