Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 40

UDavide NoGoliyati

UDavide NoGoliyati

UJehova wathi kuSamuweli: ‘Hamba uye endlini kaJese. Enye yamadodana akhe izoba inkosi elandelayo yakwa-Israyeli.’ Ngakho uSamuweli waya endlini kaJese. Lapho ebona indodana kaJese endala wathi: ‘Kumelwe ukuba yiyo le nsizwa ezoba yinkosi.’ Nokho uJehova watshela uSamuweli ukuthi kwakungeyona. UJehova wathi: ‘Ngibona okusenhliziweni yomuntu, hhayi nje ukubukeka kwangaphandle.’

UJese waletha amanye amadodana akhe ayisithupha. Nokho uSamuweli wathi: ‘UJehova akakhethanga noyedwa kulawa. Akhona yini amanye amadodana?’ UJese wathi: ‘Ukhona owokugcina, uDavide. Usaphumile uyokwalusa izimvu zami.’ Lapho uDavide ebuya, uJehova watshela uSamuweli: ‘Nguye lona!’ USamuweli wathela amafutha ekhanda likaDavide, wamgcoba njengenkosi elandelayo yakwa-Israyeli.

Ngemva kwesikhathi, ama-Israyeli alwa namaFilisti. AmaFilisti ayenesosha eliwumdondoshiya igama lalo kwakunguGoliyati. Usuku nosuku, uGoliyati wayegcona ama-Israyeli. Ememeza ethi: ‘Ngithumeleleni indoda ezolwa nami. Uma ingihlula, sizoba yizigqila zenu. Kodwa uma ngiyihlula nizoba yizigqila zethu.’

UDavide weza ekamu lama-Israyeli elethele abafowabo ukudla, ababengamasosha. Wamuzwa uGoliyati wathi: ‘Ngizolwa naye!’ Inkosi uSawule yathi: ‘Kodwa wena usengumfana nje.’ UDavide waphendula wathi: ‘UJehova uzongisiza.’

USawule wazama ukugqokisa uDavide izimpahla zakhe zempi, kodwa uDavide wathi: ‘Angikwazi ukulwa ngigqoke lezi zimpahla.’ Ngemva kwalokho, uDavide wathatha indwayimane yakhe waya emfuleni. Wakhetha amatshe amahlanu abushelelezi wawafaka esikhwameni. Ngemva kwalokho uDavide wagijima waya kuGoliyati. Umdondoshiya wamemeza: ‘Woza la mfana omncane. Umzimba wakho ngizowuphakela izinyoni zezulu nezilwane zasendle.’ UDavide wayengesabi. Naye wamemeza: ‘Uza kimi nenkemba nomkhonto, kodwa mina ngiza ngegama likaJehova. Awulwi nathi, ulwa noNkulunkulu. Wonke umuntu olapha uzobona ukuthi uJehova unamandla kunenkemba nomkhonto. Uzoninikela nonke esandleni sethu.’

UDavide wafaka itshe endwayimaneni yakhe wayishwiba ngamandla akhe onke. Ngosizo lukaJehova, itshe laphuma endwayimaneni layoshaya isiphongo sikaGoliyati langena kuso. Umdondoshiya wawa, wafa. Ngemva kwalokho amaFilisti abaleka. Ingabe uyamethemba uJehova njengoDavide?

“Kubantu akunakwenzeka, kodwa akunjalo kuNkulunkulu, ngoba zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.”—Marku 10:27