Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 41

UDavide NoSawule

UDavide NoSawule

Ngemva kokuba uDavide ebulele uGoliyati, iNkosi uSawule yambeka ukuba aphathe ibutho lakhe. UDavide wanqoba izimpi eziningi futhi waduma yonke indawo. Njalo lapho uDavide ebuya empini, abesifazane babedansa bacule: ‘USawule ubulele abayizinkulungwane, kodwa uDavide ubulele amashumi ezinkulungwane!’ USawule waba nomona ngoDavide futhi wafuna ukumbulala.

UDavide wayekwazi kahle ukudlala ihabhu. Ngolunye usuku lapho uDavide edlalela uSawule ihabhu, inkosi yamjikijela ngomkhonto. UDavide wagoba, umkhonto wadlula wagwaza udonga. Ngemva kwalokho, uSawule wazama izikhathi eziningi ukubulala uDavide. Ekugcineni, uDavide wabaleka wacasha ogwadule.

USawule wathatha ibutho elinamasosha angu-3 000 wayofuna uDavide. Wangena emhumeni uDavide namadoda ayenaye ababecashe kuwo. Amadoda ayenoDavide amhlebela athi: ‘Leli ithuba lakho lokubulala uSawule.’ UDavide wagaqa waya kuSawule wasika umphetho wejazi lakhe. USawule akabonanga. Ngemva kwalakho, uDavide wazizwa kabi ngokuthi akabonisanga inhlonipho enkosini egcotshwe uJehova. Akazange awavumele amadoda ayekanye naye ukuba ahlasele uSawule. Waze watshela uSawule ukuthi ubengambulala ukube ubethanda. Ingabe uSawule wawushintsha umqondo wakhe ngoDavide?

Cha. USawule waqhubeka ezingela uDavide. Ngolunye usuku uDavide nomshana wakhe u-Abhishayi bacathama bangena ekamu likaSawule. Ngisho no-Abhineri, umqaphi kaSawule, wayelele. U-Abhishayi wathi: ‘Leli ithuba lethu! Ngivumele ngimbulale.’ UDavide wamphendula wathi: ‘UJehova uzongiphindiselela kuSawule. Asimane sithathe umkhonto wakhe nojeke wamanzi bese siyahamba.’

UDavide waya entabeni eyayiseduze kwekamu likaSawule. Wabe esememeza ethi: ‘Abhineri, kungani ungayivikelanga inkosi yakho? Uphi ujeke nomkhonto kaSawule?’ USawule wezwa ukuthi uDavide okhulumayo wabe esethi: ‘Ubungangibulala, kodwa awungibulalanga. Ngiyazi ukuthi uzoba yinkosi elandelayo yakwa-Israyeli.’ USawule wabuyela esigodlweni sakhe. Nokho akubona bonke emndenini kaSawule ababemzonda uDavide.

“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka.”—Roma 12:18, 19